Kuminze isalukazi edamini ePaarl
Kugwilize owesifazane osekhulile edamini elingasePaarl, kusho abezimo eziphuthumayo.
View ArticleUMandela ungcono kakhulu - Zuma
UMengameli Jacob Zuma ujoyine uGraca Machel namalungu omndeni kaNelson Mandela ukuyomfisela uKhisimusi omuhle esibhedlela ePitoli.
View ArticleKwamukelwe izingane ezizalwe ngoKhisimusi
UNgqongqoshe wezeMpilo eGauteng uHope Mankwana Papo wamukele ezinye zezingane ezizalwe ngoSuku lukaKhisimusi kuleli.
View ArticleKuduke ababili olwandle kuleli
Kusatshelwa kuthi kuminze intombazane eneminyaka eyisihiyagalombili ubudala nomfana, 15, ezindaweni ezahlukene kuleli olwandle, kusho umbiko wezindaba.
View ArticleIbhungu lidlwengule owayeyintombi yalo
Kuboshwe ibhungu, 18, ngezinsolo zokudlwengula lowo owayeyintombi yalo eCeru ngaseButterworth, kusho amaphoyisa ase-Eastern Cape.
View ArticleUMandela ululamela ekhaya - Maharaj
Lowo owayengumengameli wokuqala wentando yeningi kuleli uNelson Mandela ukhishiwe esibhedlela ngemuva kokuchitha uKhisimusi khona, kusho iHhovisi likaMengameli.
View ArticleKubulawe umshayeli wesitimela
Kugwazwe kwabulawa umshayeli wesitimela ngaphandle kwesiteshi sesitimela iHercules ePitoli, kusho inkampani iMetrorail.
View ArticleUgcine ngokushona ohlengwe eminza
Owesilisa, 20, ohlengwe egwiliza olwandle oluseHout Bay ugcine ngokushonela eGroote Schuur Hospital, kusho uMkhandlu waseKapa.
View ArticleLibukeka lizonyuka inani labashone ezingozini
Izingozi zemigwaqo ezenzeke kuleli ngesikhathi samaholidi ngenyanga kaDisemba kuphela zingase zifike zidlule ku-1 000, ngokusho kwemibiko yabezindaba.
View ArticleKushone amaphoyisa engozini eKapa
Kushone amaphoyisa amabili engozini eyenzeke ngoKhisimusi eKapa esemsebenzini ngesikhathi iveni yomsebenzi ishayiswa yimoto yohlobo lweBMW.
View ArticleKushone 4 engozini yebhasi eBloemfontein
Kushone abantu abane ngesikhathi ibhasi ibalekela inyamazane yase iyagingqika ngaphandle kwaseBloemfontein, kusho abezimo eziphuthumayo.
View ArticleKushone 2 kusha umjondolo e-E Cape
Owesifazane, 37, nendodana yakhe, 5, bashe baba ngumlotha emjondolo wabo ose-Oesterbay, kusho amaphoyisa ase-Eastern Cape.
View ArticleKushone oyedwa engozini
Kushone owesilisa oyedwa kwathi ingane yomfana eneminyaka engu-11 ubudala yasala ilimele kanzima ngemuva kokuba imoto ebebehamba ngayo ilale amankeyane.
View ArticleBasale bedinga kusha eThekwini
Ingaphezulu kwekhulu imindeni ezama ukuhlanganisa izinto kancane kancane kulandela ukucekeleka phansi kwamakhaya ayo ngenxa yomlilo emijondolo ekuPalmiet Road.
View ArticleKutholakale isidumbu eKagiso
Kutholakale isidumbu sowesilisa sigqitshwe emgodini ongashoni eKagiso, ngaseKrugersdorp, kusho amaphoyisa aseGauteng.
View ArticleKunukwa iphoyisa kwelokuqhunyiswa kwama-ATM
Iphoyisa likaMasipala waseTshwane, 29, liboshiwe ngemuva kokutholakala nezimpahla okusolakala ukuthi zebiwe neziqhumane ezisetshenziswa uma kubhonjwa ama-ATM.
View ArticleOwesifazane ubulale isoka
Owesifazane usolwa ngokubhokoda ngommese abulale isoka lakhe, 39, e-Addo, kusho amaphoyisa ase-Eastern Cape.
View ArticleIphoyisa lidubule intombi, lazibulala
Iphoyisa lizame ukubulala intombi yalo ngaphambi kokuthi lizibulale, kusho amaphoyisa aseNorth West.
View ArticleKubhadanywe indawo yokudayisa ngomzimba eThekwini
Kuzophenywa injinga engumnikazi wendawo yomacaphunakusale enabesifazane abadayisa ngemizimba nendawo yokuwotawotwa umzimba eThekwini.
View ArticleKukhalwa ngebasheshe bazale
Ukuzalwa kwezingane ngoKhisimusi sekugqamise ukwanda kwesibalo sezingane ezizala zisezincane njengoba kuvele ukuthi nakulo Khisimusi ziningi izingane ezizalwe ngabesifazane abasebancane.
View Article