Lihlehlile elokudlwengula laseNtabazwe
Lihlehlile eNkantolo yeMantshi yaseHarrismith icala lokudlwengula nokubulala intombazane, elibhekene namadoda amabili nabafana ababili baseNtabazwe.
View ArticleBaya enkantolo abasolwa ngokufa kwesikhulu
Bazovela ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseMankweng abafana abathathu abasolwa ngokufa kwesikhulu sikahulumeni wase Limpopo.
View ArticleSekushone 2 engozini eThekwini
Abesilisa ababili bashonile ngesikhathi imoto yabo iphuma emgwaqeni idala ingozi ishayisa udonga ku-N2, eThekwini, kusho abahambisa usizo oluphuthumayo.
View ArticleUZuma ukhathazekile ngodlame lwaseCAR
UMengameli uJacob Zuma usethumele ithimba ukuthi liyohlola isimo eCentral African Republic (CAR), kusho uMnyango wezangaPhandle nokuBabambisana.
View ArticleUmgwaqo akuyona indawo yokudlala - Ungqongqoshe
Imigwaqo yethu ayisizo izinkundla zokugijimisa izimoto, abafuna ukubekelelana abaye eKyalami, hhayi emigwaqeni yomphakathi, kusho uNgqongqoshe wezokuPhepha koMphakathi.
View ArticleI-DA ne-NFP bakhathazekile ngomatikuletsheni
Ngesikhathi ukunyuka kwezinga lokuphasa kuyizindaba ezinhle, kunezizathu zokukhathazeka ngendlela okuphaswa ngayo, kusho amanye amaqembu aphikisayo.
View ArticleKubhikishe abafundi eThekwini
Abafundi abalinganiselwa ku-30 babambe umbhikisho ngaphandle kwamahhovisi oMnyango wezeMfundo eThekwini, bekhala ngenqubo yikushicilelwa kwamagama abafundi.
View ArticleIhamba yodwa iGauteng - Barbara Creecy
Abafundi baseGauten ebebenza umatikuletsheni ngonyaka ka-2012 yibona abathole imiphumela ephezulu ezweni lonke okungokwesibili eminyakeni emithathu.
View ArticleKuboshwe owadlwengula kubuka abantu
Sekuboshwe ibhungu elisolwa ngokudlwengula intombazane eneminyaka engu-17 ubudala, eyadlwengulwa eshibhini eJabulani, eSoweto, kusho amaphoyisa esifundazweni.
View ArticleAkuqiniswe kwi-maths nesayensi - Uthishanhloko
Kudingeka kunakwe kakhulu i-maths nesayensi, kusho uthishanhloko wesikole saseBenoni, e-Kurhuleni, esho ngemuva kokuphuma kwemiphumela kamatikuletsheni.
View ArticleUZuma ududuze abafeyilile
UMengameli uJacob Zuma usehalalilsele abafundi abaphumelele umatikuletsheni wabo, wase eyala laba abangaphumelelanga wathi bangalilahli ithemba.
View ArticleKuboshwe ekade bezama ukuqola abantu eNelspruit
Amadoda amabili asolwa ngokuzama ukuqola abantu, aboshiwe wuphiko loKlebe, esenxanxatheleni yezitolo eNelspruit.
View ArticleLihlehlile elokubulawa kwesikhulu sikahulumeni
Lihlehlile eNkantolo yeMantshi eMankweng, icala lokubulala elibhekene nomfana oneminyaka engu-16 ubudala, ababili abaneminyaka engu-19 ubudala noyedwa omdadlana.
View ArticleKudlwengulwe ona-14 obehamba nesoka
Abafana ababili abaneminyaka engu-17 ubudala, baboshiwe ngezinsolo ezithi badlwengule intombazane eneminyaka engu-14 ubudala.
View ArticleKuminyene utshumo emigwaqeni - Umbiko
AbakwaSouth African Border Control Operational Coordinating Committee bathi kuminyene utshumo emigwaqeni yakuleli, njengoba amagoduka esebuyela emuva.
View ArticleUdokotela kwelokudlwengula iziguli
Uvele eNkantolo yesiFunda eThohoyandou udokotela osolwa ngokudlwengula abesifazane ababili ababeyiziguli zakhe.
View ArticleAbajeze kanzima abashayela bedle amponjwana - IFP
Iqembu iNkatha Freedom party lithi kumele baphucwe izincwadi zokushayela laba ababanjwa beshayela bedle amanzi amponjwana.
View ArticleKutholakale isidumbu sowesifazane emgwaqeni
Kutholakale isidumbu sowesifazane oneminyaka engu-20 ubudala, sidindilizile engwaqeni eSwaneville, ngaseKrugersdorp, eGauteng.
View ArticleUmphakathi weseka owabulala intombi
Iphoyisa likaMasipala waseGoli eladubula labulala intombi yalo nomngani, lithole ukwesekwa ngumndeni, abangani kanjalo nozakwabo ngesikhathi livela enkantolo.
View ArticleKushaqwe imali kwaboshwa abantu eThekwini
Abantu abane baboshiwe kwashaqwa isamba semali engu-R1.6 million, ezehlakalweni ezimbii zokushaqwa kwezidakamizwa eChatsworth, kusho amaphoyisa KwaZulu-Natal.
View Article