Quantcast
Channel: isiZulu Ningizimu Afrika
Browsing all 27149 articles
Browse latest View live
↧

Kubulawe ibhungu kweyezikhothane

Ibhungu lasePimville, eSoweto, lendele koyisemkhulu kulandela ingxabano equbuke phakathi kwalo nezikhothane ngempelasonto, kusho umbiko.

View Article


Umzali utalabhe uthishanhloko

Ukunqaba kukathishanhloko ukuthi abafundi abafeyile u-matric baphinde izifundo zabo kuphele ngokuthi umzali obewotha ubomvu amthele induku eLimpopo.

View Article


Ugcine ngokushona owavelelwa yingozi

Kushone indoda, 29, kulandela ukuthi yavelelwa yingozi engaqondakali ngesikhathi ibhukuda ngoSuku lukaNcibijane ePort Alfred, ngokusho kombiko.

View Article

Ubhululu kaMalema usulile esikhundleni

Lowo oyiNhloko yezemiGwaqo nezokuThutha eLimpopo uNtau Letebele, nophenywayo ngaphakathi mayelana nezinsolo zokukhwabanisa ithenda yezigidi, usulile kulo Mnyango.

View Article

Izingane sezingajola ngokukhululeka - Ijaji

Akusasilo icala ukuthi izingane eziseminyakeni yobudala ephakathi kuka-12 no-16, zingazitika ngezinto ezifana nokuqabulana, ukupotozana nocansi.

View Article


Uhlonziwe oshone eDe Doorns

Owesilisa oshone ngemuva kwezinsolo zokuthi udutshulwe ngezinhlamvu zenjoloba eDe Doorns ubengeyona ingxenye yesiteleka sabasebenzi basemapulazini.

View Article

Sitholakele isidumbu sentombazanyana

Isidumbu sentombazanyane, 5, eyaduka ngoKhisimusi sitholakale emjondolo oseKhayelitsha, eKapa, ngokulandisa kombiko.

View Article

Kushone omunye kwawakwaKito

Iphoyisa elabe lisebenza nethimba lamaphoyisa asatshwayo aseCato Manor, nebelingumsolwa emacaleni ahlanganisa awokubulala, limelwe yinhliziyo lashona.

View Article


Kuhambe kahle kuvulwa izikole eKZN

Izigidi zezingane zibuyele ezikoleni KwaZulu-Natal ngemuva kokuvalela amaholidi kaKhisimusi, kanti kubikwa ukuthi okuningi kuhambe kahle.

View Article


'Omakoti' babambe inkunzi isuphamakethe

Azofaka isicelo sebheyili enkantolo amadoda amathathu abefake izingubo zomshado nezinwele zokufakelwa, abambe inkunzi isuphamakakethe.

View Article

Bathenge ukudla okunezibungu

Umama waseFree State uthi uthuke woma ngesikhathi ethola ukuthi ama-hot dogs awathenge esitolo esidumile abegcwele izibungu.

View Article

Kushone ingane yesikole eDiepsloot

Kushone intombazanyana yesikole kwathi umngani wayo walimala ngesikhathi beshayiswa yitekisi eDiepsloot, kusho abezimo eziphuthumayo.

View Article

Kubanjwe amabhakede ehlohlwe izinhlamvu zesibhamu

Kubanjwe amabhakede amane egqitshwe emuva kwendlu eSasolburg, elayishwe izinhlamvu zezibhamu ezingama-shotgun, kusho amaphoyisa.

View Article


Uvelile usomatekisi ngelokubulala owe-IFP

Uvele kafushane eNkantolo yesiFunda eThekwini umnikazi wamatekisi nosolwa ngokuthumba abulale ikhansela leNkatha Freedom Party uThemba Xulu.

View Article

Kukhalwa ngokuqeqeshwa kwamaphoyisa

Kulimale isithombe samaphoyisa kanye nokuthi ngabe aqeqeshwa ngokwanele yini ngesikhathi edubulana wodwa esikhundleni sokujaha izigebengu.

View Article


Kuboshwe 2 ngokubulawa kwasebekhulile

Abantu ababili baboshiwe mayelana nezinsolo ngokubulawa kwabashadikazi asebekhulile, ekutholakale izidumbu zabo ekhaya labo epulazini eSomerset, eFree State.

View Article

Uthole udilikajele owabulala unogada

Indoda yaseThokoza izochitha impilo yayo yonke ejele, ngemuva kokuthi ilahlwe yicala lokubulala unogada womphakathi (community watch), kusho isinqumo senkantolo.

View Article


Kudutshulwe abanye embhikishweni eW Cape

Sekuphinde kwaba nabanye abadutshulwayo embhikishweni wabasebenzi basemapulazini eWestern Cape, kusho inhlangano iMawubuye Land Rights Forum.

View Article

UZuma uhambele e-Angola

UMengameli wezwe uJacob Zuma, uvakashele e-Angola ngenhloso yokuqinisa ubudlelwano bamazwe womabili, kusho uMnyango wezangaPhandle kuleli.

View Article

Mhlampe kwakumele ngibe umfundisi - Malema

Umholi we-ANC Youth League owaxoshwa uJulius Malema, uthi kungokokuqala ngqa ezizwa ekhululekile, engahlanganise lutho nezombusazwe.

View Article
Browsing all 27149 articles
Browse latest View live


<script src="https://jsc.adskeeper.com/r/s/rssing.com.1596347.js" async> </script>