Quantcast
Channel: isiZulu Ningizimu Afrika
Browsing all 27149 articles
Browse latest View live
↧

IDA izomangamelela uhulumeni waseLimpopo

IDA izofaka isikhalazo kuMvikeli woMphakathi uThuli Madonsela, mayelana nokukhishwa kwamathenda aseLimpopo, ekhishelwa abashomene noJulius Malema.

View Article


Uvelile owabanjwa nenqwaba yezikhali

Ivelile ngaphambi kweNkantolo yeMantshi eVenderbijlpark indoda eyatholakala nenqwaba yezibhamu kanye nezihlamvu ezingaphezu kuka- 70 000.

View Article


Akuguqulwe umthetho - DA

Imibiko eqhamuka ezinhlakeni ezizimele izohanjiswa ePhalamende, mayelana nokusetshenziswa kwemali engu-R250 million, ezosetshenziselwa ukulungisa eNkandla.

View Article

Bazolazi ngonyaka ozayo ikusasa labo abakwaKito

Amaphoyisa amane abe esophikweni olwesatshwayo olwabe luphenya amacala abucayi, esiteshini sakwaKito, azokwazi ngenyanga kaFebhuwarii ukuthi azolithetha yini icala.

View Article

Uyoduva owadlwengula unina

Ibhungu elineminyaka engu-24 ubudala, lisazohlala ejele eminye futhi iminyaka engu-24, kulandela ukulahlwa yicala lokudlwengula unina, kusho amaphoyisa ase-Eastern Cape.

View Article


Batokile ababulale umuntu otshwaleni

Agqunywe esitokisini samaphoyisa eMlazi, amabhungu amabili ekuthiwa agwaze abulala owesilisa, ashaya nomfowabo, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal.

View Article

Kubulawe kwacwiywa owesifazane

Kubulawe kwacwiywa owesifazane, ngemuva kokudunwa kwemoto ekade ehamba ngayo nomunye wesilisa endaweni yaseLehurutshe, eNorth West.

View Article

Kuzokhishwa izibalo ze-census

Imiphumela yokubalwa kwabantu ezweni, i-2011 Census, nokungokwesithathu ngemuva kukahulumeni wobandlululo kuleli, izokhishwa, kusho iStats SA.

View Article


Kuboshwe indoda edlwengule umalokazana

Indoda, 62, itholakale inecala lokudlwengula umolokazana wayo eNkantolo yeMantshi yaseVirginia, kusho amaphoyisa aseFree State.

View Article


Udlwengulwe phambi kwengane yakhe

Kungakapheli zinsuku ezingakhi kuboshwe umdlwenguli ogwini oluseningizimu nesifundazwe, sekuphinde kwagadla omunye endaweni efanayo, ngokusho kombiko.

View Article

I-ANC ifuna ukubuyisela ithemba kuleli

I-ANC KwaZulu-Natal ifuna ukuthi inkomfa yaseMangaung ibuyisele ithemba emphakathini ukuze ikwazi ukuqhubeka nokubeka imigomo eyisa izwe phambili.

View Article

Owayeyiphoyisa uzibulale nonkosikazi

Owesifazane ugwazwe wabulawa ngumyeni wakhe owayeyiphoyisa nobesanda kuphuma ejele ngemuva kokumdubula ngasekuqaleni konyaka.

View Article

I-ANC izokwenza izindodla eMangaung

Indawo yemibukiso engqungqutheleni ye-ANC eMangaung isicishe ukuphela, nokungase kuchaze ukuthi le nhlangano izongenisa u-R10 million, kusho umbiko.

View Article


UZuma uphendule uMotlanthe - Umbiko

UMengameli Jacob Zuma usetshele izintatheli zamazwe omhlaba ukuthi iNingizimu Afrika ayikho engcupheni yokufadalala, ngokusho kombiko.

View Article

Sebemi ku-51.8m abantu bakuleli

Bebengu-51.8 million abantu abahlala kuleli ngo-Okthoba wonyaka odlule, ngokusho kwemiqulu ekhishwe mayelana nokubalwa kwabantu i-2011 Census.

View Article


Kusemnyama ngokubulawa kwezingane eLimpopo

Akukabi khona mkhondo otheni mayelana nophenyo lokubulawa kwezingane ezintathu eMookgopong, ngaseModimolle, kusho amaphoyisa aseLimpopo.

View Article

IsiZulu sisahamba phambili kuleli

Abantu abaningi kuleli bakhuluma ulimi lwesiZulu emakhaya, ngokusho komqulu okhishwe ngabakwaStats SA mayelana nokubalwa kwabantu kuleli, kusho umbiko.

View Article


Kugxekwa iphoyisa ngolwaseMarikana

Uchwepheshe ekuhloleni indawo yesigameko oyiphoyisa wahluleka ukuchibiyela kahle umqulu ngokudutshulwa kwabavukuzi ebabebhikisha, kusho ikhomishana yophenyo.

View Article

Ukhala ngotokoloshe omdinga embhedeni

UNketse Chauke, 25, uthi akasaphili impilo ekhululekile njengoba ebeleselwe ngutokoloshe olala naye ubusuku nemini, kanti uthi lokhu sekuqhubeke iminyaka emithathu.

View Article

'Umlando wakuleli udinga ukubhalwa kabusha'

Umlando wakuleli udinga ukubhalwa kabusha ukuze kulungiswe imithelela yengcindezelo ngakwezemfundo, kusho uNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme uBlade Nzimande.

View Article
Browsing all 27149 articles
Browse latest View live


<script src="https://jsc.adskeeper.com/r/s/rssing.com.1596347.js" async> </script>