Quantcast
Channel: isiZulu Ningizimu Afrika
Browsing all 27149 articles
Browse latest View live
↧

ISilo sisebenzisa u-R800 000 ngenyanga ngokuhamba

INkosi uGoodwill Zwelithini nethimba lakhe basebenzisa imali engaphezu kuka-R800 000 ngenyanga uma behambela izindawo, ngokusho kombiko.

View Article


Ngakhelwa itulo - Uthisha osolwa ngokudlwengula

Izingane ezafaka isimangalo sokuhlukunyezwa ngokocansi zifakela uthishanhloko wasogwini oluseningizimu bezisetshenziswa othisha bazo nabazali ngetulo lokungcolisa igama lakhe.

View Article


Kuqiniswe ezokuphepha emayini iKusasalethu

Amaphoyisa kanye nonogada basemayini iKusasalethu, eCarletonville, baqaphe ngelokhozi ukuphepha, kulandela ukubulawa kwabavukuzi ababili.

View Article

UZuma ubazi ngemali ezosetshenziswa - Umbiko

UMengameli uJacob Zuma ubazi kahle ukuthi yimalini yabakhokhi bentela esetshenziselwa ukulungisa umuzi wakhe eNkandla, ngokusho kombiko wakamuva.

View Article

Kuzoba nokuthula eMangaung - Mashatile

Isishoshovu se-African National Congress uPaul Mashatile uthi umhlangano wokuqokwa kobuholi beqembu ozobanjelwa eMangaung ngenyanga ezayo.

View Article


Kuchwaze inkantolo yonke kungena uMalema

Izakhamuzi zaseLenasia zivele zachwaza ngesikhathi kutheleka uJulius Malema eNkantolo eNkulu eGoli njengoba kuqhubeka icala laseLenasia, ngokusho kombiko wakamuva.

View Article

Akuliwe nomsuka weziteleka - Nxesi

Izimbangela zeziteleka kwezinye izingxenye zomnotho kumele kuliwe nazo ngokushesha, kusho uNgqongsoshe woMnyango wezemiSebenzi yoMphakathi uThulas Nxesi.

View Article

Alenziwe isiikumbuzo igquma laseMakikana -Seoka

Igquma laseMarikana la kwadutshulelwa khona abavukuzi abangu-34 mhlaka-16 Agasti, bedutshulwa ngamaphoyisa, kumele lenziwe indawo yesikhumbuzo.

View Article


Odilikajele ababili kumalume ngokudlwengula

Ugwetshwe odilikajele ababili owesilisa, 21, ngokudlwengula abashana bakhe ababili abaneminyaka ayisikhombisa nesishiyagalombili ubudala, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal.

View Article


Kuduma ihlandla lesibili kuphela kuZuma - Mazibuko

UMengameli uJacob Zuma akezwa mshini ngodaba lokuthi abuyiselwe ihlandla lesibili kodwa uhlulekile ukwenza umsebenzi wakhe njengomengameli kusho, umholi weDA ePhalamende.

View Article

Ziyinkinga izindaba ezinhle - Abahleli

Yize noma amaphephandaba ebika izindaba ezinhle, imvamisa zishaywa indiva ngabafundi banake lokhu okumbi kuphela okubikwe yiphephandaba.

View Article

Kuzobhikishelwa ama-etolls

Uhlelo oluyizigaba ezintathu oluhlelwe yiCongress of SA Trade Unions lokubhikishela ukulwa nama-e-toll, kulindeleke ukuthi luqale ngesonto elizayo.

View Article

Kuzoma ukubhidlizwa kwezindlu - Inkantolo

Angeke kusaqhubeka ukubhidlizwa kwezindlu zabahlali baseLenasia, kuze kube kutholakala isisombululo odabeni lwabo, kusho iNkantolo eNkulu eGoli.

View Article


UZuma akaqondise ungqongqoshe - Madonsela

UMengameli uJacob Zuma kumele acabange ngokujezisa uNgqongqoshe woMnyango wezamaHlathi nezoLimo uTina Joemat-Pettersson.

View Article

Kufunwa abadlwenguli eLimpopo

Amaphoyisa aseMankweng, eLimpopo, athungatha abantu abangaziwa abasolwa ngezehlakalo eziningi zokudlwengula ezenzeke endaweni.

View Article


Baningi abayeka isikole - Ucwaningo

Izingane eziningi sazeNingizimu Afrika eziseminyakeni yobudala ephakathi kweyisihlanu neyisikhombisa, ziyafunda, lesi sibalo sikhulu kakhulu kunesango-1996.

View Article

Kuboshwe iphoyisa ngezinsolo zokudlwengula

Iphoyisa laseWestern Cape likhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngezinsolo zokuthi lidlwengule owesifazane esiteshini samaphoyisa eLangebaan, kusho i-Ipid.

View Article


Kushone oyedwa kuphangwa

Kushone owesilisa, 27, ngesikhathi oshayasibhamu abane begasela begebenga ispaza babaleka nemali, iselula ne-airtime eNkambini, eHibberdene.

View Article

Amaphoyisa axwayisa abesifazane eMtuba

Kusolakala ukuthi kudlwengulwe abesifazane abathathu baseMtubatuba ngempelasonto, kwase kuboshwa amadoda amabili ngalezi zigameko.

View Article

I-SABC ivale isikhangisi esingoZuma

Inhlangano esakazela umphakathi iSABC isivale isikhangisi sikafishi esiveza uMengameli Jacob Zuma nomndeni wakhe bedla isidlo sasebusuku, ngokombiko.

View Article
Browsing all 27149 articles
Browse latest View live


<script src="https://jsc.adskeeper.com/r/s/rssing.com.1596347.js" async> </script>