Quantcast
Channel: isiZulu Ningizimu Afrika
Browsing all 27149 articles
Browse latest View live
↧

Wayenqatshelwa ukuxhumana nomndeni owashona

Umndeni womfana owashona ngemuva kokuhlala kwakhe amasonto ayishumi esikhungweni sokuqeqeshela ukugada esiqiwini, wawungavumelekile ukuxhumana naye.

View Article


Uyawaphika amacala owabulala ababili

Umshayeli wemoto eyashayisa abantu abathathu ababehamba ngamabhayisikili, wahluleka ukulawula imoto yakhe, lona uvele ngaphambi kweNkantolo yesiFunda ePretoria North.

View Article


Osolwa ngelokubulala uyazihlangula

UGerald Rossolloty, nosolwa ngokubulala intombi yakhe nokudlwengula intombazanyana, ungene ebhokisini lofakazi wazivikela ngala macala eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu.

View Article

Kubulawe isigebengu ebesesihlabene no-R20 000

Kudutshulwe indoda yashona ngemuva kokuthi ekhombe owesifazane ngesibhamu wamphuca imali elinganiselwa ku-R20 000 eSoweto, kusho amaphoyisa aseGauteng.

View Article

UMogoeng ufuna impendulo ngoluthinta uZuma

INhloko yamaJaji isicele impendulo mayela nodaba oluthinta ukuthi kubanjwe inkulumompikiswano ngoMengameli uJacob Zuma, amaqembu aphikisayo athi awasamethembi.

View Article


Azomiswa emsebenzini amaphoyisa omgwaqo ePMB

UMasipala uMsunduzi uthi azothathelwa izinyathelo zomthetho amaphoyisa abengene esitelekeni angaziphendulile izincwadi eziwazisa ngokumiswa emsebenzini.

View Article

Selidumela emasumpeni nge-Info Bill

I-African National Congress ihlanganise isigaba sokugcina somthetho ochitshiyelwayo iProtection of State Information Bill, yize noma abeshoda amaqembu aphikisayo ePhalamende.

View Article

Yayingichaza iNkosi uShaka - Ntshongwana

Lowo osolwa ngokuba ngumalugaju uJoseph Ntshongwana uthi wayeyithanda iNkosi uShaka ngenxa yokuthi wake wabulala owesifazane ozithwele ngoba efuna ukubona usana.

View Article


Ikhansela le-ANC lihlala bhusende - DA

Ikhansela le-ANC eGoli kuthiwa lihlala ngaphandle kokurenta esikhungweni esihlala onesi ngemuva kokuphoqwa nguMnyango wezeMpiklo eGauteng ukuba lisule emsebenzini.

View Article


'Uhulumeni akayinakile eyokubulawa kwabalimi'

Ukubulawa nokuhlaselwa kwabalimi kuleli kuyakhathaza kanti kumele kuthathwe njengesihlava esihlasele leli lonke, kusho iSolidarity Research Institute (SRI).

View Article

Bajabule beqeda ukubhala eKZN

Abafundi bakamatikulestheni baseKZN ngeke basizwe nakancane isikhathi abazosihlala belinde imiphumela yabo, njengoba ithe chithi saka imicibhi ehlelelwe abafundi.

View Article

UMnyango ukhuza abasebenzi abatelekile

Izehlakalo zokwesabisa kanye nokulinyazwa kwempahla ngezinye zezinto ezibikiwe njengoba kuqhubeka isiteleka sabasebenzi bezempilo e-Eastern Cape.

View Article

Kuxoshwe udokotela owaqola isiguli

uxoshiwe emsebezini udokotela wasesibhedlela iChris Hani Baragwanath, ngemuva kokutholakala kokuthi wakhokhisa isiguli isamba esingu-R3000, ngomsebenzi wamahhala.

View Article


Kushone ababili engozini eSoweto

Kushone abagibeli ababili ngesikhathi kwehla ingozi emgwaqeni omkhulu uN1 ngaphandle kwaseSoweto, kusho abezimo eziphuthumayo.

View Article

Umama kaMbeki weseka uZuma

Umangaze abaningi umama kalowo owayengumengameli uThabo Mbeki, ngesikhathi eveza ukuthi nakanjani uMengameli Jacob Zuma uzowudla umhlanganiso eMangaung.

View Article


Ungumdayisi uLamola - Malema

Owabe engumengameli wophiko lwentsha ye-African National Congress uJulius Malema, usegxeke ibamba likamengemeli wophiko uRonald Lamola, wambiza ngomdayisi.

View Article

Umama ubulale ingane, wazilengisa

Owesifazane wase-Atteridgeville, ePitoli, usolwa ngokuklinya abulale indodakazi yakhe, 8, ngaphambi kokuzikhunga ekhaya labo, kusho umbiko.

View Article


Ngizoyishiya i-ANC uma niqoka uZuma - Achmat

Isishoshovu esinguZachie Achmat sesisabise sathi sizosula ubulungu baso ku-African National Congress uma uMengameli Jacob Zuma ethatha ihlandla lesibili.

View Article

UMadonsela uphebeza izinsolo ngaye

Isekela likamvikeli womphakathi uMamiki Shai eligcwele ubuhlungu, elizophelelwa isikhathi salo kulesi sikhundla, lisole umphathi wakhe ngokumhlukumeza.

View Article

Ingane yadlwengulwa ngenyoka ephilayo

Indoda yimbe yaseBloemfontein isigwetshwe iminyaka engu-20 ithothoza ezikhindini ngemuva kokulahlwa yicala lokudlwengula ingane eneminyaka emithathu ubudala.

View Article
Browsing all 27149 articles
Browse latest View live


<script src="https://jsc.adskeeper.com/r/s/rssing.com.1596347.js" async> </script>