Quantcast
Channel: isiZulu Ningizimu Afrika
Browsing all 27149 articles
Browse latest View live
↧

Kuboshwe izithandani ngokufa kwengane

Kuboshwe umama noyise womfana, 5, ongamzali baseNorth West ngecala lokufa kwakhe ngemuva nje kancane kokuthi emngcwatshiwe, ngokusho kombiko.

View Article


Kushone isalukazi siwela kuthelawayeka

Kushone isalukazi ngemuva kokushayiswa yimoto ngasemgwaqeni ochezukela e-Odendaalsrus, eFree State, sithi sizama ukuwela, kusho abezimo eziphuthumayo.

View Article


Babhikishele ukugqoza kwentuthuko eBhambayi

Isixuku sezakhamuzi ezibalelwa ku-300 zigcwale izitaladi zifuna ukwakhelwa izindlu zomxhaso eBhambayi, eNanda, enyakatho neTheku, kusho amaphoyisa eKwaZulu-Natal.

View Article

Ugwetshwe engu-20 umama owabulala ingane

Umbulali olahlwe yicala uZulpha Jacobs waqala ngokusabisa indodana yakhe eneminyaka emibili ubudala uTaariq, wathi uzoyibulala, ngesikhathi ikhalela iphalishi.

View Article

Kuqubuke umlilo ebhanoyini eGoli

Kumile ukuhamba kwendiza ethwala impahla nabagibeli, ebekumele isuke esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo International Airport, eGoli, kulandela ukuthi kuqubuke umlilo.

View Article


Usakhungathekile umndeni uthola isidumbu

Umndeni womfana owalahleka uthole isidumbu sakhe emakhazeni kahulumeni eTshwane, kanti uthi usashaqekile njengoba etholwe enqunywe uqhoqhoqho.

View Article

ITheku liphasile ekuvimbeni izintatheli

UMasipala weTheku usuvimbele izintatheli ekuboneni umbiko ngaphambi kokuba kudingindwe ngawo emkhandlwini, kusho umbiko wabezindaba.

View Article

'Wayebukela umama amadoda ezitika ngengane'

Umama onenkinga yokucwila otshwaleni, nobethengisa ingane yakhe kwabesilisa kuze bezozitika nayo ngocansi, wayesuke ekhona ebukela ngesikhathi amadoda ezitika ngengane.

View Article


Uzame ukuzibulala umfundi obecwaswa

Umfundi ka-Grade 11 ofunda esikoleni esiphezulu esizimele KwaZulu-Natal uzame ukuzibulala kulandela ukucwaswa ngokwebala ngabanye abafundi afunda nabo

View Article


Alukho uqhekeko ku-ANC - Gigaba

Ukuphambana kwemibono akusilo uphawu loqhekeko eqenjini elibusayo i-African National Congress, kusho uNgqongqoshe woMnyango wezamaBhizinisi oMphakathi uMalusi Gigaba.

View Article

Kulindeleke ukuthi uMalatsi aye ejele

Lowo owayengusopolitiki uDavid Malatsi uzogweba iminyaka eyisihlanu esejele kulandela ukubhuntsha kwesicelo sakhe sokuphikisa isinqumo senkantolo sokumthola enecala.

View Article

Baxwayisa kusuka ngo-2006 abaseLenasia

Abahlali baseLenasia, ise-Ennerdale kanye naseLawley, baxwayiswa kusukela ngo-2006 ukuthi umhlaba abakha kuwo awuvumelekile, kodwa noma kunjalo baqhubeka bagxumeka imizi.

View Article

Zingase zingene enkingeni izikhothane

Amalungu eqembu loswenka izikhothane ashiye abantu becishe benyathelana bejaha imali eyamaphepha o-R100 ebebeyidabula bayikhiphe ngamawindi ezimoto eBraamfontein.

View Article


Zimkhalele owesifazane ngokubulala umyeni

Kuboshwe owesifazane ngemuva kokutholakala kwesidumbu sendoda, 46, okukholakala ukuthi ngesomyeni wakhe, eLenasia, eningizimu neGoli, kusho amaphoyisa aseGauteng.

View Article

Uhambele eDe Doorns uJoemat-Pettersson

UNgqongqoshe woMnyango wezeMvelo uTina Joemat-Pettersson uhambele epulazini eHex River Valley, eWestern Cape, ukuyokhuluma nababhikishi abathukuthele.

View Article


Uboshiwe obanjwe nezincwadi zomkokotelo

Lizolala libaliwe ibhungu laseSoweto elibanjwe ngamaphoyisa lishayela imoto lisebenzisa izincwadi ezingumkokotelo, kusho amaphoyisa kaMasipala waseGoli.

View Article

Ujoyine i-DA uBalindlela

Owabe eseqenjini iCongress of the People ngemuva kokuba nguNdunankulu wase-Eastern Cape, ngesikhathi eku-African National Congress, uNosimo Balindlela, usejoyine i-DA.

View Article


Kushone ababili engizini e-E Cape

Abantu ababili bashonile kwathi abanye abahlanu balimala ngesikhathi kwehla ingozi yomgwaqo ku-N2 phakathi kweDutywa neButterworth, kusho amaphoyisa ase-Eastern Cape.

View Article

Ugwetshiwe umama owabulala 5 wezingane

Inkantolo eNkulu eNorth West imgwebe iminyaka engu-12 ebhadla ejele umama owabulala izingane zakhe ezinhlanu, ezine kuzo azigwaza kwathi eyodwa wayiminzisa.

View Article

UZuma ucelwe ukuba angenelele kolwaseDe Doorns

UNdunankulu waseWestern Cape uHelen Zille ucele uMengameli Jacob Zuma ukuba angenelele odabeni lwabasebenzi basemapulazini abafuna ukunyuselwa amaholo.

View Article
Browsing all 27149 articles
Browse latest View live


<script src="https://jsc.adskeeper.com/r/s/rssing.com.1596347.js" async> </script>