Quantcast
Channel: isiZulu Ningizimu Afrika
Browsing all 27149 articles
Browse latest View live
↧

Akukaboshwa muntu ngelokubulala

Amaphoyisa asafuna uthuli umbulali wowesifazane waseLethabong, ngaseRustenburg, obulawe nendodakazi yakhe, kusho amaphoyisa aseNorth West.

View Article


Kubuzwe ngeqhaza likaMthethwa kolwaseMarikana

Kubuzwe ngendima eyadlalwa nguNgqongqoshe wezamaPhoyisa uNathi Mthethwa ngaphambi nangemuva kwesibhicongo sango-Agasti 16 eMarikana ngaphambi kweKhomishana kaFarlam.

View Article


Kudliwe ipulazi likaMalema

Selidliwe ipulazi ekukholakala ukuthi ngelomsolwa ecaleni lokukhwabanisa uJulius Malema, nowaxoshwa ekubeni ngumengameli wophiko lwentsha ye-ANC.

View Article

Ngakhula kanzima - Moyo

Isigelekeqe esaziwa ngokweqa ejele uBongani Moyo wayekhula kanzima ngesikhathi esangumfana ekhulela eZimbabwe, kusho ubufakazi obethulwe eNkantolo eNkulu enhla nePitoli.

View Article

Bazohudula izinyawo othisha eKZN - Sadtu

Othisha ezikoleni zaKwaZulu-Natal bazoya ezikoleni ngesonto elizayo kodwa bazobe beshaya ngonyawo lonwabu, kusho inyunyana yabo iSA Democratic Teachers' Union (Sadtu)

View Article


Intsha emnyama ayiwethembi amaqembu ezombusazwe

Isilinganiso esingu-41% sabantu abasha abamnyama ngokwebala, asiwethembi amaqembu ezombusazwe akuleli, kusho umbiko wocwaningo.

View Article

Ikhehla lishiswe nge-ayina libanjwa inkunzi

Ubhandishe isisu sonke umkhulu wasesigcemeni sakwa-J eBotshabelo, eFree State, ngemuva kokuthi eshiswe ngabafana nge-ayina bembamba inkunzi.

View Article

Kushone 2 engozini eHeidelberg

Indoda nengane enonyaka ubudala baficwe ngukufa ngesikhathi kugingqika itekisi abebeyigibele emgwaqeni uN3, eHeidelberg, kusho abosizo lokuqala.

View Article


Ziqhuba kahle ejele izelamani zakwaLotter

Amadoda avikela ukugwetshwa kwabantu abathathu esikhathini esingangonyaka esedlule ngokubulala uJohan noRiekie Lotter sebephumele obala bathi konke kuhamba kahle.

View Article


Kudutshulwe ababili eKZN

Kulimale abantu ababili ngesikhathi kuqubuka impi yezulu lazandla eBallito, KwaZulu-Natal, kusho abezimo eziphuthumayo.

View Article

I-SAHRC yamukele isinqumo ngabokufika

Inhlangano yamalungelo iSAHRC isamukele isinqumo seNkantolo eNkulu yaseKapa, sokuthi uMnyango wezaseKhaya uvule kabusha isikhungo esikhoselisa abokufika.

View Article

Ngangiheha amabhizinisi - Mokonyane

UNdunakulu waseGauteng uNomvula Mokonyane uthi wasebenzisa ikhadi lakhe lomsebenzi (credit card), ukuzama ukuheha amabhizinisi esifundazweni.

View Article

Waxoshwa owanqaba ukwandisela umfundi amamaki

Uthisha wasesikoleni samabanga aphakeme eNorthern Cape, waxoshwa emsebenzini ngoba enqabe ukuchathaza kancane amamaki omfundi kuze ezophasa.

View Article


Kuboshwe umfundi ngokubulawa komunye

Umfundi ka-grade 11 waseKapa ubhokodwe ngommese washona ebhasini, kusho umbiko wephephandaba iCape Times.

View Article

Kubulawe 5 kuphangwa eKapa

Kubulawe abantu abayisihlanu eRocklands, eMitchells Plain, eKapa, ngesikhathi kunesigameko sokuphanga, kusho amaphoyisa aseWestern Cape.

View Article


Usazogqunywa esitokisini owadlwengula usana

Indoda yaseKapa esolwa ngokudlwengula usana olunezinyanga ezine luzelwe kulindeleke ivele eNkantolo yesiFunda yaseParow ezinyangeni ezintathu ezizayo, ngokusho kombiko.

View Article

I-IFP income isinqumo ngabokufika

INkatha Freedom Party isisamukelile isinqumo seNkantolo eNkulu yaseKapa, ethe kumele uMnyango wezaseKhaya uvule kabusha isikhungo sokukhoselisa abokufika.

View Article


Ubaba uzimisele ngokuliphika elokudlwengula

Indoda yakwaDambuza ivele kancane eNkantolo yeMantshi yaseMgungundlovu ngezinsolo zokudlwengula indodakazi yayo eneminyaka eyisithupha ubudala.

View Article

UJim uthi i-ANC ikhipha iCosatu inyumbazana

Isikhulu enyunyaneni iNumsa, u-Irvin Jim, usesuse umsindo ngesikhathi ekhuluma ethi iCosatu, ishaywa indiva uma uhulumeni we-African National Congress uthatha izinqumo.

View Article

Izinyosi zihlasele izingane ezikhubazekile

Izingane zesikole ezingu-61 kanye nothisha bazo abathathu, batinyelwe yizinyosi esikoleni esiseBellville, eKapa, kusho abahambisa usizo oluphuthumayo.

View Article
Browsing all 27149 articles
Browse latest View live


<script src="https://jsc.adskeeper.com/r/s/rssing.com.1596347.js" async> </script>