Quantcast
Channel: isiZulu Ningizimu Afrika
Browsing all 27149 articles
Browse latest View live
↧

Amaphoyisa azoqhubeka nokuchaza ngeMarikana

Ikhomishana ephenya ngokubulawa kwabavukuzi abangu-34 eLonmin, eMarikana izoqhubeka nokulalela imininingwane yamaphoyisa ngokwaqhubeka ngalolu suku lwezidubedube.

View Article


Kubhikisha izakhamuzi eLenasia

Izakhamuzi zaseLenasia South zigcwale izitaladi ziphikisana nesinqumo sikahulumeni wezindawo wokudiliza izindlu zazo, kusho umbiko wamaphoyisa aseGauteng.

View Article


Akukho okusha ngodlame lwezepolitiki - Cele

Lowo owayengukhomishana wamaphoyisa kuzwelonke uBheki Cele uthe abantu abehlise amaphaphu ngokuthi kuzobheduka udlame lezepolitiki njengoba kuyiwa eMangaung.

View Article

Uhlonziwe owashona ekhonsathini

Imenenja yehhotela laseWaterfront uFlorentina Heaven Popa, uhlonzwe njengomufi owaphangalala ngesikhathi kuwa isikafula ekhonsathini ebibanjelwe eKapa.

View Article

UMotshekga weseke ophenywa ngolwezincwadi

UNgqongqoshe woMnyango wezeMfundo eyisiSekelo u-Angie Motshekga, useveze ukweseka kwakhe uMqondisi Jikelele woMnyango uBobby Soobrayan.

View Article


Kushone 2 engozini eKZN

Kushone abantu ababili kwathi abayisihlanu balimala ngesikhathi kushayisana izimoto emgwaqeni omkhulu uN2, ngaseSikhawini, eRichard's Bay, kusho abezimo eziphuthumayo.

View Article

Izolungiswa ngo-R1.4b imizi yezikhulu

UMnyango wezemiSebenzi yoMphakathi okumanje ulungisa umuzi kaMengameli Jacob Zuma eNkandla uzoqhubeka nokulungisa eyezinye izikhulu zikahulumeni.

View Article

Abe-ANCYL baphika i-website efuna uguquko

Uphiko i-ANC Youth League seluphikile ukuthi yilo abanikazi be-website iForces of Change, ethi ifuna kube noguquko eqenjini i-African National Congress.

View Article


Kusolwa umndeni ngokufa kwesalukazi

Abantu abane baseKapa baboshiwe mayelana necala lokuhlukunyezwa ngokocansi nokubulawa kowesifazane, ekuthiwa kwenziwa ngabantu abathize ayebanike usizo.

View Article


Owaliwe ubefuna ukunxeshezelwa ngo-R1.33m

Owesifazane wasePitoli ubefuna ukunxeshezelwa ngemali eyevile esigidini samarandi yisoka lakhe eligqashule isithembiso sefindo lomshado njengoba ethi ubelisiza empilweni.

View Article

Lihlehlisiwe elabenkolo kaSathane

Lihlehlisiwe icala lamadoda amathathu nentombazane abasolwa ngokubulala intombazane esigamekweni okusolakala ukuthi kwakungumhlatshelo eNkantolo eNkulu yaseGoli.

View Article

Impilo yomuntu omnyama ishibhile - Mathunjwa

Abaphathi bezimayini kuleli abanandaba nempilo yomuntu omnyama njengoba babengakwazi ukubulala abavukuzi baphinde baqashe abanye, kusho owe-Amcu.

View Article

ICosas ithi iyameseka uZuma

AbeCongress of SA Students (Cosas), sebephumele obala bathi bayameseka uMengameli uJacob Zuma ekutheni aphathe ihlandla lesibili.

View Article


Ugwetshiwe umdlwenguli eKZN

Indoda eyalahlwa yicala lokudlwengula owesifazane ophazamisekile emqondweni eClermont, eThekwini, ugwetshwe iminyaka engu-20 esendlini emnyama.

View Article

I-YCL igxeka abangathembi uZuma ePhalamende

Inhlangano iYoung Communist League isizwakalise ukuthukuthela ngokusayinwa kwesivumelwano samaqembu ezombusaazwe athi awamethembi uMengameli uJacob Zuma.

View Article


Kuzolalelwa icala ngeDalai Lama

INkantolo eNKulu yokweDlulisa amaCala izolalela isicelo seNkatha Freedom Party kanye neCongress of the People, ngodaba oluthinta umholi wenkolo iDalai Lama.

View Article

Kunconywe isigwebo sowelobhejane

UNgqongqoshe woMnyango wezobuLungiswa uJeff Radebe, wamukele isigwebo esinikwe indoda edabuka eThailand, elahlwe yicala lokushushumbisa nokuzingela obhejane.

View Article


UMbeki uhlonzwe njengohlabahlosile e-Afrika

Owabe enguMengameli wakuleli uThabo Mbeki useqokwe njengeDaily Trust African of the Year, enconywa ngomsebenzi awenza ezama ukuqeda udlame eSudan.

View Article

Indoda ishumpuke ingalo engozini eKapa

Umuntu ohamba ngezinyawo ulimale kambi waze washumpuka ingalo yangakwesokudla ngesikhathi ebambeka ngaphansi kweloli eBrackenfell, eKapa.

View Article

Avelile enkantolo amaphoyisa mbumbulu

Avele kancane enkantolo amadoda amabili asolwa ngamacala okuzenza amaphoyisa, nokuthiwa abemisa izimoto bese efuna imali yentshontsho edolobheni eMgungundlovu.

View Article
Browsing all 27149 articles
Browse latest View live


<script src="https://jsc.adskeeper.com/r/s/rssing.com.1596347.js" async> </script>