I-SABC imise izingoxo nezintatheli ngeMangaung
Kumiswe ngemizuzu yokugcina ingxoxo ebizoba kuMetroFM nezintatheli ezintathu nebezizodingida kabanzi ngengqunguqthela ye-ANC ezoba seMangaung.
View ArticleUthisha waseSoweto ezinsolweni zokunukubeza
UMnyango wezeMfundo eGauteng usumise uthisha wasesikoleni samabanga aphansi eSoweto, kulandela izinsolo ezithi uhlukumeze ngokocansi abafundi.
View ArticleIsicelo sokuthi kumiswe izimali ze-ANCYL
INkantolo eNkulu eGoli seyamukele isicelo sokuthi ibhange limise ukusebena kwezimali zophiko lwentsha i-ANC Youth League, kusho umbiko wakamuva.
View ArticleUzibulele umfundi ofeyilile
Umfundi ka-Grade 10 waseHeather Secondary School ukhethe ukuzibulala ngemuva kokuthola ukuthi ufeyile ukuhlolwa kwakhe, nokwenze wangakwazi ukubekezela.
View ArticleUzichithe ubuchopho umfana bedlala
Umfana oneminyaka engu-15 ubudala waseMitchells Plain, eKapa, uzichithe ubuchopho phambi kwabangani bakhe, ngesikhathi edlala ngesibhamu kanti sihlohliwe.
View ArticleKunokuthula KwaMashu - Amaphoyisa
Umbiko wamaphoyisa uthi kunokuthula elokishini laKwaMashu, esigcemeni sakwa-A, ngemuva kokuthi kubanjwe ukhetho lokuchibiyela.
View ArticleKuboshwe ummeli ngelokugwazela eKZN
Kuboshwe ummeli ngezinsolo zokugwazela umseshi ngecala ebeliqhubeka, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal.
View ArticleU-50% wabaqokwe yi-ANC ngabesifazane eKZN
Bangaphezulu kuka-50% abesifazane abaphakanyiselwe ekungeneni ekomidini eliphezulu le-ANC kuzwelonke, bephakanyiswa yi-ANC eKZN, ngokombiko wakamuva.
View ArticleNgeke ngilunge ejele - Jub Jub
Imindeni yezingane zesikole ezashona nezalimala engozini ehlanganisa umculi uMolemo "Jub Jub" Maarohanye ilindele ukuzwa isigwebo enkantolo.
View ArticleMabaqaphele abezitokfela - Amaphoyisa
Amaphoyisa asekhiphe isexwayiso emphakathini ngezitokfela kulandela ukubulawa kwabantu ababili ngesikhathi kugasela amadoda angaziwa besezinhlelweni zokuhlukanisa imali.
View ArticleUgixabezwe ngodilikajele owabulala uDewani
INkantolo eNkulu yaseWestern Cape isigixabeze uXolile Mngeni ngesigwebo sikadilikajele ngemuva kokutholakala enecala lokubulala isivakashi u-Anni Dewani.
View ArticleUbaba nendodana balahlwe awokudlwengula
UBooi Makhubela nendodana yakhe uRodgers abatshengisanga muzwa ngesikhathi belahlwa ngamacala angu-39 okudlwengula, ukushaya, ukuthumba nokugebenga.
View ArticleKuphahlazeke indiza ye-SANDF eDrakensburg
Kutholakale izicucu zebhanoyi loMbuso eliphakahlazekile eDrakensberg, ngaseLadysmith, KwaZulu-Natal, kusho umbiko wabakwaSA National Defence Force.
View ArticleI-IFP ihlwithe i-ANC iNkandla okhethweni
I-IFP ikwazile ukuthatha iwadi ye-ANC okhethweni lokuchibiyela eNkandla, KwaZulu-Natal, nalapho kudabuka khona uMengameli Jacob Zuma, ngokwemiphumela ekhishwe yi-IEC.
View ArticleAkaphendule noShrien - Ubaba ka-Anni
Ubaba ka-Anni Dewani uthi amaqiniso azophuma kahle ngokubulawa kwendodakazi yakhe uma umyeni wayo uShrien naye eziphendulela enkantolo.
View ArticleKuhamba kahle ukumakelwa kuka-matric
UNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal uSenzo Mchunu uthi bekungakabikwa zihibe ekumakeleni u-matric esifundazweni, njengoba ethi konke kuhamba ngendlela.
View ArticleBadube umhlangano abeseka uZuma
Abalandeli bakaSekela Mengameli uKgalema Motlanthe, baqale umhlangano wokuqokwa kobuholi ePolokwane, eLimpopo, ngemuva kokuthi izimbangi zabo sezidube umhlangano.
View ArticleBathukile ngesigwebo sikaSensai
Ngemuva kwesikhathi esingunyaka ezikhalela enkantolo, ethi ubhecwe ngamacala okunukubeza ngokocansi, uSensai waseFourways, ugcine egwetshwa unyaka owodwa.
View ArticleImpilo kaMotlanthe isengozini - Lekota
Umholi weCope uMosiuoa Lekota usengxambukele ezindabeni zeANC wathi iPhini likaMengameli uKgalema Motlanthe usatshisiwe kwathiwa angawungeneli umbango wesobumengameli.
View ArticleKuphakanyiswe uMotlanthe eLimpopo
I-ANC eLimpopo, seyiqoke uSekela Mengameli uKgalema Motlanthe, ukuthi kube nguye obekwa njengomengameli weqembu, enkomfeni yezikhundla ezobanjelwa eMangaung.
View Article