Ugwetshiwe owabulala usana lwakhe
Wabeletha ingane yomfana eyedwa endlini kwathi ngemuva kwemizuzu wanquma ukuthi kuwumqondo omuhle ukuthi ayibulale.
View ArticleUMandela singamfanisa noMose - Ndebele
UNgqongqoshe wezokuHlunyeleliswa kweziMilo uSibusiso Ndebele ufanise lowo owayengumengameli wezwe uNelson Mandela noMose, kusho ihhovisi lakhe esitatimendeni.
View Article'Awusoze waphela umoya owafakwa uMandela'
Awusoze waphela kubantu umoya owafafazwa yiloyo owabe enguMengameli wokuqala wentando yeningi uNelson Mandela, kusho iNkosi yesizwe sabaThembu.
View ArticleUyavela osolwa ngokubulala umfana nogogo
Lizothethwa eNkantolo eNkulu yaseWestern Cape icala elibhekene nowesilisa waseStellenbosch lokubulala ingane eneminyaka engu-8 ubudala.
View ArticleKuvundululwe inqwaba yezikhali e-E Cape
Kushaqwe inqwaba yezikhali okubalwa kuzona ocelemba nemimese emadolobheni amabili ase-Eastern Cape, kusho amaphoyisa akulesi sifundazwe.
View ArticleWasihlanganisa uMandela - Umhleli
Umhleli omkhulu kwaNews24, uJannie Momberg ukhuluma nabathwebuli basenkampanini, la achaza khona ngemisebenzi emihle kaTata uNelson Mandela.
View ArticleKubungazwe uMandela eRobben Island
Esiqhingini iRobben Island, eyaphenduka ikhaya likaNelson Mandela iminyaka engu-18, kulayithwe amakhandlela, ukukhumbula impilo yalo mholi oselele.
View ArticleIPhalamende likhumbule uMandela
IPhini likaMengameli wezwe, uKgalema Motlanthe ukhulume wathi kumele abantu baseNingizimu Afrika bacabange ukuthi kuzoqhutshezwa kanjani lokho okwaqalwa nguMadiba.
View ArticleUzoma kancane umbiko ngeNkandla
Umbiko ongundabuzekwayo obeka obala amaqiniso ngokulungiswa komuzi kaMengameli Jacob Zuma, eNkandla, angeke usakhishwa kuleli sonto njengoba bekukindelekile.
View ArticleSebethelekile abantu e-FNB
Abantu sebeqalile ukutheleka enkundleni yezemidlalo i-FNB Stadium nalapho kuzobanjelwa khona inkonzo enkulukazi yesikhumbuzo kaNelson Mandela.
View ArticleUthulele phambi kwethu uTata - Makaziwe
Indodakazi endala kaNelson Mandela ichazele abezindaba ngezinsuku zokugcina zikaTata, yathi "bezimnandi" njengoba ezichithe ekakwe ngumndeni wakhe.
View ArticleLiqalile elamayengandoda eThekwini
Liqalile eNkantolo yesiFunda yaseThekwini icala elibhekene nodokotela, unkosikazi wakhe nabanye abathathu ngokushushumbisa abantu kanye nokuba nendawo yamayengandoda.
View ArticleKufunwa osolwa ngokubulala umndeni wakhe
Amaphoyisa aseMpumalanga aphume inqina athungatha indoda esolwa ngokubulala izingane zayo ezimbili kanye nonkosikazi ebingasahlali naye.
View ArticleUMandela uphinde wahlanganisa umhlaba
Izinkulungwane zabantu bakuleli zizobe zihleli nomengameli bamazwe, abefundisi, abasebukhosini kanye nezinye izicukuthwane kuvaleliswa owabe engumengameli uNelson Mandela.
View ArticleKubhedele ofike emsebenzini namasingili
Ukhala uyazithulisa uThembile Mkhize, 27, kulandela ukuthi axoshwe etohweni abesanda ukulithola esitolo sakwaSpar, kuClaim Street, eHillbrow.
View ArticleKubhekwe ubumbano emgcwabeni kaMandela
Njengoba abaholi bomhlaba bezobumbana kuleli laseNingizimu Afrika, ukuphelezela iqhawe uNelson Mandela, kubhekeke ukuthi nasekufeni uMadiba akhuthaze ukuthula.
View ArticleUhubhuza amanga othi wanukubezwa - Ubufakazi
UMasipala waseKapa uthi lihubhuza amanga akuhlaza iphoyisa lesilisa elithi lifuna ukuhlawulwa, lithi lanyukubezwa ngokocansi nguzakwabo wesifazane.
View ArticleLubalulekile olwanamhlanje - ANC
Usuku lwanamhlanje wusuku olubaluleke kakhulu eNingizimu Afrika, e-Afrika nasemhlabeni jikelele, kusho i-ANC ngaphambi kwenkonzo yesikhumbuzo kaNelson Mandela.
View ArticleUMandela ukhunjulwa ngengoma
Imvula ayizange ibavimbe abantu ukuba batheleke ngobuningi babo eFNB Stadium, eningizimu neGoli, ukuba bazovalelisa kuNelson Mandela.
View ArticleUMokonyane uncome umndeni wakwaMandela
Umndeni weqhawe lomhlaba uNelson Mandela uqhuba kahle nakuleli fu elibagubuzele, kusho uNdunankulu waseGauteng uNomvula Mokonyane etshela abezindaba.
View Article