Quantcast
Channel: isiZulu Ningizimu Afrika
Browsing all 27149 articles
Browse latest View live
↧

Kubulawe obezama ukugqekeza

Obesolwa ngobugebengu udutshulwe wafa ngesikhathi ezama ukugqekeza emzini wephoyisa eFlorida, kusho amaphoyisa kaMasipala waseGoli.

View Article


Kuphenywa ngentombazane ebulewe

Sekuvulwe icala ngemuva kokudutshulwa kubulawe intombazanyana eBraamfischerville, eSoweto, kusho abe-Independent Police Investigative Directorate.

View Article


Lahlasela ngoba laliwe iphoyisa

Iphoyisa laseMossel Bay elavulela ngenhlamvu ngaphambi kokuba lizidubule nalo lalingakutholi ukuphumula ngenxa yokuhlukana nentombi yalo.

View Article

Ikhomishana idingide nge-Email kaRamaphosa

Ilungu le-Arican National Congress eliqavile eliphinde libe ngusomabhizinisi uCyril Ramaphosa beliphambili igama lakhe osukwini lwesibili lophenyo.

View Article

OwaseBrazil ubanjwe nezidakamizwa e-OR Tambo

Ikhalelwe ngamasongo kaSigonyela indoda ebanjwe nesidakamizwa esingu-3kg sohlobo lwe-cocaine, esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo International Airport.

View Article


Azofunga amakhansela aseThekwini

Amakhansela aseThekwini angakwazi kuphela ukufunda umbiko ongamakhasi angu-7 00, ochaza ngenkohlakalo nokukhwabanisa, uma ezoqala afunge ukuthi angeke athi vu ngawo.

View Article

IHarmony Gold inqumele abasebenzi ugwayi katiki

Abasebenzi baseHarmony Gold kumele babuyele emsebenzini noma bazitshele ukuthi sebephelelwe ngumsebenzi, kusho inkampani ibhekise kubavukuzi abangu-5400.

View Article

Baqulekile kulalelwe olwaseMarikana

Abesifazane ababili bakhale baze baquleka ngesikhathi kuqhubeka ukulalelwa kobufakazi obethulwa ngaphamnbi kweKhomoshana kaFarlam.

View Article


Liphazamisekile elikaMpisane

Kubambezelekile ukuqulwa kwecala elibhekene nosomabhizinisi uShauwn Mpisane, ebeliseNkantolo yesiFunda eThekwini, ngenxa yokuthi ubengafuni ukuthwetshulwa izithombe.

View Article


Abasebukhosini bacikwa ukugcwala kwabokufika

Umndeni wasebukhosini baseBapo Ba Mogale kanye nomphakathi udiniwe ngenxa yokuthi umhlaba wabo ugcwele abasebenzi bokufika, nabafuna imisebenzi.

View Article

"Zenza umqashi alalele iziteleka ezinodlame"

Iziteleka ezinodlame ezibanjwa ngabasebenzi zenza ukuthi abaphathi bezinkampani bashiye phansi konke balalele izimfuno zababhikishi, kusho ucwaningo.

View Article

Amaphoyisa awukuqophanga okwenzeka emayini

Amaphoyisa azange akuqophe konke lokhu okwenzeka egqumeni ngasemayini iLonmin eMarikana, kusho ubufakazi obethulwe ngaphambi kwekhomishana kaFarlam.

View Article

UMvikeli woMphakathi uzophenya iNYDA

UMvikeli woMphakathi uThuli Madonsela uzocelwa ukuthi aphenye ngezinsolo ezithi iNational Youth Development Agency yasebenzisa izindodla zemali ngemicimbi yeYouth Day.

View Article


Kuhlanganiswa umbiko ngomonakalo e-E Cape

Uhulumeni wase-Eastern Cape usabheka umonakalo odalwe yizikhukhula esifundazweni, kusho oNgqongqoshe ababili bethula isitatimende ngokuhlanganyela.

View Article

Uvele enkantolo owoKlebe

Lizongena enkantolo ngenyanga ka-Ephreli icala lenkohlalakalo elibhekene nesikhulu sophiko loKlebe uCaptain Esmeralda Bailey, kusho umbiko.

View Article


Izisebenzi zebe imali eklanyelwe iNdlunkulu

Uphenyo olunzulu luthole ukuthi izisebenzi zasebukhosini zitholakale ukuthi zithenge ukudla okungabiza ngaphezulu kuka-R600 000 kuzoba ngokwazo, zeba imali yaseNdlunkulu.

View Article

UPhiyega ubehleka kukhala abefelokazi - Umbiko

UKhomishana wamaPhoyisa uRiah Phiyega kuthiwa uphubuke wahleka eshaya namancoko ngesikhathi kukhonjiswa isithombe sokudutshulwa kwabavukuzi abangu-34.

View Article


Usola amaphoyisa ogqekezelwe

Kukholakala ukuthi bebesebenzisana namaphoyisa abalisa ababambe inkunzi umeluleki wezomthetho obanjwe inkunzi esekhaya eBlue Hills, eMidrand, wakhonjwa ngesibhamu.

View Article

Basaphaza indle emgwaqeni

Abashayeli bezimoto baphoqeke ukuthi bashintshe umzila bebalekela ukunyathela indle ebichithwe isakazwe umgwaqo wonke, isakazwa ngabasebenzi abakhala ngokuthi abaholelwe.

View Article

Kutholwe owesifazane ebulewe

Kutholakale isidumbu sowesifazane waseNorth West, emzini wakhe oseGopane Village, eMotswedi ngaseRustenburg, kusho amaphoyisa.

View Article
Browsing all 27149 articles
Browse latest View live


<script src="https://jsc.adskeeper.com/r/s/rssing.com.1596347.js" async> </script>