Quantcast
Channel: isiZulu Ningizimu Afrika
Browsing all 27149 articles
Browse latest View live
↧

Lihlehlisiwe elokugwetshwa kukaJub Jub

Kuhlehlisiwe eNkantolo yeMantshi yaseProtea ukugwetshwa kukalowo owatholakala enecala lokubulala uMolemo "Jub Jub" Maarohanye nasolwa naye uThemba Tshabalala.

View Article


Utheleke ngokuthula enkantolo uMalema

Egqoke isudi, uJulius Malema uhlale phansi etshengisa ungatatazali ngaphambi kokuqhubeka kwecala eNkantolo eNkulu yaseLimpopo, ePolokwane.

View Article


Uthi akathukile uJuju

Umholi we-ANC Youth League owaxoshwa uJulius Malema ubonakale engakugqizi qakala ukuthi wandiselwe amacala ngesikhathi evela ngaphambi kweNkantolo yesiFunda ePolokwae.

View Article

I-DA ikhathazekile ngodlame ku-ANC

Udlame okuqhubekayo eNorth West phakathi kwamalungu e-ANC luyakhathaza, kusho iDemocratic Alliance, kulandela ukusinda ilungu likaKhongolose lidutshulwa.

View Article

UMotlanthe uthi usadlinza ngolwakhe noZuma

USekela Mengameli uKgalema Motlathe ukhulume wathi usajula ngokuthi ancintisane yini noMengameli uJacob Zuma, uma sekukhethwa ubuholi beqembu.

View Article


Lihlehlisiwe 'elendoda yembazo'

Icala lowayengumdlali weBlue Bulls uPhindile Joseph Ntshongwana lihlehlisiwe eNkantolo eNkulu eThekwini, nokuvele ukuthi lizoqhubeka ngenyanga ezayo.

View Article

Odilikajele abayisithupha kumdlwenguli

INkantolo yeMantshi yaseVerulam isigwebe indoda eneminyaka engu- 57 ubudala odilikajele abayisithupha ngecala lokudlwengula intombazane eneminyala engu-12.

View Article

Azisekho izinkinga eGauteng - Mokonyane

Uhulumeni waseGauteng usukwazile ukubhekana nezinkinga ohlangabezane nazo ngonyaka ka-2012, wase udlula kuzo, kusho uNdunankulu wesifundazwe uNomvula Mokonyane.

View Article


Akuphenywe nge-etolling - Cosatu

Kumele kuqalwe ikhomishana ezophenya ngodala oluthinta ama-etoll, aseGauteng, kusho uNobhala womfelandawonye wezinyunyana iCosatu, esifundazweni uDumisani Dakile.

View Article


Ihhotela libanjwe inkunzi eBloem

Isigejana ebesihlome ngezibhamu sibambe inkunzi ihhotela iThe Lengau, eBloemfontein, sakhala semuka nesamba semali engadalulwanga.

View Article

Okusha kwelowe-IFP owabulawa

Indodana yelungu leNFP yakhalaza emaphoyiseni ithi ihlaselwe ngamalungu e-IFP, ngaphambi kokuthi kubulawe ilungu leNkatha, elabulawa ngakujatshi wesitimela

View Article

Kulengiswe umama kwabulawa nezingane ezine

Kutholakale owesifazane elenga esihlahleni esibuqamama ngamakhilomitha amathathu nasemkhukhwini wakhe, ekube sekutholakala kuwo izingane zakhe ezine zibulewe.

View Article

Kudlwengulwe isalukazi e-E Cape

Kuboshwe owesilisa oneminyaka engu-26 ubudala ngezinsolo zokudlwengula isaguga esigodini saseMahasana, eWillowvale, kusho amaphoyisa ase-Eastern Cape.

View Article


Akenzanga cala uDhlomo - Mkhize

UNdunakulu waKwaZulu-Natal uZweli Mkhize usekubeke kwacaca ukuthi uNgqongqoshe woMnyango wezeMpilo uS'bongiseni Dhlomo, akenzanga lutho okungukwephula umthetho.

View Article

'Ngiyaphela yizimpama zomyeni wami osashona'

Imishado eminingi kukholakala ukuthi ihlelwe emazulwini kodwa uNcengani Mlambo waseMqangqala eMzinto, uthi ukholwa wukuthi owakhe wahlelwa esihogweni uqobo.

View Article


Luzoqhubeka ukhetho KwaMashu - IEC

Ukhetho lokuchibiyela eThekwini kuwadi 39 ekhungethwe yizinkinga, luzoqhubeka nakuba kusanezehlakalo zodlame kule ndawo yaKwaMashu, kusho okhulumela okhulumela i-IEC.

View Article

Ayelulama amaphoyisa adutshulwe eMlazi

Agadwe ngozakwabo esibhedlela amaphoyisa amabili asinde kukubi ehlaselwa eselokishini eMlazi, ngemuva kokuthi ebizwe esehlakalweni sokuduna.

View Article


'UChaskalson waba nesandla enkululekweni'

Owayeyinhloko yamajaji u-Arthur Chaskalson wayengomunye walabo abasungula uMthethosisekelo wentando yabantu eNingizimu Afrika, kusho owayengumengameli wezwe uFW de Klerk.

View Article

Uphekwe ngemibuzo uMathunjwa - Marikana

IKhomishana kaFarlam idingide ngokunyamalala kwe-video eveza uMengameli wenyunyana i-Amcu, uJoseph Mathunjwa ngesikhathi ekhuluma nabavukuzi.

View Article

Ugwetshiwe owadlwengula isitshudeni

Ligwetshwe iminyaka eyisishiyagalombili ejele, ibhungu eladlwengula isitshudeni sase-University of Zululand, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal.

View Article
Browsing all 27149 articles
Browse latest View live


<script src="https://jsc.adskeeper.com/r/s/rssing.com.1596347.js" async> </script>