Quantcast
Channel: isiZulu Ningizimu Afrika
Browsing all 27149 articles
Browse latest View live
↧

UMnyango ukhathazekile ngokufeyilwa kweMaths

Abafundi bakwa-Grade 9 bathole u-13% kuphela kuMathematics, ngesikhathi bebhala ukuhlolwa kwabo kukazwelonke okwaziwa nge-Annual National Assessment.

View Article


UMotlanthe uxwayise i-ANC

Uma i-ANC ihluleka ukulalela abantu ukuthi bathini, ingase ilahlekelwe yisikhundla sayo sokuba yiqembu elibusayo, kusho iPhini likaMengameli uKgalema Motlanthe.

View Article


Akasabuthi quthu uShrien Dewani - Umbiko

Kuthiwa uShrien Dewani usehlala ngokungakhululeki ngenxa yokuthi sihlala sibuya njalo emqondweni wakhe isithombe sobusuku okwabulawa ngabo unkosikazi wakhe.

View Article

Kutholakale izithandani zishonile

Owesilisa waseSoweto nonkosikazi wakhe batholakale beshonile emzini wabo, kusho amaphoyisa aseGauteng.

View Article

I-ANC ilulele iW Cape isikhathi - Umbiko

Isigungu esiphezulu se-ANC sesinikeze iWestern Cape isikhathi esithe xaxa sokuthi iphothule uhlelo lokuphakanyiswa kwamagama obuholi, ngokusho kombiko.

View Article


Isinde izoganiswa ingane, 14

Intombazanyana yaKwaZulu-Natal isithathiwe kubazali bayo nabebehlela ukuyishadisa nondoda endala, kusho iCommission for Gender Equality (CGE).

View Article

Isiteleka siphazamise ukuholelwa kwabesibonelelo

Kuphazamisekile ukuholelwa kwabantu abathola isibonelelo sikahulumeni e-Eastern Cape, ngesikhathi onogada benkampani iFidelity, bengena esitelekeni esingagunyaziwe.

View Article

Uvelile owaqamba amanga ngokudunwa

Uchwepheshe wezamakhompyutha waseThekwini, owaqamba amanga wathi udunwe imoto wase ethunjwa izinsuku ezintathu, uvele kafushane ngaphambi kwenkantolo.

View Article


'Azingaqhathaniswa izikole zoMbuso nezizimele'

UNgqongqoshe wezeMfundo eyisiSekelo u-Angie Motshekga ukuvumile ukuthi izikole ezizimele azisoze zaqhathaniswa nezikahulumeni, ngokusho kombiko.

View Article


Kugwetshwe isitshudeni ngelokudlwengula eKZN

Isitshudeni sase-University of Zululand sigwetshwe iminyaka eyisishiyagalombili sibhadle ejele yiNkantolo yesiFunda eNgwelezane ngokudlwengula esifunda naye.

View Article

Owesifazane utholwe nezidakamizwa

Limshonele owesifazane, 36, ngesikhathi eboshwa kulandela ukutholakala nezidakamizwa e-OR Tambo International Airport ephethe i-cocaine engu-2.9 kg, kusho amaphoyisa.

View Article

Ubuyele emsebenzini uthishanhloko owamiswa

Uthisha odumile wesikole samabanga aphezulu nesihamba phambili ngamamaki eMbumbulu, ubuyele emsebenzini ngemuva kokuhlala ekhaya izinyanga ezintathu.

View Article

Ezomdabu azingasali ngaphandle - Baloyi

Izikhungo zomdabu zineqhaza okumele zilidlale entandweni yabantu, kusho uRichard Baloyi nonguNgqongqoshe woMnyango wezokuBusa ngokuBambisa kanye nezindaba zoMdabu.

View Article


Kuzophepha eGoli ngamaholidi - Umasipala

Kwethulwe izinhlelo zokuqinisekisa ukuphepha kwabahlali nezivakashi edolobheni laseGoli, njengoba kuza isikhathi samaholidi kaKhisimusi, kusho uMasipala waseGoli.

View Article

Uphekwe ngobhojwana owe-Amcu

Ummeli wemindeni eyashonelwa yizihlobo embhikishweni wabavukuzi basemayini iLonmin eMarikana uDumisa Ntsebeza SC, upheke ngemibuzo umengameli wenyunyana i-Amcu.

View Article


Kuboshwe owayedlalela iCeltic

Owabe edlalela iBloemfontein Celtic uboshwe ngamaphoyisa kulandela izinsolo ezithi ujikijele ngebhomu imoto kankosikazi wakhe, naye ephakathi.

View Article

Unikwe ibheyili umfundisi osolwa ngokudlwengula

Unikwe ibheyili umfundisi waseSoweto, eGoli, obhekene necala lokudlwengula intombazane eneminyakka engu-12 ubudala, nokunukubeza amanye amantombazanyana amabili.

View Article


Kubulawe isalukazi e-E Cape

Owesifazane osekhulile utholakale ebulewe emzini wakhe oseButterworth, kusho amaphoyisa ase-Eastern Cape, nathi kusolakala ukuthi uqale ngokudlwengulwa.

View Article

Ulawulekile umlilo eTable Mountain

Izicishamlilo zikwazile ukulawula umlilo obusha ubuhanguhangu eTable Mountain, eKapa, kusho ithimba elisebenza ngezinhlekelele kulo mkhandlu.

View Article

Ususiwe esikhundleni sakhe uSimelane - Umbiko

UMqondisi kwezokushushiswa kwamacala omphakathi, nobelokhu esezinxushunxushwini, uMenzi Simelane, ugcine ngokukhishwa kuNational Prosecuting Authority.

View Article
Browsing all 27149 articles
Browse latest View live


<script src="https://jsc.adskeeper.com/r/s/rssing.com.1596347.js" async> </script>