Imibhikisho kuvela abasolwa ngokufa koweNUM
Amalungu ezinyunyana iNational Union of Mineworkers ne-Association of Mineworkers and Construction Union, abhikishe ngaphandle kweNkantolo yeMantshi yaseRustenburg.
View ArticleAkananembeza uPhiyega - DA
Ayikhombisi zwelo futhi ayamukelekile indlela uKhomishana wamaPhoyisa uRiah Phiyega aziphathe ngayo ngesikhathi kuqhubeka iKhomishana kaFarlam, kusho iDemocratic Alliance.
View ArticleBenza abakubona emakhaya abafundi - Umcwaningi
Izigameko zodlame ezibonakala ezikoleni singumphumela wodlame izingane ezilubona emakhaya kanye nasimiphakathini eziphuma kuyo, kusho umcwaningi.
View ArticleKushubile kwelikaDewani
Indoda ebhekene necala lokubulala umshadikazi u-Anni Dewani, ikhulume yankwankwaza eNkantolo eNkulu eKapa, ngesikhathi iphekwa ngemibuzo.
View ArticleBaboleka ngisho eyokuthenga ukudla abakuleli
Abantu baseNingizimu Afrika bahlale beboleka imali, ngisho eyokuthenga ukudla nokugibela, kusho umbiko owethulwe emhlanganweni ngezimali nezikweletu zabantu bakuleli.
View ArticleMKMVA - Akaqondiswe izigwegwe uMbalula
UNgqongqoshe woMnyango wezemiDlalo uFikile Mbalula kumele aqondiswe izigwegwe yi-African National Congress noma ashiye isikhundla sakhe, kusho abeMKMVA.
View ArticleKuboshwe ababhikishi eN West
Abantu abayishumi nane baboshiwe ngesikhathi beqhuba umbhikisho ngaphandle kwamahhovisi kaMasipala waseLichtenburg, kusho amaphoyisa aseNorth West.
View ArticleKuthungathwa abaduke e-E Cape
Amaphoyisa asePort Elizabeth nase-Uitenhage asathungatha abantu ababili abanyamalale ngesikhathi kuhlasele izikhukhula esifundazweni i-Eastern Cape.
View ArticleAkudedelwe iMarikana 4 - Inhlangano
Kumele adedelwe amadoda amane angabavukuzi abhekene necala lokubulala okwenzeka ehostela laseMarikana, kusho inhlangano iSocio-Economic Rights Institute of SA.
View ArticleIvundulule amaqiniso ikhomishana - PAC
IKhomishana kaFarlam isivundulule amaqiniso ngokungahambisi kahle okuqhutshwa yimboni yezimayini, kusho iPan African Congress.
View ArticleKuboshwe osolwa ngokufa kwenxusa
Uhulumeni waseTunisia usuqinisekise ukuboshwa komsolwa oneminyaka engu-28 ubudala ekuthiwa uyathinteka ekuhlaselweni kwezindlu zenxusa laseMelika eLibya.
View ArticleAbukho ubufakazi obubheca amaphoyisa kwelikaDicks
Abukho ubufakazi obukhona obuveza ukthi amaphoyisa ayathinteka esehlakalweni sokugqekezwa komuzi womeluleki womthetho waseGoli uRaymondt Dicks kusho amaphoyisa.
View ArticleUdutshulwe wafa "oshaye" irobhothi
Lidutshulwe lafa ibhungu laseGoli, ebelizama ukubalekela amaphoyisa lidlula irobhothi livalile, kusho umbiko wamaphoyisa aseSoweto.
View ArticleUyacwila umkhumbi waseNingizimu Afrika - Ramphele
Isishoshovu sezemfundo sithi abasebenzi bakahulumeni baze babelekise izingane zabo bazifake ezikoleni ezizimele ngoba bebelakele isimo esibhedayo ezikoleni zikahulumeni.
View ArticleKuzofakwa amakhameara ebhulohweni eThekwini
Kuzofakwa amakhamera ekulindeleke ukuthi athwebule izigilamkhuba ezijikijela izimoto ngamatshe uma zidlula ebhulohweni elikuN2 ngaseMhlanga, KwaZulu-Natal.
View ArticleKutatazele uMbalula kutheleka uZuma
UNgqongqoshe wezemiDlalo uFikile Mbalula ushiye phansi inkulumo abeyiqopha nesiteshi sikamabonakude, ngesikhathi ebona kungena uMengameli uJacob Zuma.
View ArticleNgimkhonzile uZuma - Shaik
Loyo owabe engumeluleki wezimali kaMengameli uJacob Zuma, uSchabir Shaik, utshele abezindaba wathi namanje usamuhlonipha kakhulu umengameli.
View ArticleI-ANC igxeke uLekota
Isicelo somholi weCongress of the People uMosiuoa Lekota sokuba kuthathelwe izinyathelo uMengameli uJacob Zuma, sidukisa abantu, kusho i-African National Congress.
View ArticleBadalula izinto zabo ePhalamende - Umbiko
Kuzobolakala amabhodlela amaningi otshwala kanye namahlazo ahlobene namabhizinisi emabhukwini akamuva asePhalamende lapho amalungu alo ezodalulela khona izipho zawo.
View ArticleUGigaba uthi zingaqeda indlala izingqalasizinda
Uhlelo lukahulumeni lokuthuthukiswa kwengqalasizinda luka-R4 trillion luzoletha ithemba eNingizimu Afrika lubheke nodaba lokuswelakala kwemisebenzi.
View Article