Quantcast
Channel: isiZulu Ningizimu Afrika
Browsing all 27149 articles
Browse latest View live
↧

'Sidinga izimpendulo ngamasosha ashonile'

Ayanyuka amaphimbo athi makuphenywe ukuthi sasithini isizathu sokuthunyelwa kwamasosha akuleli eCentral African Republic, kulandela ukuthi kushone angu-13 awo.

View Article


Kunxuswe uzinzo kuboshwa ikhansela le-IFP

UMnyango wezokuThutha nokuPhepha koMphakathi KwaZulu-Natal ukwamukele ukuboshwa kwekhansela leNkatha Freedom Party KwaMashu.

View Article


Libukeka libagojela osomatekisi

Osomatekisi abathathu ababekwe amacala mayelana nodlame lwamatekisi olwaqubuka eMpumalanga naseGauteng ngeminyaka yawo-1990, kumele batholwe benecala.

View Article

Kuboshwe 3 ngokubulawa kowayeyikhansela

Kuboshwe amadoda amathathu eKabokweni, ngaseWhite River, mayelana nezigameko zokugqekezwa kwemizi nokubulala, kusho amaphoyisa aseMpumalanga.

View Article

Kulimale 16 engozini eGauteng

Babalelwa ku-16 abantu abalimalile ngesikhathi itekisi abebeyigibele itholana phezulu nenye imoto eFlorida Glen, eRoodepoort, entshonalanga neGoli.

View Article


Kukhulu okonakele emaphoyiseni - Uchwepheshe

Izehlakalo zokungaziphathi ngendlela ezenziwa ngamaphoyisa, akusizo nje izehlakalo ezenziwa yiqeqebana elingaziphethe kahle, yizinkomba zomonakalo okhona vele.

View Article

Bazitike ngensangu abantu baseSaulsville

Kutholakale insimu yomthunzi wezinkukhu endaweni yaseSaulsville, ePitoli, kwabonakala izinkumbi zabantu bendawo beyozitika ngesivuno salesi sitshalo esingavumelekile.

View Article

I-SANDF iphika imibiko yakamuva

ISA National Defence Force (SANDF) iyiphebezile imibiko ethi amasosha aseCentral African Republic (CAR) yiwo ahlasele abulala amasosha akuleli.

View Article


Kuzocaca ngephoyisa eladubula labulala umsolwa

Iphoyisa laseGoli, eladubula labulala umsolwa owayezama ukweqa ebe eboshwe izandla, lizokwazi ikusasa lalo kungekudala, kusho uphiko olubhekele ukuziphatha kwabaphoyisa.

View Article


Kubulawe obefundela ubudokotela eThekwini

Umfundi wesifazane obesesalelwe ngamasosnto amabili kuphela ukuthi agogode ezifundewni zakhe, utholakale edlwengulwe wabulawa esikhungweni esihlala abafundi eThekwini.

View Article

Ugwetshiwe owengozi yebhasi

IMansthi uBruce Langa igwebe uSisa Nonama, 41, iminyaka eyisishagalolunye esezikhindini, emithathu kuyona izolengiswa iminyaka emihlanu.

View Article

Konke kusobala ngezempilo zakuleli - Denosa

Umbiko wezibalo zakamuva ubeka obala izingqinamba amanesi aseNingizimu Afrika, ahlale egxekelwa zona, kusho inyunyana yabasebenzi bezempilo iDenosa.

View Article

Intukuthelo ngokudlwengula kowathola ushwele

Ongaphandle ngoshwele usolwa ngokudlwengula intombazane yaseSoweto, 15, isendleleni elibhekise ekhaya iphuma esikoleni ngeledlule.

View Article


Bajabulele uRamphele abahlali base-Alex

Abahlali base-Alexandra basale behlabeke umxhwele ngemuva kokuhanjelwa kwabo yisishoshovu sezombusazwe uMamphela Ramphele, osanda kusungula iqembu lakhe i-Agang SA.

View Article

Ibiyiqhawe inkosi uSigcau - Zuma

Inkosi ekhotheme uThandizulu Sigcau waba yiqhawe wavikela umhlaba abokufika abanomona ababefuna ukuwudla baqale kuwo imayini, kusho uMengameli uJacob Zuma.

View Article


Kuboshwe 27 waseZimbabwe eGoli

Bazolala bebaliwe abantu abangu-27 abadabuka eZimbabwe, kulandela kuthi babanjwe bemba igolide eSibanye Gold, eWestonaria, eGoli.

View Article

Liyaqhubeka elikaMaqubela

Uma kukhona indawo ekusayine kuyo abantu ababili kodwa kubukeka kufana ncamashi, kungenzeka ukuthi kukhona la kunomkhuba khona phakathi.

View Article


Kungani kumele kufe abakuleli - Mazibuko

UMengameli uJacob Zuma kumele achazele amalungu ePhalamende ngesinqumo sokuthunyelwa kwamasosha eSA National Defence Force, ezweni laseCentral African Republic.

View Article

Kuzoba nenkonzo yamasosha eSANDF

Kuzobanjwa inkonzo yokwamukela izidumbu zamasosha angu-13 akuleli asale enkundleni eCentral African Republic ngesikhathi elwa nezihonga, kusho iSA National Defence Force.

View Article

UMnyango uphika izinsolo ngokutshalwa kwamasosha

UMnyango wezokuVikela uphike wama ngentaba ukuthi uMengameli Jacob Zuma wayenezinhloso ezithile ngesikhathi etshala amasosha eCentral African Republic.

View Article
Browsing all 27149 articles
Browse latest View live


<script src="https://jsc.adskeeper.com/r/s/rssing.com.1596347.js" async> </script>