Kuqokwe ubuholi obusha eLimpopo
Amalungu athize e-ANC, aseqokelwe ukuba ngabaqalibendlela eqenjini, esifundazweni saseLimpopo, kulandelwa ukuhlakazwa kobuholi ngesinto eledlule.
View ArticleBashonile abajikiswe esibhedlela
Agcine ngokudlula emhlabeni amadoda amabili ajikiswe esibhedlela saseThekwini, kulandela ukuthi ejikisiwe kwathiwa abekho odokotela, kusho umbiko wabezindaba.
View ArticleUManyi uzosungula inhlangano 'yezifundiswa'
Owayekhulumela uhulumeni, uJimmy Manyi uzohola ukusungulwa kwenhlangano ezobhekela izifundiswa eqenjini i-African National Congress.
View ArticleKubulawe isangoma saseMarikana
Isangoma okukholakala ukuthi yisona esasebenza abasebenzi baseLonmin ababetelekile eMarikana, eNorth West, sidutshuliwe, kutshelwe iKhomishana kaFarlam.
View ArticleLusejajini olwamawele aphucwe amamaki esikoleni
Ufuna usizo lwenkantolo ubaba wamawele asesikoleni esiseThekwini, kulandela ukuthi isikole siphuce abafana amamaki, sibasola ngokuletha umsebenzi ofanayo.
View ArticleUMthethwa unxuse ukuziphatha kahle emaphoyiseni
UNgqongqoshe wamaPhoyisa uNathi Mthethwa ucele amaphoyisa ukuba agadane wodwa ukuze kuqinisekiswe ukuthi isithombe sawo sihlala sisihle ezweni.
View ArticleAmasosha abelwa nezihonga ezingu-3 000 - SANDF
Abalelwa ku-200 amasosha aseNingizimu Afrika ekuthiwa abambe impi namavukelambuso angu-3 000, aseCAR, kusho umbiko wesikhulu kuSA National Defence Force.
View ArticleUmfundi uchaza ngobunzima baseCuba
Ngesikhathi uShanice Moodley esifulathela isifundazwe elibhekise eCuba ukuyofundela ezobudokotela ngaphansi kohlelo loMnyango wezeMpilo wayenethemba ngekusasa.
View ArticleUthi uyabhecwa osolwa kwelobhejane
Indoda esolwa ngokubulala ubhejane nokuwuphula uphondo, ivele ngaphambi kwenkantolo, yathi ibhecwa ngobubende inyama ingayidlanga.
View ArticleUgwetshwe kabuhlungu uMoyo
Ilanga lishone emini kwisigilamkhuba esidume ngokweqa ejele uBongani Moyo, 30, ngesikhathi ijaji eNkantolo eNkulu ePitoli, limgweba iminyaka engu-62 ejele.
View ArticleBafuna abuye amasosha akuleli atshalwe eCAR
Iqembu iFreedom Front Plus likanye nenyunyana iSA National Defence Union, sebecele ukuthi isukunyelwe indaba yamasosha akuleli atshalwe eCentral African Republic.
View ArticleKuboshwe owayengungqongqoshe eLimpopo
Owayengungqongqoshe eLimpopo uzolala ebaliwe kulandela ukuboshwa, kusho uphiko oluphenya ngamacala athinta izikhulu, oKlebe.
View ArticleIGauteng isilulungele uhlelo olusha lwama-ARVs
UMnyango wezeMpilo eGauteng usukulungele ukuhlinzeka ngephilisi elisha lomshanguzo wegciwane lengculazi (FDC) kusukela ngo-Epreli 1 nonyaka.
View ArticleUphekwa ngemibuzo uPhiyega
UKhomishana wamaPhoyisa kuZwelonke uRiah Phiyega akakhulumanga kahle ngesikhathi ekhuluma ngemuva kokudutshulwa kubulawe abavukuzi abangu-34
View ArticleIsiphihli eshada abathathu
U-Amos Mkhonto, 54, ushiye umphakathi ungawuvali umlomo ngesikhathi eshada amakhosikazi akhe amathathu ngosuku olulodwa emcimbini obuseqophelweni eliphezulu.
View ArticleUMazibuko akafuni kuphenywe - DA
UNgqongqoshe woMnyango wezokuPhepha koMphakathi eGauteng uFaith Mazibuko, ukuchithile ukuthi kusungulwe ikhomishana ezophenya ngokuhlukumeza kwamaphoyisa.
View ArticleAbadlwenguli bathole udilikajele eKZN
INkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ikhiphe izigwebo zodilikajele ababili kubadlwenguli abalahlwe ngelokudlwengula, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal.
View ArticleAbafana baboshelwe ukubulala intombazane
Amaphoyisa aseGoli, athi abafana ababili baboshiwe mayelana necala lokubulawa kwentombazana eneminyaka engu-14 ubudala, eyabulawa eNaturena, eningizimu neGoli.
View ArticleUbanjwe nezitifiketi zaka-matric ezingumgunyathi
Amaphoyisa aseGoli, abambe indoda ethize ebilayashe emotweni izitifiketi zikamatikuletsheni ezingumgunyathi, kusho umbiko othi indoda ibanjwe elokishini laseTsakane.
View ArticleWayegula umshayeli webhasi eyadala ingozi
Umshayeli webhasi eyadala ingozi kwashona abantu abangu-23, ngonyaka ka-2010, wabe egula kakhulu engakwazi nokuyisusa, kusho ubufakazi eNkantolo yeMantshi yaseKapa.
View Article