Akubekwe obala umbiko ngamaphoyisa - ISS
Kumele umbiko ngokusebenza kwamaphoyisa, ukhishwe inyanga nenyanga, ungakhishwa usudlulelwe yisikhathi, kusho abesikhungo i-Institute for Security Studies (ISS).
View ArticleKweqe inkunzi yenkomo yagcwala umgwaqo ePaarl
Inkunzi yenkomo iphunyuke yangena emgwaqeni yabaleka ePaarl, esifundazweni saseWestern Cape, kwaze kwadingeka ukuthi idutshulwe ibulawe.
View ArticleIbuyiselwe emuva iSecrecy Bill
UMengameli wezwe uJacob Zuma usebuyisele emuva umthethosivivinywa IProtection of State Information Bill ngenhloso yokuthi ucwaningwe kabusha.
View ArticleKubhikishe abaseMarikana
Bayakhala ababhikishi abafuna uhulumeni abhekelele abavukuzi abalimala nalabo ababoshwa ngamaphoyisa kuqhubeka isiteleka sasemayini yaseMarikana.
View ArticleUJub Jub kulindeleke afake isicelo sebheyili
Kulindeleke ukuthi umculi uMolemo “Jub Jub” Maarohanye afake isicelo sebheyili uma esevele eNkantolo yeMantshi yaseProtea.
View ArticleKudutshulwe emzini wemeya eMelmoth
Amaphoyisa aseMelmoth aphenya ngecala lokuzama ukubulala kulandela ukuthi ushayasibhamu ongaziwa edubule wabhekisa ngasegumbini lokulala lemeya yendawo.
View ArticleKuteleke ojele eFree State
Ojele bayigxobe ngaphandle kwamagceke eMangaung Prison, eBloemfontein, bekhalaza ngokumiswa kukazakwabo nabathe akwenziwanga ngendlela.
View ArticleUzinikele kwelokudutshulwa kukasomatekisi
Kuthiwa uzinikele emaphoyiseni owesilisa osolwa ngokudubula umshayeli wetekisi erenki eseDiepsloot, eGoli, ngasekuqaleni kwaleli sonto, kusho amaphoyisa.
View ArticleLimlahlile elokubulala amaphoyisa
Ulahlwe yicala lokubulala amaphoyisa amabili owesilisa ongowukudabuka eNamibia eNkantolo eNkulu yaseCape Town, kusho amaphoyisa aseWestern Cape.
View ArticleKutholwe iziguli ziboshwe ngamaketangu
Kutholakale iziguli ebeziboshwe ngamaketangu esikhungweni esihlala abantu abaphazamisekile emqondweni eMoletjie Mabokelele, eLimpopo, kusho umbiko.
View ArticleICosatu igxeka isenzo seSANParks
ICosatu idinelwe iSANParks ngokuthi yenze izinsuku eziyipesheli zokungena mahhala emapaki kuleli sonto yathi lokhu kwenzelwa abantu abamhlophe abacebile.
View ArticleUbanjwe namaphethi obezama ukudlwengula
Amaphenti abewathatha ezisulwini zakhe uma eseqede ukuzidlwengula, yiwo ekukholakala ukuthi abambise ufeleba ogcine etitinywa ngamalungu omphakathi.
View ArticleMabavikele abezindaba - Madonsela
UMvikeli woMphakathi uThuli Madonsela uthi kubalulekile ukuthi ithathwe njengento emqoka indaba yokuvikelwa kwabezindaba bakuleli.
View ArticleLizongena ngoNovemba elowacwiywa
Lizongena ngenyanga kaNovemba eNkantolo eNkulu yaseWestern Cape, icala le ndoda esolwa ngokubulala icwiye intombazane eneminyaka engu-16, ubudala.
View ArticleUgwetshiwe owabulala owesifazane eKapa
Owesilisa waseKraaifontein ugwetshwe iminyaka engu-15 ebhadla ejele ngokubulala uGe-Audrey Green, 19, isidumbu sakhe esatholwa eshalofini ngaphansi kombhede.
View ArticleUZuma wenze isinqumo esifanele - Madonsela
UMvikeli woMphakathi, uThuli Madonsela, ngoLwesihlanu uthe isinqumo sikaMengameli uJacob Zuma sokubuyisela ePhalamende umthethosivivinywa kube ngesikhaliphile.
View ArticleKuphikiswe ukusho kommeli ka-Jub Jub
Kukhulunywe kakhulu ngesimo sezempilo sikaMolemo "Jub Jub" Maarohanye, ngesikhathi evele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseProtea,
View ArticleUMbuso uzama ukuhlehlisa elikaMpisane
UMbuso uzama ukulihlehlisa icala lokukhwabanisa, inkohlakalo kanjalo nokuhambisa amadokodo akokotelwe, okungamacala ethweswe usomabhizinisi uShawn Mpisane.
View ArticleBasosizini abashonelwe ngumama kweyasePinetown
Ibhungu elashonelwa ngumama walo esibhicongweni sengozi yasePinetown, lithi umndeni awazi uzothathani uhlanganise nani njengoba kuhambe okunguyena obewumisile.
View ArticleUzobuyela enkantolo owengozi yasePinetown
Umshayeli weloli eyashayisa amatekisi amane nemoto encane, kwashona abantu abangu-22 kulindeleke ukuthi abuyele eNkantolo yeMantshi yasePinetown.
View Article