Quantcast
Channel: isiZulu Ningizimu Afrika
Browsing all 27149 articles
Browse latest View live
↧

Kuvaleliswe abafundi abashona engozini

Amakhulu abantu ahambele inkonzo yesikhumbuzo ebinomunyu yabafundi abathathu baseMitchells Plain abebenza ibanga leshumi abashone ngempelasonto.

View Article


Kwaphulwa umthetho ngolweDalai Lama

Uhulumeni waphula umthetho ngesikhathi engakhiphi ngokushesha i-visa evumela iDalai Lama, ukuthi ihambele kuleli, kusho iNkantolo yokweDlulisa amaCala eBloemfontein.

View Article


Uthi waphushwa owabulala intombi ene-HIV

Ugwetshwe iminyaka engu-18 ejele uSiyabonga Gelese, 23, waseSea Point, olahlwe yicala lokubulala owesifazane wase efihla isidumbu sakhe ngaphansi kombhede.

View Article

Ubulewe ogxobe isikhothane

Kuthe uma kungena ingoma emshaya ngaphakathi, uTshepo Ntahane, 23, wenza into yamehlo eshibhini edansa ezephula kanti kuzokwenzeka iphutha kunyatheleke isihothane.

View Article

Bavele enkantolo abakhwabanisela umshwalense

Abantu abane kulindeleke ukuba bavele eNkantolo ephathelene nezeziMali eThekwini kulandela ukuboshwa kwabo ngamacala okukhwabanisela umshwalense.

View Article


Uphume ngebheyili umfundi ngelokubulala

Umfundi wase-East Rand owenza u-Grade 11 osolwa ngokudubula abulale omunye umfundi ngoba emhlupha, uthole ibheyili ka-R1 000 eNkantolo yeMantshi eBoksburg.

View Article

Aniyeke phansi uZuma - Mabuza

I-ANC, eMpumalanga ithi ayingabazi ukuthi uzobuyela esikhundleni sakhe uMengameli uJacob Zuma, ithi izoqhubeka nokumeseka, kusho uSihlalo uDavid Mabuza.

View Article

Kuboshwe owaseMoz ngelobhejane

Amaphoyisa abophe indoda edabuka eMozambique, esolwa ngokuthinteka ebugebengwini bokuzingelwa kobhejane, lona uboshwe esemikhukhwini yaseRamotsahala.

View Article


Owe-ANCYL eKZN ezinsolweni zokweba imali

Isikhulu esiphezulu ophikweni lwentsha i-ANCYL, eKwaZulu-Natal, kuthiwa siyathinteka enkohlakalweni yokwebiwa kwemali eyabe inikelelwa abantwana abahlwempu.

View Article


Uvelile enkantolo kwelokushona kwabadlali

Umshayeli weveni eyashayisa itekisi, kwashona abadlali bebhola abane, uvele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseMankweng, kusho amaphoyisa aseLimpopo.

View Article

Zimkhalele obanjwe nezidakamizwa ePMB

Umkhankaso wokubopha labo abadayisa nabashushumbisa izidakamizwa kula maholidi uqale ngegiya eliphezulu ngesikhathi kuboshwa indoda, 40, enkabeni yedolobha eMgungundlovu.

View Article

UDhlomo uthi akajiki kwakushilo

Kuqubuke imvunge esiShayamthetho saKwaZulu-Natal ngesikhathi kukhulunywa ngokuhamba ngendiza kukaNgqongqoshe wezeMpilo uSibongiseni Dhlomo.

View Article

Kushone indoda engozini eMhlanga

Owesilisa oseminyakeni eko-20 ubudala uhlulekile ukulawula imoto yakhe emgwaqeni uM14 eMhlanga ngezintatha, kusho abezimo eziphuthumayo.

View Article


Bashona sebegugile abakuleli

Abantu baseNingizimu Afrika balindeleke ukuthi okungenani baphile baze bafike eminyakeni engu-60 ubudala, kusho umbiko ngezimpilo nokuphila kwabantu bakuleli.

View Article

Wazala ingane wayigwaza amanxeba ayishumi

Omakhelwane bathi owesifazane uvulele phezulu umsindo kamabonakude ngesikhathi ematasa egwaza ephindelela usana lwakhe olusanda kuzalwa.

View Article


I-ANC eGauteng ihamba noMotlanthe

I-ANC eGauteng isiphakamise igama likaSekela Mengameli uKgalema Motlanthe ukuba athathe izintambo zokuhola i-ANC.

View Article

Lisinde lidutshulwa ilungu le-ANC

Ilungu le-ANC eNorth West lidutshulwe ngaphandle komuzi walo eMmabatho ngesikhathi lithi livula isango, kusho amaphoyisa.

View Article


Ugwetshiwe owabulala umyeni

Imantshi imdabukele owesifazane wasePitoli ogwetshwe iminyaka eyisikhombisa ebhadla ejele, lokhu kulandela ukulahlwa yicala lokubulala umyeni wakhe.

View Article

Kuliwa nokulova kwamasosha ePitoli

Ukulova kwabasebenzi elomkhulu lamasosha ePitoli sekuholele ekwenziweni komthetho omusha -- abasebenzi bavalelwa ngaphakathi ukuze bangakwazi ukuphumela ngaphandle.

View Article

Iyaqhubeka imibhikisho yama-etolls

Abantu abangebangakanani bahlangane ekhoneni elabe liyirenki yamatekisi belungiselela ukuba yingxenye yombhikisho oya ePitoli wokulwa ne-etolling.

View Article
Browsing all 27149 articles
Browse latest View live


<script src="https://jsc.adskeeper.com/r/s/rssing.com.1596347.js" async> </script>