Limlahlile owabulala unogada
Indoda yaseThokoza ilahlwe yicala lokubulala ilungu logada basemajalidini, nelokulimaza elinye ilungu, kusho isinqumo seNkantolo eNkulu ePitoli.
View ArticleI-NUM izobhikishela isicelo sabakwa-Eskom
Inyunyana yabasebenza ngensimbi ithi izobamba umbhikisho ngenhloso yokuphikisa isicelo sakwa-Eskom, sokuthi kwenyuswe amanani kagesi ngo-16%.
View ArticleKuzokwethulwa incwadi nge-Eastern Cape
Iqembu i-ANC esifundazweni i-Eastern Cape, lezokwethula incwadi ekuhloswe ngayo ukuthi ifundise abantu ngomlando wesifundazwe kanjalo nendima yaso emzabalazweni.
View ArticleAkuqiniswe imithetho yemigwaqo - DA
Ukushona kwabantu abayisikhombisa abashone engozini yetekisi eMpumalanga, kuyizinkomba zokuthi ngempela kumele kuqine imithetho yomgwaqo, kusho iDemocratic Alliance.
View ArticleZibakhalele ababulala izaguga
Aboshiwe amadoda amabili asolakala ngokubandakanyeka ekubulaweni kwabashadikazi asebebadala eBelfast, kusho amaphoyisa aseMpumalanga.
View ArticleKushone 2 engozini yezithuthuthu
Kushone abantu ababili abebehamba ngezithuthuthu engozini eyenzeke phakathi kweStanger neBallito, kusho abezimo eziphuthumayo KwaZulu-Natal.
View ArticleAmaphoyisa adubule amanye eGoli
Kushone iphoyisa kwathi amanye amabili alimala eHillbrow, eGoli, ngesikhathi kuqubuka impi yezulu lezandla namadoda abephanga isitolo, kusho amaphoyisa aseGauteng.
View ArticleWayengwa ngumnikazi wesiqiwi olinyazwe ngubhejane
Umfundi waseWest Rand ohlaselwe kambi ngubhejane, ngempelasonto, wayelokhu etshelwa ngumnikazi wesiqiwi ukuthi akasondele eduze kwesilwane.
View ArticleBasenkantolo abomkhonyovu wama-ATM
Kulindeleke ukuthi bavele eNkantolo yeMantshi yaseMgungundlovu abasolwa abayishumi abathinteka ngohide lwezigameko zokuqhunyiswa kwama-ATM kuleli, kubalwa neKZN.
View ArticleUMalema uvulele umngani wakhe icala
Lowo owayengumengameli we-ANC Youth League owaxoshwa uJulius Malema uvulele lowo owayengumngani wakhe, uBoy Mamabolo, icala lokumehlisa isithunzi, kusho amaphoyisa.
View ArticleSitholakele isidumbu soweMK
Sigcine sitholakele isidumbu somholi weMK Veterans nowaduka ngesikhathi ebhukuda nabangani bakhe eNanda Dam, KwaZulu-Natal, ezinsukwini eziyisishiyagalombili ezedlule.
View ArticleIsikhulu samaphoyisa kwawokubamba inkunzi
Isikhulu esiteshini samaphoyisa iWrenchville, eKuruman, sikhalelwe ngamasongo kaSigonyela, mayelana nezinsolo emacaleni ahlobene nekubanjwa kwenkunzi.
View ArticleKuboshwe 5 obuzama ukugqekeza eThekwini
Amadoda ayisihlanu aseminyakeni ephakathi kuka-25 no-35 ubudala akhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngesikhathi kubhuntsha isigameko sokuphanga eThekwini.
View ArticleBangaphezu kuka-700 ababoshelwe uthuthuva
Balinganiselwa ku-704 abantu ababoshiwe ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi, beboshelwa amacala ahlobene nokudala uthuthuva emphakathini.
View ArticleWacebeni amaphoyisa afuna ukugwazelwa - IPID
Kunxuswa ukuthi bangathuli abashayeli uma amaphoyisa ebafuna amantshontsho, kusho i-Independent Police Investigative Directorate (Ipid).
View ArticleKube yibhadi ukudubulana kwamaphoyisa - Phiyega
Ukudutshulwa kubulawe iphoyisa - nebekucatshangwa ukuthi liyisigebengu eHillbrow -- kube yibhadi elikhulu, kusho uKhomishana wamaPhoyisa uRiah Phiyega.
View ArticleMakuphenywe ngabashona beyofesa
Iqembu iNkatha Freedom Party ithi kumele kube nekhomishana ezimele yophenyo mayelana nokushona kwabantu abayisishiyagalombili ngesikhathi begijima behlolelwa umsebenzi.
View ArticleOKlebe bazovala ikolishi elingumbombayi eSeshego
Ikolishi elingumbombayi elizibiza ngeFurther Education and Training, eselisebenze okungenani iminyaka engu-12, lizovalwa eSeshego ngasePolokwane, kusho uphiko loKlebe.
View ArticleSekuvalwe imitholampilo eWestern Cape
Mine imitholampilo ephoqeke ukuthi ivale eDe Doorns, njengoba kuqhueka isiteleka sabasebnzi basemapulazini eWestern Cape, kusho umbiko wezeikhulu zezempilo.
View ArticleKubulawe asebekhulile eBloemfontein
Amaphoyisa aphenya ngezidumbu zabantu abadala abatholakale bebulewe epulazini labo eSomerset, ngaseParys, betholwa yisisebenzi sasendlini.
View Article