Kuhlasele ukushisa okuxakile kuleli
Izingxenye eziningi zezwe zingene osukwini lwesithathu lwelanga elikhipha umkhovu etsheni, kusho abeSA Weather Services.
View ArticleLiyaqhubeka elokudayisa ngomzimba eKZN
Liyaqhubeka icala elibhekene nabantu abayisihlanu abasolwa ngokushushumbisa abantu nokuba nendawo yokudayisa ngomzimba, eNkantolo yesiFunda eThekwini.
View ArticleUZuma uvulele iMedia24 icala
UMengameli wezwe uJacob Zuma, usevule icala evulela inkampani yezindaba iMedia24, naloyo owabe engumhleli wephephandaba iRapport uTim du Plessis.
View ArticleIsibhedlela sadlala ngami - Owesifazane
Owesifazane waseKagiso ubhekene ngeziqu zamehlo nesibhedlela iRahima Moosa Mother and Child Hospital, ngemuva kokuthi sinqabe ukungcwaba ingane yakhe.
View ArticleKuqubuke impi yama-26 nama-28 ePollsmoor
Isiboshwa ejele iPollsmoor, sigwazwe amanxeba angu-21 ngesikhathi kuqubuka impi eshiye ezinye iziboshwa eziyisishiyagalolunye zilimele, kusho uMnyango wezamaJele.
View ArticleAkukanqunywa lutho ngeZamdela
Asikho isinqumo sokugcina esithathiwe ngodaba lokuhlanganiswa koMasipala baseFree State, iMetsimaholo neNgwathe, kusho abebhodi iMunicipal Demarcation Board.
View ArticleKushone abathathu engozini eKZN
Abantu abathathu bashonile ngesikhathi kwehla ingozi yomgwaqo ku-R612, uma uqeda ukudlula eScottburgh, eSouth Coast, kusho uMnyango wezokuThutha.
View ArticleI-Outa izodlulisa olwe etolling
Abe-Opposition to Urban Tolling Alliance, bamukele isinqumo seNkantolo eNkulu ePitoli, esithi bangakwazi ukuphikisa isinqumo sokuqalwa kohlelo lwe- etolling.
View ArticleBabhikishele isikole eKhayelitsha
Izakhamuzi zaseKhayelitsha, eKapa, sezicele izikhulu zedolobha ukuthi zizakhele isikole esisha esizoba selokishini, njengoba abantwana abaningi bengazitholanga izikhala.
View ArticleUChabane akaneme ngemigwaqo yaseMthata
Ayigculisi neze imigwaqo engaphakathi eMthata, e-Eastern Cape, kusho uNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli uCollins Chabane.
View ArticleIsigameko sokudubula eCarnival City
Kube nesigameko sokudubulana eCarnival City, eGauteng, ezintatha ngesikhathi iqulu lamadoda angu-25 egasela kule casino, kubika izindaba ze-eNCA.
View ArticleKweqe 4 wabasolwa esitokisini
Iziboshwa ezine ebezilinde ukuthathwa kwamacala azo zeqe esitokisini esiteshini samaphoyisa ePilgrim's Rest, kusho amaphoyisa aseMpumalanga.
View Article'Amaselula adala udlame ePollsmoor'
Indaba yokufakwa kwezinto ezingagunyaziwe ngaphakathi ejele, yiyona edala kuqubuke izimpi eziba nokuchitheka kwegazi ejele iPollsmoor, eKapa.
View ArticleKudingidwe eyabashona beyofesa
Abikelwe ngasese amakhansela kaMasipala uMsunduzi mayelana nesigameko esingahambanga kahle sokuhlolwa kwalabo ababeyofesela ukuba ngamaphoyisa omgwaqo.
View ArticleUmyeni kwelokubulawa kukankosikazi ona-17
Umakoti oneminyaka engu-17 ubudala, ogane usomabhizinisi oneminyaka engu-44 ubudala, utholakale eshonile emzini wakhe oseProea Glen, eSoweto.
View ArticleIsoka libulale ingane yentombi
Umfanyana oneminyaka emibili ubudala utholakale eshaywe waze washona nokusolwa ubaba wakhe ongamzali eJouberton ngaseKlerksdorp, kusho amaphoyisa aseNorth West.
View ArticleAtamuza imali amakhosi akuleli
Amakhosi aseNingizimu Afrika ayishumi, wonke aphila buthebelele njengoba umbiko uthi athola imali elinganiselwa ku-R1million ngonyaka, umuntu ngamunye.
View ArticleUMotshekga udumele ngokuputshuka kwama-sms
UNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo u-Angie Motshekga uthe udumele ngokuthi ingxoxo yangasese ngeselula ikhishelwe abezindaba.
View ArticleKuboshwe obulale obedlwengula intombi yakhe
Kulindeleke avele eNkantolo yeMantshi yaseQueenstown owesilisa ngezinsolo zokubulala enye indoda epulazini, kusho amaphoyisa ase-Eastern Cape.
View ArticleUZille wacela uxhaso kwabakwaGupta - Umbiko
Umholi weDemocratic Alliance uHelen Zille, wamukela uxhaso lwemali emndenini weziqumama zwakwaGupta, kusho umbiko wabezindaba.
View Article