Quantcast
Channel: isiZulu Ningizimu Afrika
Browsing all 27149 articles
Browse latest View live
↧

Avelile amaphoyisa asolwa ngokweba

Amaphoyisa amabili abhekene necala lokweba nokutholakala nezinhlambu zesibhamu, avele ngaphami kweNkantolo kamantshi waseMount Frere.

View Article


Owesilisa ushe waba ngumlotha ePMB

Kutholakale owesilisa oneminyaka engu-30 ubudala eshe waba ngumlotha esemjondolo wakhe endaweni yaseMgungundlovu, kusho abosizo lokuqala.

View Article


UVavi ukhala ngozungu olwakhiwayo

UNobhala Jikelele weCosatu osamisiwe uZwelinzima Vavi uzwakalise ukukhathazeka kwakhe emhlanganweni mayelana nezinsolo zokusetshenziswa kwezinsiza zoMbuso.

View Article

Lisenkantolo elethenda yakwaSassa

Kwaba nokuningi ukungalandelwa kwemithetho ngesikhathi kukhishwa ithenda yezigidi kwaSA Social Security Agency (Sassa), kutshelwa iNkantolo yoMthethosisekelo.

View Article

Liyaqhubeka elabazali abasolwa ekufeni kwengane

Ubaba obhekene necala lokudlwengula abulale indodakazi yakhe wanqaba ukuthi kuhlolwe isidumbu sengane, wathi kumele sishiswe singahlukaniswanga.

View Article


Kudlwengulwe kwalengiswa ona-4

Intombazanyana eneminyaka emine ubudala, uKeabetswe Tshabalala, unyamalale amahora ambalwa kwathi ngemuva kwesikhathi kwatholakala isidumbu sakhe elenga.

View Article

Badedelwe abasolwa ekunyamalaleni kwengane

Adedelwe esitokisini amadoda amabili abesolwa ngokunyamalala kwenganyana yentombazane eneminyaka emine ubudala uShaskia Michales.

View Article

Kuzokwethulwa iMy ANC my Swagg

Kuzokwethulwa umkhankaso iMy ANC My Swagg, ekuhlolwe ngawo ukukhuthaza abantu baseProtea Glen, kulalelwe nezikhalazo zabahlali.

View Article


I-ANC izokhuthaza abahlali eProtea Glen

Akubalulekile ukuthi kuze kube sekilasini kuze kuzofundiswa abantu ngomlando wezwe lethu nangalokho okuqhubekayo, kusho abe-ANC eProtea Glen.

View Article


Ibhungu liphika elokubulala

Ibhungu liphike lalala ngomhlane ukuthi liyathinteka esigamekweni sokudlwengula nokubulala intombazane, 14, emathuneni aseMountain Rise.

View Article

Liyaqhubeka elamayengandoda eThekwini

Ufakazi, 18, nohamba phambili ecaleni elibekwe abantu abayisihlanu ngokudayisisa izingane ngemizimba uthi wavalelwa egumbini elithize, esephila ngezidakamizwa.

View Article

Kushone umshayeli weloli engozini

Kushone umshayeli weloli kwathi abanye abantu abathathu balimala kabi engozini ebandakanya amaloli amabili neveni emgwaqeni omkhulu uN3 eBedfordview.

View Article

Amasonto behleli nesidumbu endlini

Amasonto amabili agcwele uKentridge Maltji ubevaleleke endlini nesidumbu sikamkhulu wakhe, ebukela umfowabo ekhwela ngenduku isidumbu ebese sigcwele izibungu.

View Article


Kuqubuke umbhikisho onodlame eProtea

Kuqubuke umbhikisho obuhambisana nodlame izakhamuzi zikhala ngokugqoza kwentuthuko eProtea ngaphandle kwaseRandfontein, kusho amaphoyisa.

View Article

Ugwetshiwe udokotela wakuleli eBrithani

Udokotela wakuleli osebenzela eBrithani ugwetshwe iminyaka eyisithupha ebhadla ejele ngokuthwebula iziguli izithombe ezinganambitheki, kusho umbiko.

View Article


Lihoxisiwe elabadayisa ngomzimba

Sihoxisiwe isikhalazo esafakwa ababili abathengisa ngomzimba, abathi kwadicilelwa phansi isithunzi sabo ngesikhathi bevezwa bukhoma esiteshini sikamabonakuse i-SABC 1.

View Article

Uhulumeni ugxeka ukubulawa kwezingane

Uhulumeni waseGauteng uzwkalise ilaka lawo ngokubulawa kwezingane kulesi sifundazwe kulandela ukutholwa kwezidumbu ezimbili zezingane zamantombazane kuleli sonto.

View Article


Uxoshiwe uthisha owadlisa ingane indle

UMnyango wezeMfundo eMpumalanga uthe umfake amasongo uthisha obefundisa uGrade R eBankfontein Combined School kulandela izinsolo zokuthi uphoqe umfundi ukuba adle indle.

View Article

Isikhulu ezinsolweni zokucwasa

Sisenkingeni isikhulu eMnyangweni wezeMfudno eLimpopo, esisolwa ngokukhuluma amazwi ayiziswana, nekuthiwa acwasa ngokwebala, esawakhuluma sisabisa umfundi.

View Article

Uthuka izanya owadlwengulelwa ingane

Owesilisa onguMqondisi eMnyangweni wezaManzi nezeMvelo usenikwe ikhefu eliyisipesheli kulandela izinsolo zokuthi wadlwengula ephindelela intombazane 16.

View Article
Browsing all 27149 articles
Browse latest View live


<script src="https://jsc.adskeeper.com/r/s/rssing.com.1596347.js" async> </script>