Quantcast
Channel: isiZulu Ningizimu Afrika
Browsing all 27149 articles
Browse latest View live
↧

Ushiswe nge-ayina ehlaselwa - Amaphoyisa

Unesi uhlaselwe nge-ayina elishisayo ngesikhathi yena nalowo asebenza aphinde ahlale naye behlaselwa yizigebengu eflethini labo eliseDaspoort, ePitoli.

View Article


Bayashoda othisha e-E Cape

Izikole eziningi eTranskei zishoda ngothisha beMaths neScience, kodwa kwezinye kubikwa ukuthi kunesibalo esiphezulu sabo kunaleso esidingekayo.

View Article


Kuvalelwe izintatheli ziyocoshela ejele

Izikhulu zejele eliseFree State zivalele izintatheli, zaziphuca izinsiza zokusebenza zacisha nezithombe ezithathwe ngesikhathi ojele behlukumeza ngokushaya isiboshwa.

View Article

Uzame ukuzibulala obizwe nguyise ngesidomu

Intombazane, 18, izame ukuthatha impilo yayo ngemuva kokufeyila kwaze kwaba kabili uGrade 10 nokuthi ibizwe ngesidomu nguyise oyizalayo.

View Article

Bashoda kakhulu odokotela elimpopo - SAIRR

Isifundazwe saseLimpopo sinezikhala eziningi zodokotela, njengoba amaphesenti eqopha ukuthi zingu-86% izikhala, uma kuqhathaniswa nezinye izifundazwe.

View Article


Singase sivalwe isibhedlela saseThekwini

Izinhlelo zikhomba ukuthi singase sivalwe isibhedlela saseThekwini esihaqwe yizinkinga, i-Addington, ukuze sizolungiswa kuqalwe kabusha nohlelo lokusebenza.

View Article

Ugogo ukhala ngendodakazi emgolozelayo

Usehlala elusizi ugogo oneminyaka engu-75 ubudala othi uhlaliswe kambi yindodakazi yakhe eneminyaka engu-52 ubudala kanye nabantwana bayo.

View Article

I-ANC eKZN ikhala ngeyamathikithi e-AFCON

Kuyakhathaza ukuthi amathikithi e-2013 Africa Cup of Nations awadayisi okwamagwinya ashisayo, kusho i-ANC KwaZulu-Natal.

View Article


ICosas ithi akududulwe ofeyile uGrade 11

Udaba lwesicelo senhlangano yabafundi iCongress of SA Students sokuthi kududulwe umfundi owafeyila uGrade 11, kuyadingidwa ngalo,kusho uMnyango wezeMfundo eGauteng.

View Article


Kushone isisebenzi efemini eThekwini

Kushone umsebenzi odabuka kwelaseZimbabwe, ngesikhathi elimala esefemini KwaZulu-Natal, kusho abahambisa usizo oluphuthumayo.

View Article

Kwesule obephenya ngokuthengwa kwezikhali

Ukusula esikhundleni komunye wabaphenyi, kuqubule imibuzo ngokusebenza kweKhomishana kaSeriti eqhuba uphenyo ngodaba lokuthengwa kwezikhala okungundabamlonyeni.

View Article

AbeLotto banikelele amavolontiya e-Afcon

AbakwaNational Lottery Board bathi sebebeke eceleni isamba esingu-R13.5 million, ngenhloso yokuiza laba abazobe bengamavolontiy aemidlalweni ye-Africa Cup of Nations.

View Article

Zihanjisiwe izincwadi zokufunda eLimpopo

UNgqongqoshe wezeMfundo eyisiSekelo eLimpopo, uDickson Masemola, utshele isiShayamthetho ukuthi izincwadi zesikole zisatshalaliswe kuzona zonke izikole esifundazweni.

View Article


Kuminze umfana eWestern Cape

Isidumbu somfana, 10, ominze eMelkbaai Beach, eStrand, eWestern Cape, sigcine sitholakele, kusho abeNational Sea Rescue Institute.

View Article

Uvaliwe uthelawayeka eDe Doorns

Usavaliwe namanje uthelawayeka uN1 eDe Doorns, nokuyilapho khona kuyisizinda semibhikisho yabasebenzi basemapulazini, kusho amaphoyisa aseWestern Cape.

View Article


Sigcine ngokushona isiboshwa saseGroenpunt

Sigcine ngokushona isiboshwa esibonwe yizintatheli zephephandaba iThe Star sishaywa ojele, ejele laseGroenpunt, ngokusho kombiko.

View Article

Owesifazane usolwa 'ngokudayisa' umshana

Osebenza ngokudayisa umzimba uvele eNkantolo yeMantshi yase-Atlantis ngezinsolo zokuvumela owesilisa ukuthi anukubeze umshana wakhe bese ethola imali.

View Article


Uzibulele obehlekwa ngabangane ngokufeyila

Owesifazane waKwaZulu-Natal uthi sisekude ukusuka emqondweni wakhe isithombe sendodakazi yakhe izikhunge esihlahleni ngebhayi le-ANC egcekeni lakubo.

View Article

Ubhululu kaZuma nenkontileka yezigidi

Inkontileka ka-R1.25 billion yokuthi kusatshalaliswe ama-meter kagesi edolobheni laseGoli, yanikwa usomabhizinisi ongubhululu kaMengameli uJacob Zuma.

View Article

Ugwetshiwe owayefundisa ukushayela

INkantolo eNkulu yasePitoli igwebe uthisha obefundisa ukushayela iminyaka emihlanu ebhadla ejele, ngemuva kokuba ebenesandla ekushoneni kwabafundi ababili ngo-2006.

View Article
Browsing all 27149 articles
Browse latest View live


<script src="https://jsc.adskeeper.com/r/s/rssing.com.1596347.js" async> </script>