Kuzokwethulwa iqembu elisha lezombusazwe
Kulindeleke ukuthi kwethulwe ngokusemthethweni iqembu elisha lezombusazwe iWorkers and Socialist Party (Wasp), ezokwethulwa eTshwane.
View ArticleOdilikajele ababili kowadlwengula wabulala ingane
INkantolo eNKulu yasePongola, iyinike odilikajele ababili indoda yaKwaZulu-Natal, elahlwe yicala lokudlwengula nokubulala ingane yentombazane eneminyaka egu-13 ubudala.
View ArticleKudutshulwe abavukuzi esitelekeni eMpumalanga
Kudutshulwe kwalinyazwa abasebenzi basemayini ababili, ngesikhathi kuqhubeka isiteleka sabasebenzi emayini yamalahle engaphansi kweShanduka Coal, iGraspan, eMpumalanga.
View ArticleUFarlam ududuze udadewabo wephoyisa elabulawa
USihlalo weKhomishana kaFarlam uJaji Ian Farlam, ududuze udadewabo wephoyisa alabulawa eMarikana ngenyanga ka-Agasti nyakenye, ngesikhathi kuqhubeka isiteleka sabavukuzi.
View ArticleKushiswe amabhasi akwaPutco
Ababhikishi abebevutha bengabaselwe bathungele ngomlilo amabhasi amabili akwaPutco eNkangala ngaseBronkhorstspruit ngaphandle kwasePitoli.
View ArticleKushone indoda icindezelwa yizinsimbi
Owesilisa ugaywe yizinsimbi washona ngesikhathi ziphunyuka ku-crane lapho zigaywa khona eKimberley, kusho abezimo eziphuthumayo.
View ArticleLinikezwe ibheyili ipholisa kwelokuhudula
Iphoyisa elisolwa ngokuhudula umlisa ngemoto selidedelwe ngebheyili yiNkantolo yeMantshi yaseMmabatho, ngokusho kombiko wakamuva.
View ArticleAbagibeli bajikise ibhasi yakwaRoadlink
Abagibeli abebediniwe kusolakala ukuthi baphoqe ukuba umshayeli webhasi lakwaRoadlink alijikise ibhasi ngemuva kokuba kubonakele ukuthi ngeke lifike lapho liya khona.
View ArticleAbabili balunywe yizinja ezinamarabi eKZN
Owesilisa ohlala emgwaqeni kanye nengane, abangaseManzimtoti, bangabakamuva ukuhlaselwa yinja ezinesifo samarabi KwaZulu-Natal, kusho umbiko.
View ArticleULungisa unethemba lokuhola i-ANCYL
Lowo owayeyilungu lekomidi eliphezulu le-ANCYL u-Andile Lungisa, waphinda waba ku-NYDA, uzibona esemathubeni amahle okuba ngumengameli omusha walolu phiko.
View ArticleNingadikibali ukulwela amalungelo - HRC
Abantu abaningi bakuleli laseNingizimu Afrika basaqhubeka nokulwela ukuvikeleka kwamalungelo abantu amqoka, kusho izinhlangano ezehlukene.
View ArticleLimthethile icala uKarabus
Inkantolo yase-United Arab Emirates ithole uSolwazi Cyril Karabus engenacala, kusho uMnyango wezokuXhumana kwamaZwe.
View ArticleUhulumeni wabalahla abavukuzi - UDM
Iningi labavukuzi lizibona lilahliwe nguhulumeni kanti selijoyina amaqembu aphikisayo, kusho uNobhala Jikelele we-UDM uBongani Msomi eMarikana.
View ArticleIzovulwa ngozayo inyuvesi eKimberley
Inyuvesi yokuqala eNorthern Cape kulindeleke ukuba iqale ukusebenza ngo-2014, kusho uMnyango wezeMfundo ePhakeme, nokuinto ebhekwe ngamehlo abomvu.
View ArticleAkusizi ukuthi umengameli ungumZulu - Buthelezi
Ukuba nomengameli wezwe ongumZulu akusho ukuthi izinto zizokuba ngcono kunakuqala, kusho umholi weNkatha Freedom Party uMangosuthu Buthelezi.
View ArticleBazovela ababanjwe nensangu eBisho
Kulindeleke avele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseZwelitsha, amadoda amabili abanjwe nensangu engaba yinani lika-R3.7 million ngentengo yasemgwaqeni.
View ArticleYekani ukukhuluma kabi ngezwe lenu - Zuma
Abantu baseNingizimu Afrika kumele bayeke ukukhuluma kabi ngezwe labo balimaze nomnotho, kusho uMengameli weZwe uJacob Zuma, ekhuluma emgubhweni wosuku lwamaLungelo.
View ArticleKuboshwe obehamba ngesivinini esiphezulu
Ilale ibaliwe indoda yaseKrugersdorp ebanjwe ishayela imoto ihamba ngesivinini esiphezulu emgwaqeni ongu-N1, eGoli, kusho amaphoyisa kamasipala.
View ArticleBamdumisa nasenhluphekweni abengozi yebhasi
Abagibeli abasinda kwinhlekelele yengozi yebhasi eyadlula nemiphefumulo yabantu abangu-24, bathi babelokhu behlabelela ngesikhathi bethola ukuthi ibhasi linenkinga.
View ArticleKushone 6 izimoto zishayisa izinkomo
Abantu abayisithupha bashonile esehlakalweni sengozi yomgwaqo, ehlanganisa izimoto ezintathu nezinkomo, kusho amaphoyisa esifundazweni sase-Eastern Cape.
View Article