Asikatholwa isidumbu somfana ominzile
Azikatholwa izinsalela zesidumbu somfana oneminyaka engu-15 ubudala nowahlaselwa ushaka ePort St Johns, e-Eastern Cape ngoKhisimusi, kusho amaphoyisa.
View ArticleUgesi ushokhe umsebenzi eMooi River
Umsebenzi wasepulazini eMooi River ushonile ngemuva kokubanjwa wugesi ngesikhathi ethinta intambo kagesi ebilengela phansi kakhulu.
View ArticleAbake bangincenge nje nami - Malema
Lowo owayengumengameli we-ANC Youth League uJulius Malema uthi sekuyisikhathi manje sokuthi osopolitiki bamhehele emaqenjini abo isikhathi sisekhona.
View ArticleKuboshwe otholakale nesibhamu sokwebiwa
Amaphoyisa ase-Eastern Cape abophe owesilisa ngemuva kokulunywa indlebe ngokuthi unesibhamu sokwebiwa, kusho wona amaphoyisa.
View ArticleKuboshwe iphoyisa ngokugqekezwa kwesitolo
Kuboshwe iphoyisa elisolwa ngokuba yingxenye yokugqekezwa kwesitolo -- liwushaye waphelela umfaniswano wamaphoyisa, eSunnyside, kusho amaphoyisa.
View ArticleBangu-32 000 abafesele izikhala ezingu-90
Kulindeleke ukuthi lime ku-32 000 inani labantu abazobhalisela izikhala ezingu-90 zamaphoyisa omgwaqo esifundazwe, kubika iphephandaba.
View ArticleMakuqiniswe ezokuphepha ezitimeleni - Fedusa
Kumele zithi ukukhushulwa ezokuphepha ezitimeleni kulandela ukubulawa komshayeli wesitimela ePitoli, kusho inyunyana edlelana nezezitimela.
View ArticleKuhamba kahle ngoMandela - Maharaj
Lowo owaba ngumengameli wokuqala wentando yeningi uNelson Mandela uzoqhubeka nokulashelwa ekhaya lakhe eHoughton, kusho iHhovisi likaMengameli.
View ArticleMakugezwe nemigwaqo - Sanco
Isiphakamiso sikaMengameli Jacob Zuma sokuthi kube nomcimbi wokugeza izwe umele ukapakele nasemigwaqeni, kusho iSA National Civic Organisation (Sanco).
View ArticleAbamelene noZuma badukisa abanye - ANC
Labo abamelene noMengameli Jacob Zuma baluthele izwe ekutheni lihlanekezele inkulumo kamengameli uma ethi ukunakekela izilwane ngaphezu kwabantu "kuwubulungu".
View ArticleIsihluku umbungu upitshizwa yizimoto
Umbungu obesekusondele uzalwe ulahlwe emgwaqeni phambi kwesango laseMiddelburg High School, kanti abashayeli bebelokhu bewushayisa bengazi kukhonani kuplastiki.
View ArticleKuboshwe ababanjwe nomthofu
Kuboshwe amadoda amabili ngemuva kokubanjwa ephethe umthofu wenani lika-R100 000, eRoodepoort, kusho amaphoyisa.
View ArticleSitholakele isidumbu sowaduka eKZN
Sigcine sitholakele isidumbu sowesilisa owaduka ngesikhathi ewela ibhuloho eMzinto, ogwini oluseningizimu neKwaZulu-Natal njengoba bekunezimvula ezinkulu.
View ArticleKugwazwe kwabulawa indoda eKlerksdorp
Kutholakale isidumbu sendoda eneminyaka engu-43 ubudala yaseKlersdorp, eNorth West, igwazwe yabulawa, kusho umbiko wamaphoyisa.
View ArticleUzilengisile ogwaze intombi
Kutholakale isidumbu sendoda eneminyaka engu-31 ubudala silenga esihlahleni endaweni yaseDwaalkraal ngaseSannieshof.
View ArticleBaya enkantolo abafana abasolwa ngokufa komuntu
Bazovela ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseButterworth, e-Eastern Cape, abafana abathathu abasolwa ngokufa kwendoda eneminyaka engu-56 ubudala.
View ArticleKushone 4 kuginqika itekisi
Abantu abane bashonile kwathi abanye abayisithupha balimala kambi ngesikhathi kuginqika itekisi ngaseHeidelberg, kusho abahambisa usizo lokuqala.
View ArticleOwaseTanzania uboshelwe ukuzama ukudlwengula
Indoda edabuka eTanzania iboshiwe mayelana nezinsolo ezithi izame ukudlwengula ingane eneminyaka eyiisishiyagalolunye ubudala, maphakathi nedolobha iGoli.
View ArticleUya enkantolo odlwengule umzukulu
Kulindeleke ukuba umlisa oneminyaka engu-40-ubudala avele eNkantolo yeMantshi eNgqamakhwe, Eastern Cape, ngezinsolo zokudlwengula umzukulu.
View ArticleKuphenywa indoda ngolwaseNanda
Amaphoyisa aKwaZulu-Natal apheka ngemibuzo indoda ekusolakala ukuthi iyathinteka esehlakalweni esinyantisayo sokubulawa kowesifazane nabantwana bakhe abahlanu.
View Article