Bakhumbule uMandela eMvezo
Izakhamuzi zaseMvezo, la kuzalwa khona umholi uNelson Mandela, zikhumbule iqhawe lazo ngokubukela ukusakazwa bukhoma kwenkonzo yesikhumbuzo sakhe.
View ArticleBonke abantu bahlangene ngoMandela - ANC
Yize noma kungasibo bonke abantu abakwaze ukuphumelela enkundleni yezemidlalo e-FNB, siyazi ukuthi bonke abantu baseNingizimu Afrika bakhumbule ubaba uNelson Mandela.
View ArticleAkekho oyofana noMandela - Zuma
Akekho oyoke afane nowabe enguMengameli wezwe uNelson Mandela, akekho namunye ofana naye, kusho uMengameli uJacob Zuma.
View ArticleSekulindelwe umzuzu ngokubonwa kukaMandela
Amakhulu amaphoyisa namasosha atshalwe ngaphandle kwezindlu zoMbuso ePitoli njengoba kulindelwe ibhokisi likalowo owabangumengameli wokuqala omnyama kuleli.
View ArticleKuphenywa ngabazibulele eLimpopo
maphoyisa aseLimpopo athi intombazanyana eneminyaka engu-13 ubudala izilengise ngentambo yashona esigodini saseDriefontein, eMoutse West.
View ArticleSesisezindlini zoMbuso isidumbu sikaMandela
Sifike sihambisana nenhlabaluhide yezimoto isidumbu sikalowo owabe engumengameli kuleli uNelson Mandela ezindlini zoMbuso ePitoli, sisuka e-One Military Hospital.
View ArticleUgwetshwe iminyaka engu-380 umdlwenguli
Inkantolo imnike iminyaka engu-380 ebhadla ejele kanjalo nodilikajele owodwa, uMarisela Mochali, 32, olahlwe ngamacala amaningi okudlwengula.
View ArticleUvume elokubulala ingane yowayeyintombi
Owesilisa uzivumele ngowakhe eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ukuthi wanklinya indodakazi yowayeyintombi yakhe wayibulala.
View ArticleKulungiselelwa isikhumbuzo eMvezo
Amalungu omndeni wakwaMandela azoqala uhambo lwawo olubheke eQunu, la kuzobekwa khona ubaba wesizwe uNelson Mandela, odlule emhlabeni ngeledlule.
View ArticleMandela: Ubashiye bedidekile okhuluma ngezandla
Kuqubuke ukudideka ngesikhathi umhumushi okhuluma ngezandla ehumusha into engazwakali kuqhubeka inkonzo yesikhumbuzo saloyo owabe enguMengameli uNelson Mandela.
View ArticleIsindile ingane edlwengulwe yase iyagwazwa
Umama waseFree State ushiye ingane yakhe yentombazane eneminyaka emithathu ubudala yodwa yasala yadlwengulwa ngabafana baphinde bayigwaza amanxeba amathathu.
View ArticleUnxeshezelwe owashaywa ngamaphoyisa
Ukungaziphathi kahle kwamalungu amaphoyisa emphakathini yinto ejsijwayelekile, kusho ibamba lejaji eNkantolo eNkulu ePitoli.
View ArticleUseqalile ukubukwa uMandela
Kulindeleke ukuba umndeni nabaholi bomhlaba babe ngabanye bokuqala ukuhlonipha uNelson Mandela okokugcina njengoba isidumbu sakhe sibekwe ezindlini zoMbuso.
View ArticleBalindele ukubona ubaba wesizwe
Aluphunguki ujenga olushaywe ngabantu baseNingizimu Afrika ezindlini zoMbuso ePitoli, la kubukwa khona isidumbu kuvaleliswa ubaba wesizwe uNelson Mandela.
View ArticleBalahlwe ngawokubulala abeqembu lezigelekeqe
Amalungu angu-16 eqembu lezigelekeqe iFancy Boys, ebelihlalise lubhojozi umphakathi wase-Atlantis, atholwe enecala lokubulala eNkantolo eNkulu eWestern Cape.
View ArticleKulindeleke isinqumo kwelephoyisa
Kulindeleke kukhishwe isinqumo eNkantolo eNkulu yaseGoli mayelana necala elibhekene nephoyisa elisolwa ngamacala okudlwengula, ukuphanga nokuthumba.
View ArticleUshaye adume ngazo uTata
Ngosuku lokuqala ubaba wesizwe uNesson Mandela ekhishelwe abantu bezwe lakhe ukuzombona okokugcina esedlulile emhlabeni, ubonwe egqoke iMadiba Shirt.
View ArticleKushone ababili engozini
Kushone amadoda amabili kwalimala kambi umshayeli weloli, ngesikhathi kwenzeka ingozi yomgwaqo kuMoloto Road, eDerdepoort, ePitoli.
View ArticleSimi ngomumo - Eastern Cape
UMasipala wase-OR Tambo, esifundazweni sase-Eastern Cape, uthi usumi ngomumo ukubhekana nosuku olukhulu lokubekwa endlini yokugcina komholi uNelson Mandela.
View ArticleUya esihogweni uMandela - Ibandla
Phezu kokuthi umhlaba wonke ukhala isililo ngokudlula emhlabeni komholi waseNingizimu Afrika, uNelson Mandela, abazalwane bebandla iWestboro Baptist Church, bathi uTata usesihogweni.
View Article