Quantcast
Channel: isiZulu Ningizimu Afrika
Browsing all 27149 articles
Browse latest View live
↧

Angase aphume esibhedlela uMandela

Kulindeleke ukuthi aphume esibhedlela lowo owayengumengameli uNelson Mandela kulandela ukuchitha isinsuku eziyisithupha esibhedlela esingadalulwanga esisePitoli.

View Article


Bashaywe babhunyelwa ngopende behlaselwa

Ababonakali nokuthi bangobanni abashadikazi asebekhulile ababoshwa ngowaya, bashaywa bashiywa umndondo base bebhunyelwa ngopende balahlwa emgwaqeni.

View Article


Kuningi okuyodingidwa eMangaung - Mantashe

Ingqungquthela ye-ANC ezoba seMangaung akuyona nje eyokuqoka abaholi kuphela, kusho uNobhala Jikelele wenhlangano uGwede Mantashe.

View Article

Kudutshulwe umholi we-ANC eN West

Kudutshulwe kwabulawa isikhulu se-ANC eNorth West ngaphandle komuzi waso eKlerksdorp, kusho amaphoyisa.

View Article

Odilikajele abangu-26 kubadlwenguli

Ubaba nendodana yakhe bagixabezwe ngodilikajele abangu-26 ngamacala okudlwengula, kulalele iNkantolo eNkulu yaseGoli, kulandela ukulahlwa yila macala ngeledlule.

View Article


Okusha ngemali uShaik ayinika uZuma

Izigidi zemali ezakhishwa ngusomabhizinisi waseThekwini owalahlwa ngamacala enkohlakalo uSchabir Shaik, eyikhiphela uMengameli uJacob Zuma, kwabe kungeyezingane zakhe.

View Article

Ngaqamba amanga - Ubaba owathi uthunjiwe

Indoda yomndeni yaseNew Germany uLeon van Rensburg usegcine evumile ukuthi wasenga ezimithiyo ngesikhathi ethi udunwe imoto wase ethunjwa, wathi uyazisola.

View Article

Akungaxoshwa abaholi abanamava - Manuel

UNgqongqoshe wezokuHlelwa Kwezinto kuHulumeni uTrevor Manuel usexwayise ngakubiza ngokushiywa ngaphandle kwabaholi abanamava eqenjini elibusayo.

View Article


I-ANC izosebenzisa imali yayo eMangaung

UNobhala Jikele we-ANC usephumele obala wathi abantu bangakhathazeki njengoba iqembu lizosebenzisa imali yalo eliziqokelele yona uma sekuqhubeka ingqungquthela.

View Article


UZuma akazixaki ngoMalema - Umbiko

UMengameli uJacob Zuma ukhulume nephephandaba wathi akanaso isikhathi sokuzixaka ecabangana nomholi wophiko lwentsha owaxoshwa uJulius Malema.

View Article

Lihlehlele ozayo icala 'lendoda yembazo'

Icala lokubulala elibhekene nalowo owayengumdlali wamaBlue Bulls uPhindile Joseph Ntshongwana lizoqhubeka nokuthethwa ngonyaka ozayo eNkantolo eNkulu yaseThekwini.

View Article

Umdwebo wawungithuka - Zuma

UMengameli Jacob Zuma uchaze umdwebo kaBrett Murray, iThe Spear, owawuveza ubuntu bakhe bungaphandle, njengento engahlukile nokumchapha ngenhlamba.

View Article

Amaphoyisa abulale umsolwa ePinetown

Kushone owesilisa kwathi omunye waboshwa kulandela impi yezulu lezandla phakathi kwabo namaphoyisa ePinetown, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal.

View Article


UZuma uvikele amaphoyisa aseMarikana

UMengameli wezwe uJacob Zuma usephikele amaphoyisa ayesebenza ngesikhathi kudutshulwa kubulawa abavukuzi abangu-34 ababetelekile emayini iLonmin, eMarikana.

View Article

Kuboshwe "obendiza" ngemoto

Kubanjwe umshayeli wemoto obeshayela ngesivinini esingu-228km/h, emgwaqeni u-N4, eMpumalanga, kusho uMnyango wezokuPhepha koMphakathi esifundazweni.

View Article


Sebelinde usuku lwenkomfa eMangaung

Konke kumi ngomumo njengoba sekusele izinsuku ezimbili kuphela kubanjwe inkomfa enkulukazi yeqembu elibusayo eMangaung, eBloemfontein.

View Article

Kuboshwe abangu-22 eGauteng

Kuboshwe abantu abangu-22 kwashaqwa nempahla yomgunyathi ka-R15 million ngesikhathi amaphoyisa evimbe umgwaqo eGauteng ngempelasonto.

View Article


Kushone indoda engozini eN West

Kushone owesilisa kwathi abayisithupha balimala ngesikhathi iveni abebehamba ngayo igingqika eMabaalstad, kusho amaphoyisa aseNorth West.

View Article

UMalema uthembisa ngokushintsha

Owayengumengameli wophiko lwentsha lwe-ANC owaxoshwa uJulius Malema uthumele incwadi eqenjini elibusayo eMangaung ecela ukubuyiselwa umsebenzi wakhe.

View Article

Kulindeleke ukuthi kuqokwe abuholi be-ANC

Selulungisiwe udaba lwezimvume zokungena kwabantu enkomfeni ye-ANC eMangaung, nezivumela izithunywa ukuba zivote, kusho umthombo ongaphakathi eqenjini.

View Article
Browsing all 27149 articles
Browse latest View live


<script src="https://jsc.adskeeper.com/r/s/rssing.com.1596347.js" async> </script>