Quantcast
Channel: isiZulu Ningizimu Afrika
Browsing all 27149 articles
Browse latest View live

Iphoyisa kwelokweba imfuyo e-E Cape

Isikhuni sibuye nomkhwezeli ngesikhathi iphoyisa lase-Eastern Cape lilahlwa yicala lokweba imfuyo eNkantolo yeMantshi yaseMthatha, kusho iNational Prosecuting Authority.

View Article


Bayanda abashona eSasolburg

Amaphoyisa aseFree State athi sesinyuke safinyelela kwabane isibalo sabantu abashone njengoba kuqhubeka umbhikisho wezakhamuzi zaseSasolburg.

View Article


Kuzovulwa amakolishi othisha

Zise mome izinhlelo zokuthi kubuyiswe amakolishi afundisa ubuthisela, nekubhekeke ukuthi aqale ukusebenza ngonyaka ozayo, kusho uNgqongqoshe woMnyango wezeMfundo.

View Article

Kutholakale isidumbu sokhukhuleke eLimpopo

Kutholakale isidumbu sendoda eneminyaka engu-57 ubudala, ekukholakala ukuthi yakhukhulwa ngamanzi ngesikhathi kuhlasele izikhukhula eLimpopo.

View Article

Lwalushaqisa olwaseMarikana - Ubufakazi

Isikhulu senyunyana, phambi kwekhomishini kaFarlam, sikhumbule ngokuthuka esaba nakho ngesikhathi sizwa izindaba zokuthi amaphoyisa adubule abulala abavukuzi abangu-34.

View Article


Ihamba phambili iRichmond ngokubulala

UMasipala waseRichmond KwaZulu-Natal yiwo ohamba phambili ngezinga lokubulawa kwabantu kuleli lonke, njengoba limi ku-192 ebantwini abangu-100 000.

View Article

Udikajele kowadlwengula ongaphilile ekhanda

Indoda yaKwaZulu-Natal izohlala impilo yayo yonke ejele kulandela ukuthi iNkantolo yesiFunda eSikhawini, iyilahle ngecala lokudlwengula, kusho amaphoyisa.

View Article

I-FFPlus ifuna kuphenywe iNew Age

Iqembu iFreedom Front Plus lihlela ukucela uMvikeli woMphakathi ukuthi aphenye ngesidlo sasekuseni ekuthiwa sahlelwa yiphephandaba iNew Age (TNA).

View Article


Kuboshwe obegqekeza eMdantsane

Izolala ibaliwe indoda yaseMdantsane e-Eastern Cape, eboshwe ngamaphoyisa ekuseni, kulandela izinsolo ezithi igqekeze umuzi.

View Article


INingizimu Afrika ithumele ukudla eNiger

Umthwalo osuka kuleli usuthelekile olwandle lwaseBenin, njengoba usendleleni ebheke eNiger, kuyokwelekelelwa ngokudla, kusho uMnyango wezangaPhandle.

View Article

I-ANC izohlangana ne-FNB ngezikhangisi

Iqembu elibusayo i-ANC lizohlangana neFirst National Bank ukudingida mayelana nezikhangisi zebhange ezivuse umsindo ngaphansi kwe“You Can Help Campaign”.

View Article

Kuyaqhubeka ukuhlaselwa kombimbi - Mantashe

Solokhu kwathi nhlo luhleli luhlaselwa umbimbi lweSouth African Communist Party ne-African National Congress, kusho uNobhala Jikele we-ANC uGwede Mantashe.

View Article

Ulahlwe elokubulala umama nezingane

Owesilisa waKwaMhlanga ulahlwe yicala lokugwaza abulale owesifazane wasePitoli nokunklinya izingane zakhe ezimbili ezisencane, eNkantolo eNkulu yasePitoli.

View Article


Kubanjwe umkhonyovu wamalayisensi eThekwini

Kuboshwe amadoda amane mayelana nomkhonyovu wezincwadi zokushayela eMlazi, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal.

View Article

Sizinzile isimo eSasolburg

Sithule isimo eSasolburg kulandela imibhikisho ebihambisana nodlame, nedonse cishe isonto lonke, kusho amaphoyisa aseFree State.

View Article


Kubulawe obevikela inkosikazi ezigebengwini

Owesilisa waseMuldersdrift udutshulwe washona ngesikhathi kunesigameko sokuzama ukuphanga emzini wakhe, kusho amaphoyisa aseWest Rand.

View Article

Ingoduso kwelokubulala umyeni

Ibhekene necala ingoduso yendoda eyabulawa kanye nomfundisi webandla iDutch Reformed Church, ababulawa eHarrismith, ngonyaka owedlule.

View Article


Zibuyele esikoleni izingane ezingamaSulumane

Izelamani uSakeenah noBilaal Dramat, nabaxoshwa esikoleni ngokugqoka izinto ezihambisana nenkolo yobuSulumane, babuyele esikoleni ngemuva kwemvunge ngalolu daba.

View Article

Kuvalwe isibonelelo sothisha basemaphandleni

UNgqongqoshe woMnyango wezeMfundo eLimpopo uDickson Masemola uthi kumethusile ukuzwa ngokumiswa kwesibonelelo sothisha abasebenza ezindaweni ezisemaphandleni.

View Article

Uvule icala owashaywa ngamaphoyisa

Indoda yaseGermiston, isivulele amaphoyisa icala ithi ayishaya phambi kwabantwana bayo abanemizwa engaqondile kahle, abahlale benesilokozane.

View Article
Browsing all 27149 articles
Browse latest View live