Quantcast
Channel: isiZulu Ningizimu Afrika
Browsing all 27149 articles
Browse latest View live
↧

Zimkhalele umfundi ngelokubulala

Kuboshwe umfundi wasekolishi eGoli ngoLwesithathu njenoba esoleka ecaleni lokubulala, kusho amaphoyisa aseGoli.

View Article


I-ANC ikhalisane nomndeni kaSmith

I-African National Congress eGauteng izwakalise ukudumala kwayo ngokudlula emhlabeni kwengqalabutho yezombusazwe uVesta Smith.

View Article


Izinsolo ezethusayo ngemililo eqebuke eGoli

Kunezinsolo ezithi ukuphazanyiswa kukagesi waseGoli kanjalo nokuhlaselwa ngomlilo kwekomkhulu leqembu elibusayo iLuthuli House, kwabe kunenhloso yokuphazamisa ukuthula.

View Article

Wake waboshwa osolwa kwelaseCeres

INPA ithi isisebenzi sasepulazini eCeres, esibhekene necala lokudlwengula izingane ezimbili, sesake saboshwa siboshelwe icala lokuzama ukudlwengula.

View Article

Uthokozile obelethe amawele engu-4

Ngesikhathi uYvonne Mokobe ezithola ukuthi ukhulelwe, wayenesifiso sokuthi athole amawele, kodwa wathuka sebemtshela ukuthi ukhulelwe abantwana abane.

View Article


Sizinzile isimo eKya Sands - Umbiko

Sizinzile isimo emijondolo yaseKya Sands, enyakatho neGoli kulandela imibhikisho equbuke kuleya ndawo, kusho amaphoyisa kamasipala.

View Article

Uhoxisiwe amacala abebekwe umthandazi

Umthandazi waseThekwini, ochazwe enkantolo njengesikhohlakali ngokulala nowesifazane okwakumele amelaphe, ugcine ehoxiselwe amacala abebekwe wona.

View Article

Zimkhalele obulale umfowabo

Ibhungu ligwaze labulala umfowabo obezama ukulilamula nomzala walo ngesikhathi kuqubuka ingxabano eMahikeng, kusho amaphoyisa aseNorth West.

View Article


Ugwetshiwe owalala nentombi esencane

Unikezwe iminyaka emihlanu esezikhindini owesilisa, 22, yiNkantolo yesiFunda yaseMpangeni ngokulala nengane engaphansi kweminyaka evunyelwe.

View Article


Iziguli zivulele abakwa-HPCSA icala

Abantu abane sebefake icala eNkantolo eNkulu ePitoli, bebopha abakwaHealth Professions Council of SA (HPCSA), kulandela abakubiza ngokungahanjiswa ngendlela kwezinto.

View Article

I-DA ixolise ku-ANC ngesenzo sayo

I-DA isixolisile ngokugaya amapheshana omkhankaso wokhetho abeveza okungelona iqiniso nge-ANC ngesikhathi kunokhetho lokuchibiyela eTlokwe, eNorth West.

View Article

Kugwazwe umfundi esikoleni e-E Cape

Umfundi owenza uGrade 10 e-Ebenezer Majombozi High School, e-Eastern Cape ugwazwe entanyeni nge-screw driver esemagcekeni esikole, kusho umbiko.

View Article

Abefundisi babange umnikelo ebhasini

IsiZulu sithi amakhosi awabusi kanye kanye, lokhu kuhlale obala ngesikhathi abafundisi ababili begibele ebhasini eyodwa ebisuka eMalalane iya eMbombela, eMpumalanga.

View Article


Ezempilo zishiya ngaphandle u-84% wabantu - Umbiko

Izikhungo zezempilo kuleli laseNingizimu Afrika, ziyaluleka ukuhambisa usizo oluphelele kubantu abaningi ezweni, kusho uNgqongqoshe woMnyango wezeMpilo.

View Article

'Umalume wayazi ngemikhuba yomshana'

INkantolo yesiFunda eThekwini itshelwe ukuthi umalume womlisa osolwa ngokushushumbisa amantombazane wayazi ukuthi uwagcina ehhotela eliseThekwini.

View Article


Kuboshwe isoka ngokufa kwengane

Ibhungu elineminyaka engu-25 ubudala libhekene necala lokubulala kulandela ukushona kwengane yentombi yalo eneminyaka engu-10 ubudala.

View Article

Limshonele osolwa ngokwebela abakwaGupta

Kuboshwe isisebenzi esisiza endlini eBenoni ngezinsolo zokuba nesandla kuphanga emzini wakwaGupta eHoughton, kusho okhulumela amaphoyisa aseGauteng.

View Article


Lushe lwashona usana obelushiye lodwa

Inganyana eneminyaka emibili ubudala, uKietshepile Nakin, ushe wangqongqa kusha umkhukhu wakubo, unina esahambe nesoka lakhe.

View Article

Inzuzo mayihambisane neqiniso - Zuma

UMengameli uJacob Zuma uzwakalise ukuthi kubalulekile ukuba abezindaba nakuba benza ibhizinisi kodwa balikhulume neqiniso, ukuze izinto zizoqonda.

View Article

IChildline ithi akuhlolwe abasebenzi

IChildline ikhathazekile ngokuthi iminyango kahulumeni ayiwabheki amagama abasebenzi bayo ebhukwini likazwelonke labatholwa namacala okudlwengula.

View Article
Browsing all 27149 articles
Browse latest View live


<script src="https://jsc.adskeeper.com/r/s/rssing.com.1596347.js" async> </script>