Umsakazi kwelokudlwengula
Umsakazi owaziwayo wakwaSABC, ubhekene nezinsolo ezinzima ezithi wadlwengula intombazane angaboni emehlweni ngonyaka owedlule.
View ArticleKuboshwe ababanjwe nezidakamizwa
Amaphoyisa ophiko loKlebe, ashaqe isidakamizwa sohlobo lwe-methaqualone, abopha abalisa abathathu eMidrand, kusho umbiko wawo.
View ArticleBathukuthelele ikhansela abahlali
Izakhamizi zakwaMadlala ngasePort Shepstone, ogwini oluseningizimu yeKwaZulu-Natal zithi zisola ikhansela le-ANC kanye nekomidi lakhe ngokungalethwa kwentuthuko.
View ArticleKulimale 16 engozini eKZN
Kuphazamiseke ukuhamba kwezimoto emgwaqeni uN3 obheke eMgungundlovu, ngesikhathi kwenzeka ingozi yetekisi kulimala abantu abangu-16 ngasePeacevale.
View ArticleLihlehlile elikaMaqubela
Icala lokubulala elibhekene noThandi Maqubela noVela Mabena, abasolwa ngokubulala ibamba leNhloko yamaJaji eKapa uPatrick Maqubela, lihlehlisiwe eNkantolo enkulu eKapa.
View ArticleBaningi abazodinga impesheni - Gordhan
Bangaphezu kwesigidi abantu bakuleli abazobe sebethembele kuhulumeni ukuthola imali yokuziphilisa eminyakeni emithathu ezayo, ngokusho kukaNgqongqoshe wezeziMali.
View ArticleUthishanhloko ulahle amaphepha okuhlolwa ka-matric
Uthishanhloko esikoleni samabanga aphakeme eSoweto, ulahle ibhokisi ebeliphethe amaphepha okuhlolwa kwabafundi baka-matric, kusho uMnyango wezeMfundo eGauteng.
View ArticleI-ANC ithuswe inkulumo yeMKMVA
I-ANC ithi ayithokozile ngesexwayiso esikhishwe ngabMKMVA, abaxwayise uSekela Mengameli uKgalema Motlanthe bathi angalungeneli ukhetho lobengameli eqenjini.
View ArticleIzinsolo ezintsha ngoMalema
Umholi we-ANC Youth League owaxoshwa uJulius Malema, usolwa ngokwenzelela ekukhishweni kwethenda ka-R1.7 billion yokuhambisa ukudla ezikoleni zaseLimpopo.
View ArticleKulimale abathathu kudutshulwa eMall eKapa
Abantu abathathu badutshulwe balimala esehlakalweni sokubamba inkunzi enxanxatheleni yezitolo iN1 City Mall, eKapa, kusho imibiko yabezindaba.
View ArticleUboshiwe opheke umdlwane wawudla
Kulindeleke avele ngaphambi kwenkantolo umlisa mumbe waseMitchells Plain ozivumele ngowakhe icala lokupheka umdlwane wase ewudla.
View ArticleKubulawe umfundi obeyotadisha
Abaduni badubule babulala intombazane yase-East Rand ebifunda umatikuletsheni, ngesikhathi isendleleni iyohlangana nabangani kuze bezotadisha.
View ArticleUNzimande ugxeke uMbeki weseka uZuma
UNobhala Jikelele weSACP uBlade Nzimande, useveze ukweseka kwakhe uMengameli uJacob Zuma waqhubeka wagxeka ababiza "ngabaphiki bengculaza”.
View ArticleIzigidi zokugada amakhansela eW Cape
Omasipala baseWestern Cape sebekhiphe izindodla zemali elinganiselwa ku-R3.5 million, beqinisekisa ukuphepha kwamakhansela ekuthiwa izimpilo zawo zisengcupheni.
View ArticleKuboshwe ummeli esenkantolo
Ummeli waseSoweto useboshiwe mayelana nezinsolo ezithi uyathinteka ekushushumbisweni komthunzi wezinkukhu, kusho amaphoyisa aseGauteng.
View ArticleBambambe inkunzi bamupha u-R50
Umthwebuli wezithombe waseThekwini uchaze indlela izigelekeqe ezimbambe ngayo inkunzi zase zimnika u-R50, emalini yakhe zithi afake uphethiloli.
View ArticleKubhikishe abahlali eReservoir Hills
Amaphoyisa kaMasipala waseThekwini, athi asiqaphile isimo njengoba kubhikisha abahlali basemikhukhwini yaseQuarry Road, abazama ukuvimba abasebenzi abazovala ugesi
View ArticleLihlehlile elowadlwengula wabulala intombi
Uvelile ngaphambi kweNkantolo eNkulu eWestern Cape umlisa osolwa ngokugwaza abulale owabe eyintombi yakhe, wase elimaza nomunye wesifazane.
View ArticleBathuka izanya abashayelwe ukuba yizinkonkoni
Abesifazane abasebancane abathandana nobulili obufanayo baseGugulethu, eKapa, bathi bayasaba njengoba besanda kuhlaselwa ngumlisa thize abangamazi.
View ArticleBabanjwe nenqwaba yezidakamixwa eGoli
Bazolala bebaliwe abasolwa abahlanu ababanjwe nezidakamizwa zenani lika-R500 000, ezitholakale ngesikhathi amaphoyisa egasela emzini othile eBryanston, eGoli.
View Article