I-ANC ingabadayisi - OweZanu-PF
Intsha ezinze edolobheni laseGoli, eseqenjini elibusayo eZimbabwe, iZanu-PF, isigxeke i-ANC yathi ingabadayisi, futhi iyathinteka ekubulaweni koMholi waseLibya.
View ArticleUthishanhloko wangipotoza - Umfundi
Umfundi wakwaGrade 10, esikoleni samabanga aphakeme eKagiso, uthi uthishanhloko wabo wamkhombisa izithombe zocansi, wamtshela nokuthi uzomfeyilisa uma engahlukani nesoka.
View ArticleAngase alinde amasonto amabili uKarabus
USolwazi uCyril Karabus kuzodingeka alinde ngaphambi kokuba abuyele ekhaya njengoba abezokushushisa e-UAE, benezinsuku ezingu-14 zokuphikisa isinqumo senkantolo.
View ArticleZisimise kabi izingozi isisebenzi sikamasipala
Isisebenzi eMnyangweni wezokucisha umlilo kuMasipala waseMsunduzi, sesiphinde sahlangabezana nengozi, sashayisa ukuphela kweveni lomsebenzi elikhona.
View ArticleAmaphoyisa elikaTatane afuna kusulwe icala
Amaphoyisa ayisikhombisa asolwa ecaleni lokufa kombhikishi u-Andries Tatane, kulindeleke ukuthi afake isicelo sokuthi iNkantolo yesiFunda eFicksburg, ihoxise amacala.
View ArticleKushone owesifazane wgunquka nemoto
Kushone owesifazane ngesikhathi kwehla ingozi yomgwaqo, imoto yakhe iginqika emgwaqeni ongu-R64, ngaseKimberley, eNorthern Cape, kusho abahambisa usizo oluphuthumayo.
View ArticleKuphakanyiswe usuku lwesicelo sikaPistorius
Seluphakanyisiwe usuku inkantolo engase ilalele ngalo isicelo sokuzama ukuhoxisa imibandela yebheyili eyanikwa umsubathi u-Oscar Pistorius.
View ArticleKugxekwe ukubulawa kwamaSulumane akuleli
Iqembu lezombusazwe i-Al Jama-Ah, selikugxekile ukubulawa kwabantu abahlanu abangamaSulumane, abadabuka ePakistani, ababulawe eMitchell's Plain, eKapa.
View ArticleUSeriti angase azithole esenkingeni
USihlalo we-Arms Procurement Commission uJaji Willie Seriti, kungenzeka ayiswe enkantolo uma ehluleka ukuchaza ukuthi kungani ehluleka ukubeka i-ANC amacala.
View ArticleOwesifazane waseKapa wangcwatshwa nezinja
Owesifazane waseKapa utholwe engcwatshwe egcekeni kanye nezinja zakhe kanti amaphoyisa asebophe isoka lakhe ngenhloso yokulipheka ngemibuzo.
View ArticleSesinamalungu angu-1 000 - Iqembu elisha
Iqembu elisha lezombusazwe, iWorkers and Socialist Party (Wasp), isisunguliwe eNingizimu Afrika kanti ubuholi buthi sebuqalile ukwazisa abantu ngeqembu.
View ArticleKuboshwe uthisha eMelmoth
Uthisha esikoleni esiseMelmoth, KwaZulu-Natal, uzovela ngaphambi kwenkantolo, mayelana necala lokushaya abafundi abahlanu, kusho amaphoyisa.
View ArticleKubulawe indoda eQolorha
Kufunwa abadubule babulala indoda ebesebumnandini banangani , endaweni yaseQolorha, eButterworth, kusho amaphoyisa aseEastern Cape.
View ArticleWethule isabelozimali uZille
UNdunankulu waseWestern Cape uHelen Zille wethule isabelomali nala khona ebeke eqhulwini ukuthuthukiswa kwamakhono nokwenza kangcono umsebenzi.
View ArticleKuboshwe abanye kwelokubulala eKapa
Kuphinde kwaboshwa abanye abantu ababili mayelana nesigameko sokubulawa kwabangabokudabuka ePakistan, eRocklands, eMitchells Plain, kusho amaphoyisa aseWestern Cape.
View ArticleI-ANC ifuna u-70% wamavoti eKZN
I-African National Congress isiveze ukuthi izimisele ngokuthatha amavoti ayisilinganiso esingu-70% KwaZulu-Natal okhethweni lwangonyaka ozayo.
View ArticleImizamo yokunqanda i-TB emajele
Zonke iziboshwa ezingena ezikhungweni zoMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo sezizohlolelwa isifo sofuba kuqala, kusho umbiko wakamuva.
View ArticleAngeke babekwe amacala okubulala abashayeli
Ngemuva kokugwetshwa komshayeli wetekisi uJacob Humphrey, 57, kusazothi ukuma kancane ukubekwa amacala okubulala, kwabashayeli abadala izingozi zomgwaqo kushone abantu.
View ArticleAyikatholakali imamba eyaduka
U"Houdini", nokuyimamba emnyama engamamitha amabili ubude eyeqa lapho yabe ivalelwe khona ePretoria Zoo emasontweni amabili edlule, ayikatholakali kuze kube yimanje.
View ArticleUmgqekezi usebenzise iqhinga locansi
Owesilisa obanjwe egqekeza emzini oseKapa uzame ukuphunyuka ngokuthi atshele umnikazi womuzi ukuthi ubenza ucansi, kusho umbiko.
View Article