Luyanda udlame emajele - Ijaji
Luyanda udlame lwasemajele nakuba nezinhlelo zokuqwashisa iziboshwa ngendlela ezingadlulisa ngazo izikhalazo zazo nazo ziqiniswa, kusho iJaji uVuka Tshabalala.
View ArticleIsikole sidumaze abafundi abangamaSulumane
Zijabhile izelamani ezimbili zaseKapa, kulandela ukuthi isikole sizixoshile ngoba zigqole izigqoko zamaSulumabe, ekuthiwa azihambisani nomfaniswano wesikole.
View ArticleKufakaza owe-NUM - Marikana
Inyunyana yabasebenzi iNational Union of Mineworkers (NUM), isibize ufakazi wayo wokuqala, njengoba kuqhubeka ukulalelwa kweKhomishana kaFarlam, eRustenburg.
View ArticleUZille kumele axolise - ANC
I-ANC kanye nophiko lwayo lwabesifazane bafuna umholi weDA axolise, bathi waqamba amanga ngesikhathi ethi wayengazi ukuthi uTelkom uxhase isidlo sasekuseni seThe New Age.
View ArticleKushone isalukazi siyovuselela impesheni
Kushone owesifazane oneminyaka engu-90 ubudala elinde ukubhalisela impesheni yokuguga eChosen Village, eNorth West, kusho umnyango wezokuthuthukiswa komphakathi.
View ArticleLiqhubekile elavukelambuso eBloemfontein
INkantolo yeMantshi yaseBloemfontein, isilalele ubufakazi bokugcina esicelweni sebheyili esifakwe ngamadoda amane asolwa ngokwakha itulo lokubulala abaholi be-ANC.
View ArticleKusungulwe ikomidi yezemfundo ephakeme
Sekusungulwe ikomidi elizobhekelela ukwenziwa kwezingquzuko emanyuvesi, kusho uNgqongqoshe weMfundo ePhakeme uBlade Nzimande
View ArticleKushone ingqalabutho kwezekhilikithi
Kudlule emhlabeni loyo owabe engukaputeni weqembu lesizwe lekhilikithi uPeter van der Merwe, 75, kusho umbiko wabeCricket SA.
View ArticleKuboshwe abesikhungo sokuhlola izimoto
Badedelwe ngebheyili ka-R2000 umuntu ngamunye, abahloli bezimoto abathathu abasolwa ngokukhipha izimvume zezimoto, ngaphandle kokuthi zihlolwe.
View ArticleUboshiwe obanjwe namakhebula
Ikhalelwe ngamasongo kaSigonyela indoda ebanjwe izama ukudayisa amakhebula akwaTelkom, angaba yinani lika-R60 000, ebiwe endaweni yase-Elliot.
View ArticleBasazohlala esotokisini ababoshwe eSasolburg
Abantu abangu-39, bavele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseSasolburg, mayelana namacala ahlanganisa ukudala udlame emphakathini kanjalo nokucekela phansi impahla.
View ArticleOwesifazane kwelokubulala ingane
Ulale ebaliwe owesifazane wasePabalelo ngezinsolo zokubulala indodakazi yakhe angayizali, e-Upington, kusho amaphoyisa aseNorthern Cape.
View ArticleUMbalula ugcwele izincomo ngeBafana
UNgqongqoshe wezemiDlalo uFikile Mbabula uhalalisele iBafana Bafana ngemuva kokunqoba umdlalo okokuqala ngqa kule midlalo ye-Africa Cup of Nations (Afcon) ekuleli.
View ArticleZiqhubekile izibhelu eSasolburg
Kushaywe ngamatshe umuzi kwathi isiza ebekwakhiwa kusho sangqongqiswa ngomlilo esigamekweni sakamuva eSasolburg, kusho amaphoyisa aseFree State.
View ArticleKugcaluza izingwenya eLimpopo
Zilinganiselwa ku-15 000 izingwenya ekuthiwa zeqe esikhungweni esigcinwa kuzo iRakwena Crocodile Farm, zangena emfuleni iLimpopo River, njengoba bekuhlasele izikhukhula.
View ArticleI-SAHRC izophenya ngesikole esimise izingane
Abe-SA Human Rights Commission, bazophenya ngodaba oluthinta abafundi abayizelamani, ekuthiwa baxshowe esikoleni ngoba begqoke izigqoko zenkolo yabo yobuSulumane.
View ArticleBebeziphindiselela abashise isitimela eKapa
Umlilo ongqongqise isitimela eKapa kuleli sonto kungenzeka ukuthi bekungumnyakazo wokuziphindiselela kwabagibeli abebengeneme, kusho umbiko.
View ArticleUlusizi owaphucwa ingane eBotswana
Akalilahlile ithemba owesifazane waKwaZulu-Natal owa-adophtha ingane ezalwa eBotswana kodwa waphoqeleka ukuthi ayishiye emuva, ngemuva kwezinsolo ezithi uyayishushumbisa.
View ArticleBaboshelwe izidakamizwa e-Eldorado Park
Kuboshwe abantu abayisikhombisa abasolwa ngokuba seqenjini elingongqondongqondo kwezokushushumbiswa kwezidakamizwa e-Eldorado Park.
View ArticleI-ANC eLimpopo ilaxaze uMalema
Ikusasa likaJulius Malema kwezombusazwe libonakala njengelingasekho ngemuva kokuba i-ANC eLimpopo, imgxeke esidlangalaleni yathi ucabanga ukuthi mkhulu kuneqembu.
View Article