Isikhulu samaphoyisa kwelokudlwengula
Kuboshwe isikhulu samaphoyisa eWestern Cape ngezinsolo zokuthi sidlwengule owesifazane ebesimgibelise emotweni yakhe, kusho i-Independent Police Investigative Directorate.
View ArticleICosatu ifuna iqiniso ngeNkandla
UMvikeli woMphakathi uThuli Madonsela kumele asombulule iqiniso ngohlelo luka-R200 million lokulungiswa komuzi kaMengameli Jacob Zuma eNkandla, kusho iCosatu.
View ArticleKuboshwe obezama ukushushumbisa idayimane
Indoda edabuka eLebanon ikhalelwe ngamasongo kaSigonyela esikhumulweni sezindiza ngesikhathi ibanjwa izama ukushushumbisa idayimane lesamba esingaba ngu-R20 million.
View ArticleUJoemat-Pettersson uzohlangana noZuma
Kulindeleke ukuthi uNgqongqoshe woMnyango wezeMvelo namaHlathi uTina Joemat-Pettersson ahlangane noMengameli wezwe uJacob Zuma mayelana nodaba lwabasemapulazini.
View ArticleUphenduke udlame umhlangano we-ANC
Iqembu labantu ebelihlomile lingene ngo dli lapho obekuqhubeka khona umhlangano wegatsha le-ANC eKurhuleni lasabisa ngokudubula labo abangahambisani noJacob Zuma.
View ArticleUZuma uzophendula ngolwaseNkandla
UMengameli uJacob Zuma kulindeleke ukuthi aphendule imibuzo ngaphambi kwePhalamende, mayelana nodaba oluthinta ukulungiswa komuzi wakhe oseNkandla.
View ArticleUSisulu ukhwele wadilika kowe-DA ePhalamende
UNgqongqoshe wezemiSebenzi yoMphakathi uLindiwe Sisulu utshele ilungu leDA uDavid Maynier, wathi akahlalise phansi umzimba wakhe ogcwele amazenze.
View ArticleKuboshwe 3 ngelokuphanga eKZN
Kuboshwe amadoda amathathu ngokushaya imnikazi wesitolo nokumgebenga i-airtime nesamba semali esingadalulwanga ePort Shepstone, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal.
View ArticleURamphele uthi i-ANC iphendula abavoti izingane
Owabe eyisishoshovu sobandlululo uMamphela Ramphele uthi i-African National Congress yenza abavoti izingane ibasabise ngokuthi uma bevotela i-DA kungabuya ubandlululo.
View ArticleSizinzile isimo eDe Doorns
Alukho udlame olubekhona ebusuku eDe Doorns, kusho amaphoyisa aseWestern Cape, kulandela ukuvuma umbhejazane kwabasebenzi basemapulazini abafuna amaholo angcono.
View ArticleIyaqhubeka iKhomishana kaFarlam
Amaphoyisa abopha izindla zabavukuzi ababelimele ngesikhathi kuba nesehlakalo sokudutshulwa kwabo eMarikana, eNorth West, kwagcina kushona abangu-34.
View ArticleUZille ucele kuthunyelwe amasosha eDe Doorns
UNdunankulu waseWestern Cape uHelen Zille usecele ukuthi kuthunyelwe amasosha epulazini iHex River Valley, njengoba kuqhubeka umbhikisho onodlame.
View ArticleUhulumeni kumele unxephezele abantu - NFP
Uhulumeni wesifundazwe iGauteng kumele unxephezele imindeni edilizelwe izindlu ngoba yakhe ngokungemthetho emhlabeni wawo, kusho umholi weNFP.
View ArticleAbaholelwe othisha baseLimpopo - SADTU
Othisha baseLimpopo abakade befundisa ohlelweni lokusiza abafundi baka-Grade 10, olubizwa ngeCatch-Up Programme ngenyanga kaSeptemba, namanje abakaholelwa.
View ArticleUnikelele ngo-R10 million uMotsepe
Ukhisimusi usheshe wafika kubantu basemapulazini njengoba umacaphuma kusale onguPatrice Motsepe, egqoke izingubo zikaFather Christmas wase enikela ngo-R10-million.
View ArticleUmninimuzi uboshelwe ukugqekezela isiqashi
Ulale ebaliwe umninimuzi waseKagiso, ogqekeze endlini yesiqashi wantshontsha inkulungwane yamarandi, kusho amaphoyisa esifundazweni iGauteng.
View ArticleKushone oyedwa engozini yeloli
Umuntu oyedwa ushonile kwathi abathathu balimala ngesikhathi iloli ebelithwele usimende lliginqika likhwela phezu kwezinye izimoto ezimbili kuGarsfontein Road.
View ArticleAbakholelwa emthini abavukuzi - Umbhishobhi
Azinasisekelo izinkulumo ezithi ababhikishi abangabavukuzi basebenzisa umuthi ngoba bekholwa wukuthi uzobasiza bangabonakali uma bedutshulwa ngamaphoyisa.
View ArticleOna-13 ubulawe wacwiywa isikhumba
Kubulawe ngesihluku umnfanyana oneminyaka engu-13 ubudala waseMmakau Village, ngaseBrits, wase ecwiywa isikhumba nezinye izitho zomzimba.
View ArticleSekukhona imali kaMadiba engumkokotelo
Akukapheli ngisho isonto kwethulwe ngokusemthethweni imali engamaphepha enobuso bukaNelson Mandela, kodwa sekutholakale engumkokotelo eKapa.
View Article