Uvelile osolwa ngokuqola abagembuli
Uvele ngaphambi kweNkantolo ebhekene nezamabhizinisi, owesifazane waseThekwini ekusolakala ukuthi ubeqola abantu abathola ezindaweni zokugembula.
View ArticleLisenkantolo elokukhwabanisela umshwalense
Abantu abayisithupha ababoshwe ngesonto eledlule bazovela eNkantolo eThekwini, ngezinsolo zokukhwabanisela umshwalense, kusho amaphoyisa.
View ArticleUmshana kwelokubulala umalume
Amaphoyisa aseKaltehong athi sekuboshwe indoda eneminyaka engu-26 ubudala, ngezindolo ezithi igwaze yabulala umalume wayo.
View ArticleKuboshwe 3 ngokufa komuntu e-E Cape
Kuboshwe abantu abathathu mayelana nesehlakalo sokugwazwa kubulawe umlisa e-Elliotdale, kusho amaphoyisa ase-Eastern Cape
View ArticleKumele kube nokuthula emapulazini - Uhulumeni
Abasebenzi basemapulazini kudingeka babenokuthula uma sekuqala isiteleka kuleli sonto, kusho okhulumela uhulumeni uPhumla Williams.
View ArticleUboshiwe onengadi yensangu
Umlisa oneminyaka engu-27 ubudala odabuka eSwazini, ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela, ngemuva kokubanjwa ukuthi unengadi yensangu, kusho amaphoyisa aseMpumalanga.
View ArticleLingenile elokufa kukaStander
Umshayeli osolwa ngokubulala ngokungenhloso umgibeli wamabhayisikili uBurry Stander, uvele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yasePort Shepstone.
View ArticleKushone isigebengu nephoyisa eFree State
Iphoyisa lidutshulwe labulawa esehlakalweni sokubamba inkunzi esenzeke eKopanong, eBloemfontein, kusho amaphoyisa aseFree State.
View ArticleKuvijwe abasebenzi basemapulazini abangatelekile
Abasebenzi basemapulazini abasesitekeni, babonakale bejikisa amaloli namabhasi eWolesly, bezama ukuvimba abasebenzi basemapulazini abakade bezama ukuya emsebenzini.
View ArticleUMotlanthe uhambele isikole ayefunda kuso
UMnyango wezeMfundo eyiSisekelo, uthi konke kumi ngomumo njengoba kuvula izikole zaseGauteng, kunjalo babalelwa ku-2 million abafundi abaye ezikoleni.
View ArticleIzinkampani zezindaba nesicelo kuMogoeng
Izikhondlakhondla zezinkampani zezindaba sezicele iNhloko yamaJaji uMogoeng Mogoeng, ukuthi azinike imvume yokukwazi ukwethamela isicelo sikaRadovan Krejcir.
View ArticleUZuma uzohola ithimba eliya enhlanganweni weSADC
UMengameli uJacob Zuma uzohola ithimba elizohambela umhlangano wamazwe ngaphansi kweSouthern African Development Community (SADC) , kusho uMnyango wezangaPhandle.
View ArticleAyiphelile eye-etolling
Abe-Opposition to Urban Tolling Alliance sebehambise amaphepha ngaphambi kweNkantolo eNkulu ePitoli, ngenhloso yokuzama ukuvimba uhlelo lwe-etolling.
View ArticleNgangizama ukugwema inhlekelele - Ramaphosa
Iphini likaMengameli we-ANC, uCyril Ramaphosa, uthi ngesikhathi ethi akuthathwe izinyathelo, kuthathelwe amavukuzi, wabe ezama ukugwema umonakalo omkhulu owawungase wenzeke.
View ArticleUmona uyayibulala i-ANC - Mantashe
Umona nenkohlakalo yizinto ezilimaza iqembu elibusayo i-African National Congresss, kusho uNobhala weqembu uGwede Mantashe, ekhuluma nezakhamuzi eRichmond.
View ArticleLingenile elokubulawa koweNkatha
Usomatekisi waseThekwini uvele ngaphambi kweNkantolo yesiFunda eThekwini, mayelana necala lokuthunjwa nokubulawa kwekhansela leNkatha Freedom Party, uThemba Xulu.
View ArticleI-Independent Democrats igxeka u-Ehrenreich
UNobhala weCosatu eWestern Cape, uTony Ehrenreich, akanazwelo futhi akacabangisisi, njengoba egqugquzele abasebenzi basemapulazini ukuthi bateleke, kusho ilungu le-ID.
View ArticleKubanjwe osolwa kwelokufa kwephoyisa
Amaphoyisa abophe indoda yesibili ekuthiwa iyathinteka esehlakalweni sokubulawa kwephoyisa elibulawe eKopanong,ngaseBloemfontein, kuhso amaphoyia aseFree State.
View ArticleKusatshiswe ngebhomu ebhilidini eBraamfontein
Umgwaqo uJorrisen Street eBraamfontein, eGoli, kuphoqeleke ukuthi uvalwe kulandela isehlakalo sokusabisa ngebhomu kwelinye lamabhilidi.
View ArticleUPhiyega ukhathazekile ngokubulawa kwamaphoyisa
UKhomishana wamaPhoyisa uRiah Phiyega useveze ukukhathazeka kwakhe ngezigameko zokubulala ezihlanganisa amaphoyisa, esho lokhu ngemuva kokubulawa kwephoyisa.
View Article