Libalulekile ilungelo lempilo - Zuma
Libalulekile ilungelo lempilo nokuphepha kwabesifazane kanye nezingane, kusho uMengameli wezwe uJacob Zuma, ngesikhathi ekhuluma ePhalamende.
View ArticleKugxekiwe ukudlwengulwa kukagogo waKwaDindi
Abe-ANCWL KwaZulu-Natal, sebekugxekile ukudlwengulwa kukagogo wasendaweni yaKwaDindi, eVulindlela, ngaphandle kwaseMgungundlovu.
View ArticleAmaphoyisa asekhiphe izingqungqulu kwelika-Oscar
Ukuqophisana phakathi kwabameli bomsubathi u-Oscar Pistorius noMbuso ekutheni ngabe wayibulala yini intombi yakhe uReeva Steenkamp kuyaqhubeka.
View ArticleLivelile iphoyisa ngelokudlwengula
Iphoyisa, 31, livele eNkantolo yeMantshi yaseDealesville mayelana necala lokudlwengula owesifazane eBoshof, kusho i-Independent Police Investigative Directorate.
View ArticleKudlwengulwe owesifazane esiteshini samaphoyisa
Kuboshwe iphoyisa ngezinsolo zokudlwengula owesifazane eHerbertsdale, eWestern Cape, kusho uphiko i-Independent Police Investigative Directorate (Ipid).
View ArticleKubhikishe abakuleli eCuba
UNgqongqoshe wezeMpilo u-Aaron Motsoaledi usebhalele izitshudeni zakuleli ezenza izifundo zobudokotela eCuba incwadi, echaza ngokuthi uhulumeni umi kuphi ngesiteleka.
View ArticleAwunayo imali yokungcwaba umndeni wowabulawa
Umndeni womfana owadutshulwa yiphoyisa kunombhikisho eSterkspruit, awunayo imali eyanele izindleko zomngcwabo, kusho umbiko.
View ArticleUReeva wayezifela ngo-Oscar
Ezinsukwini eziyisikhombisa ngaphambi kokuthi adutshulwe abulawe, uReeva Steenkamp wayengawuvali umlomo ngenhlonipho nothando analo ngo-Oscar Pistorius.
View ArticleUboshiwe kwelokubulawa kwentombazane eKZN
Kuboshwe indoda ngezinsolo zokudlwengula ibulale intombazane eNgwavuma, ngasemngceleni waseSwazini naseMozambique, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal.
View ArticleKubulawe obevikela unkosikazi
Kugwazwe kwabulawa indoda ngaserenki yamatekisi ePinetown ngesikhathi izama ukuvikela unkosikazi wayo kulowo obezama ukuyigcweleza, kusho amaphoyisa.
View ArticleAsimethembi uRamaphosa - Abahamba noZuma
IPhini likaMengameli we-African National Congress uCyril Ramaphosa akasoze aba ngumengameli wezwe uma kuya ngokufisa kwalabo abaseka uMengameli uJacob Zuma.
View ArticleKudlwengulwe umfundi esikoleni
Intombazanyana, 6, kusolakala ukuthi idlwengulwe ngumfundi omdadlana kunayo esikoleni somntakabani eKing William's Town, e-Eastern Cape.
View ArticleUzothweswa nelokudlwengula owalaseGriekwastad
Umfana oneminyaka engu-16 ubudala obhekene necala lokubulala umndeni wakhe waseGriekwastad, uzothweswa necala lokudlwengula uma esebuyela ngaphambi kwenkantolo.
View ArticleBayavela ngelokubulawa kwephoyisa
Azovela ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseKroonstad amadoda amabili abhekene necala lokubulala iphoyisa laseMaokeng, eFree State.
View ArticleSengathi angadedelwa uPistorius - Umqeqeshi
Umqeqeshi womsubathi wakuleli okhubazekile u-Oscar Pistorius uhlalele ethembeni lokuthi lo mgijimi wama-Olympic anganikezwa ibheyili, kusho umbiko wakamuva.
View ArticleUmfundisi wakhala amaphepha nemali
Usathungathwa imini nobusuku umfundisi osolwa ngenkohlakalo ephathelene nezindlu, nekuthiwa wanyamalala no-R56 000, kusho amaphoyisa aseWestern Cape.
View ArticleUNel uyashubisa kwelika-Oscar
Umshushisi uGerrie Nel ushubise isimo enkantolo ngesikhathi ebuza ngemizuzu yokugcina kaPistorius, ngaphambi kokuthi adubule abulale intombi yakhe uReeva Steenkamp.
View ArticleZimkhalele uthisha ngelokukhwabanisa eKZN
Kuboshwe uthisha esafudisa ekilasini, nosolwa ngokukhwabanisela umshwalense imali engu-R6 million, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal.
View ArticleAbayishumi kwelokudlwengula owesifazane
Amadoda ayishumi abhekene necala lokudlwengula owesifazane eDriefontein Number Five Shaft, eCarletonville, azovela ngaphambi kwenkantolo ngesonto elizayo.
View ArticleBahlulwa wukubonga abafundi abaseCuba - Nzimande
Abafundi baseNingizimu Afrika abafundela ezobudokotela eCuba, nabasesitelekeni sokwenyuselwa isibonelelo sanyanga zonke, bakhombisa ukungakwazi ukubonga.
View Article