Imvula igugule amatekisi amabili eKZN
Amatekisi amabili aguguleke aya emfuleni kulandela uzamcolo ngaseMhlanga, KwaZulu-Natal, kusho abezimo eziphuthumayo.
View ArticleI-SABC imise inkulumo noZapiro - Umbiko
Isiteshi esisakaza ngomoya i-SABC simise inkulumo nomdwebi uJonathan Shapiro, owaziwa ngelikaZapiro, nodume ngokudweba abukise ngosopolitiki.
View ArticleUVavi uyihlongandlebe - Manana
ISekela likaNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme uMduduzi Manana usechaze uNobhala Jikelele weCosatu uZwelinzima Vavi "njengehlongandlebe".
View ArticleBasenkingeni abazale izingane ezimbili onyakeni
UMnyango wezaseKhaya uyala ukubhalisa ingane ezalwe ngemuva kwezinyanga eziyisikhombisa kuphela kwazalwa umfowabo, kusho umbiko.
View ArticleUbaba ecaleni lokukhulelisa indodakazi
Omunye owesilisa waseMpumalanga usebekwe icala lokudlwengula nokukhulelisa indodakazi yakhe kathathu bese eyiphoqa ukuba ikhiphe izisu.
View ArticleKuphephile esibhedlela ekulele kuso uMandela
Asaqhinqile namanje esibhedlela amasosha ayisishiyagalombili ajutshwe esibhedlela ekulaliswe kuso loyo owabe enguMengameli wezwe uNelson Mandela.
View ArticleBavelile enkantolo ngelokubulala eKZN
Abalisa ababili abasolwa ngokubulala izithandani esezindala nokuzebela imali yempesheni bavele eNkantolo yeMantshi eCamperdown, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal.
View ArticleUmunyu umama ebuka izingane zifa
Owesifazane waKwaZulu-Natal obebhalwe umunyu ebusweni ulandise ngobuhlungu bokulahlekelwa yizingane zakhe ezimbili ngesikhathi imvula icekela phansi umuzi wakhe.
View ArticleUdokotela uthweswe amacala angu-319
Uya enkantolo udokotela wasesibhedlela iGeorge Mukhari, eNorth West, othweswe amacala angu-319 enkohlakalo, kusho umbiko wophiko loKlebe.
View ArticleSaba sihle isinqumo sikaMpembe - Ikhomishana
Sabe sifanele isinqumo esathathwa yiPhini likaKhomishana wamaPhoyisa aseNorth West, uGeneral William Mpembe, ngesikhathi kuqhubeka isiteleka sabavukuzi emayini iLonmin.
View ArticleIzophothulwa enkomfeni eyamagama abe-ANC
Ukuphakanyiswa kwamagama abaholi abazongenela ukhetho engqungqutheleni ye-ANC ezoba seMangaung, kuzophothulwa kuyona le nkomfa.
View ArticleUMotlanthe uyamukele inselelo - Umbiko
Lowo okhulumela iSekela likaMengameli uKgalema Motlanthe usekuqinisekisile ukuthi lo sopolitiki usekwamukele ukuba semjahweni wesokuhola i-ANC.
View ArticleUMakgoba uqokelwe isikhundla esibalulekile
Iphini lika shansela e-University of KwaZulu-Natal (UKZN) uMalegapuru Makgoba useqokwe njengosihlalo wekomidi elizobhekela ukuguqulwa kwamanyuvesi akuleli.
View ArticleAyize noguquko iMangaung - Cosatu
Ingqungquthela ye-African National Congress ezobanjwa eMangaung ngasekupheleni kwesonto, kumele ize noguquko, kusho umfelandawonye wezinyunyana iCosatu.
View ArticleInkantolo izonquma ngobuholi base Free State
INkantolo yoMthethosisekelo kulindelekele ukuthi ikhiphe isinqumo esicelweni esedluliswe ngamalungu e-African National Congress ayisithupha, aseFree State.
View ArticleBaningi abashona emigwaqeni eW Cape
Silokhu sikhule njalo isibalo sabantu abashona emigwaqeni esifundazweni eWestern Cape, uma kuqhathaniswa nangalesi sikhathi ngonyaka owedlule.
View ArticleUZuma uvule umfanekiso kaMandela
UMengameli we-African National Congress uJacob Zuma uvule ngokusemthethweni umfanekiso oqoshiwe waloyo owabe enguMengameli uNelson Mandela, eNaval Hill, eBloemfontein.
View ArticleKushone 3 engozini eDe Doorns
Kushone abantu abathathu engozini ebandakanya ibhasi netekisi eDe Doorns, kusho abezimo eziphuthumayo eWestern Cape.
View ArticleUdilikajele kowadlwengula eKZN
Owesilisa waKwaZulu-Natal ugixabezwe ngodilikajele eNkantolo yesiFunda eGreytown ngokudlwengula owesifazane oneminyaka engu-53 ubudala, kusho amaphoyisa.
View ArticleUzobolela ejele owabulala isalukazi
Uzobolela ejele owesilisa waKwaZulu-Natal, nogwetshwe eNkantolo eNkulu yaKwaDukuza ngokubulala owesifazane, kusho amaphoyisa esifundazwe.
View Article