Quantcast
Channel: isiZulu Ningizimu Afrika
Browsing all 27149 articles
Browse latest View live
↧

Kuxwayiswa abashayeli bezimoto

Abe-Road Traffic Management Corporation (RTMC) sebexwayise abashayeli bezimoto ngokuthi amaphoyisa ngeke abe nozwelo kubantu abaphula umthetho womgwaqo.

View Article


Sicela ninikele ngegazi - SANBS

AbakwaSouth African National Blood Services (SANBS) sebephinde bahlaba ikhwela bacela izakhamizi zaseNingizimu Afrika ukuthi zinikele ngegazi.

View Article


Ubunezingqinamba unyaka - Zuma

Uhlelo iNational Development Plan, udaba oluthinta obhejane, yindaba yaseMarikana ngezinye zezinto ezicatshangwa nguMengameli uJacob Zuma, njengoba kusongwa unyaka.

View Article

Kuboshwe iphoyisa likamasipala ngokubulala

Sekuboshwe iphoyisa likaMasipala waseGoli ngezinsolo zokudubula libulale intombi yalo nowesilisa eSoweto, kusho umbiko wamaphoyisa.

View Article

Kushone umndeni eMpumalanga

Amalungu amathathu omndeni owodwa, ashonile ngesikhathi ewa endaweni engamamitha angu-30 ukuya phansi eRietfontein Waterfall eMpumulanga.

View Article


Ona-70 ezinsolweni zokubulala

Indoda eneminyaka engu-70 ubudala izovela eNkantolo yeMantshi eZeerust, ngecala lokubulala, kusho amaphoyisa aseNorth West.

View Article

Kugwilize ingane e-swimming pool yasekhaya kubo

Intombazanyana eneminyaka engu-13 ubudala igwilize yashona e-swimming pool esekhaya kubo eKrugersdorp, kusho abahambisa usizo lokuqala eGoli.

View Article

Akuphenywe ngabashone behlolelwa umsebenzi - SACP

Kumele kusungulwe ithimba elizophenya ngokufa kwabantu abayisikhombisa abakaqe behlolelwa ukuba ngamaphoyisa kamasipala eMgungundlovu, kusho abe SA Communist Party.

View Article


Kuboshwe izigilamkhuba oSizweni

Amadoda amane azolala ebaliwe kulandela ukubanjwa nezibhamu ezingekho emthethweni, izinhlamvu zesibhamu kanye nemoto yokwebiwa.

View Article


Uya enkamtolo obehamba ngesivinini esiphezulu

Izovela ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yasePitoli, indoda ebanjwe ishayela imoto ngesivinini esingu-187km/h, emgwaqeni onguN1, kusho amaphoyisa omgwaqo eGauteng.

View Article

Kushone 4 engozini eHeidelberg

Abantu abane bashonile kwathi abanye abangu-14 balimala ngesikhathi kwehla ingozi yetekisi ngaseHeidelberg, kusho abahambisa usizo lokuqala eGauteng.

View Article

Isizokhokhelwa imigqomo kadoti - Pikitup

Izakhamizi zaseGoli kuzodingeka zikhokhe imali elinganiselwa ku-R385 uma zifuna ukuthola imigqomo emisha yokufaka udoti, kusho abakwaPikitup.

View Article

Kudla lubi ukudlwengula eLimpopo

Amantombazanyana amabili okungeneminyaka emithathu ubudala neneminyaka eyisikhombisa ubudala, angamanye amantombazanyana ayisithupha adlwengulwe eLimpopo ngempelasonto.

View Article


Iqembu libumbene kakhulu - ANC

I-African National Congress ibuye emigubhweni yeminyaka eyikhulu, isinamandla aphindiwe futhi ibumbene kakhulu kunakuqala, kusho iqembu esifundazweni eNorth West.

View Article

Kuwukuxhamazela ukuthi angisule - Mchunu

UNgqongqoshe wezokuThutha KwaZulu-Natal uWillies Mchunu uzichithile iziphakamiso zokuthi ashiye isikhundla sakhe wathi zingukuxhamazela.

View Article


Baningi abashone emigwaqeni - RTMC

Singaphezu kuka-1 200 isibalo sabantu asebeshone ezongozini zemigwaqo yakuleli kusukela kuqale inyanga kaDisemba, kusho abakwaRoad Traffic Management Corporation.

View Article

Uthole ibheyili umvukuzi waseLonmin

Umvukuzi wasemayini iLonmin, owabanjwa ne-platinum, unikwe yinkantolo ibheyili ka-R800, kusho amaphoyisa aseNorth West.

View Article


Kushone 4 ezingozini eKapa

Abantu abane abahlanganisa nabathathu bokufika, bashonile ezingozini ezimbili ezehlukene ezenzeke eKensington, eKapa, kusho izikhulu zomgwaqo.

View Article

Kuboshwe iphoyisa mbumbulu eN West

Lishone emini kumgulukudu obugqoke umfaniswano wamaphoyisa uwushaye waphelela, ngesikhathi ubanjwa ngamphoyisa angampela.

View Article

Sekushone ababili engozini ePMB

Uqala nje unyaka, abantu ababili sebeshonile kwathi abanye abathathu balimala ngesikhathi kushayisana izimoto eMgungundlovu, kusho abahambisa usizo lokuqala.

View Article
Browsing all 27149 articles
Browse latest View live


<script src="https://jsc.adskeeper.com/r/s/rssing.com.1596347.js" async> </script>