Quantcast
Channel: isiZulu Ningizimu Afrika
Browsing all 27149 articles
Browse latest View live
↧

Izodala uqhekeko i-Agang - Mantashe

Iqembu elisha lezombusazwe i-Agang, lingase lidale kungabi khona uzinzo kuleli laseNingizimu Afrika, kusho uNobhala Jikelele we-ANC uGwede Mantashe.

View Article


Kubhikishe imbokodo kuvela uPistorius

Iqulu labesifazane libambe umbhikisho ngaphandle kweNkantolo yeMantshi yasePitoli, la bekuvela khona umsubathi u-Oscar Pistorius, obhekene necala lokubulal intombi.

View Article


Kubulawe owesifazane eKapa

Owesifazane waseKapa ugwazwe wabulawa esekhaya lakhe eAtlantis, okuyisenzo okusolwa ukuthi senziwe owayeyisoka lakhe, kusho umbiko.

View Article

Mabathenwe abadlwenguli - Modise

Umjovo wokuthena labo abenze icala lokudlwengula ungase ube yisexwayiso futhi unciphise izehlakalo zokudlwengula nesezidlal lubi kuleli, kusho umbiko.

View Article

U-Oscar wayengaqondile ukubulala - Ummeli

Umsubathi u-Oscar Pistorius uvele wakhihla isililo enkantolo ngesikhathi ummeli wakhe ephika izinsolo zokuhlela ukubulala intombi yakhe uReeva Steenkamp.

View Article


Akumile ngabashona behlolelwa umsebenzi

Kuyalunga ngokuhlanganiswa kwekhomishana ezokwenza uphenyo ngabayisikhombisa, abashona ngesikhathi behlolelwa umsebenzi wokuba ngamaphoyisa omgwaqo KwaZulu-Natal.

View Article

Bavelile kwelokubulawa kowe-ANC

Amadoda ayisithupha asolwa ngokubulala isikhulu se-ANC eNorth West, u-Obuti Chika, bavele eNkantolo yeMantshi yaseKlerksdorp, kusho uphiko loKlebe.

View Article

I-Agang ixhaswa ngabakuleli - Ramphele

Imali exhasa iqembu elisha lezombusazwe i-Agang SA iphuma kubantu baseNingizimu Afrika, kusho umholi walo uMamphela Ramphele.

View Article


Isinesandulela ngculaza ingane edlwenguliwe

Inganyana yentombazane eneminyaka engu-13 ubudala nekukholakala ukuthi yadlwengulwa ngumakhelwane, kutholakale ukuthi inegciwane lesandulela ngculaza.

View Article


Libukeka limlahla elakubo u-Oscar

Imantshi ekuqhubekeni kwesicelo sebheyili somsubathi u-Oscar Pistorius, inqume ukuthi lo mgijimi abhekane naleli cala ngaphansi kukaSchedule Six.

View Article

Umfana ona-8 ushade owesimame ona-61

Abaphansi bafika ngephupho kumfanyana oneminyaka eyisishiyagalombili ubudala, bamtshela ukuthi kumele ashade umshado omhlophe.

View Article

Sibathukuthelisile isikhangisi esimataniswa no-Oscar

Sisuse umsindo isikhangisi senkampani yomshwalense esikhishwe ephephandabeni iThe Star, sikhangiswa yindoda enqamuke umlenze.

View Article

Kubulawe ekuthiwa babambe inkunzi

Amadoda amabili ashaywe abulawa ngamalungu omphakathi, ngemuva kwezinsolo ezithi abambe inkunzi isuphamakethe esifundeni saseMbombo.

View Article


Kudlwengulwe intombazane e-E Cape

Intombazane eneminyaka engu-16 ubudala idlwenguliwe endaweni yaseNcihana e-Elliotdale, kusho amaphoyisa ase-Eastern Cape.

View Article

Kuzofakaza umvukuzi kolwaseMarikana

Umvukuzi owalimala ezibhelwini zika-Agasti 16 ngonyaka odlule emayini yakwaLonmin eMarikana, kulindeleke ukuba ethule ubufakazi ngaphambi kweKhomishana kaFarlam.

View Article


Luyaqhubeka enkantolo oluka-Oscar

Umsubathi wakuleli osolwa ngokubulala, u-Oscar Pistorius, ubhekene nolunye usuku olunzima njengoba kuqhubeka isicelo sakhe sebheyili, kulandela ukubulawa kwentombi yakhe.

View Article

Kudlwengulwe ugogo, 91, eKZN

Sekuphinde kwadlwengulwa esinye isalukazi KwaZulu-Natal, nokubikwa ukuthi umsolwa wenze lokhu ephindelela esikhombe ngommese emzini waso oseMgungundlovu.

View Article


UMchunu ushaqekile ngokubulawa kwabafundi

UNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal uSenzo Mchunu usezwakalise ukushaqeka ngokubulawa ngesihluku kwenye ingane eMkhanyakude District.

View Article

Isisebenzi sigaywe wu-crane sashona

Isisebenzi esineminyaka engu-22 ubudala, sishonile ngemuva kokuthi sicindezelwe umshini (crane), sisemsebenzini enkampanini kashukela eDalton.

View Article

Ibheyili kwabasolwa ngokudlwengula

Amadoda amabili anikezwe ibheyili ngemuva kokubekwa izinsolo zokudlwengula indodakazi yekhansela laseGrabouw, kusho umbiko.

View Article
Browsing all 27149 articles
Browse latest View live


<script src="https://jsc.adskeeper.com/r/s/rssing.com.1596347.js" async> </script>