Kushone umfundi ekhalakathela eweni
Umfundi kamatikuletsheni waseBushbuckridge ushonile ngesikhathi ephonseka eweni elingamamitha angu-200 wamamitha ubude, nelibhekene neThree Rondawels.
View ArticleUthole ushwele owakuleli oseNew Zealand
Owakuleli laseNingizimu Afrika oseNew Zealand ngokuhlala, nobesatshiswa ngokuthi uzogodukiswa ngoba emkhulu kakhulu, unikwe ushwele wezinyanga ezingu-23.
View ArticleKuzoqala ukufunda e-WSU
Kubhekeke ukuthi kuqale ukufunda eWalter Sisulu University, kuphinde kwenziwe ikhalenda entsha ezoqinisekisa ukuthi kubuyiswa isikhathi esidliwe yisiteleka.
View Article'Iseyinkinga eyokuphuza kwabazithwele'
Iningi labantu besifazane bakuleli abazithwele bathi abayinaki ingozi ehambisana nokucwila ezinkambeni zikaFaro uma belindele ukuthola abantwana, kusho usonhlalakahla.
View ArticleEkaFarlam ihlabe eyokuhlehliswa kwezinhlelo
Sihlatshiwe isicelo sokuhlehliswa kokulalelwa kwezimvo zomphakathi kweKhomishana kaFarlam, nephenya ngesibhicongo saseMaeikana, nesifakwe nguDali Mpofu.
View ArticleKushubile kweyokubuyiswa komhlaba
Isikhulu ekubuyisweni komhlaba esifundazweni saKwaZulu-Natal, uBheki Mbili, uthole ukugxekwa yikomidi lezomhlaba ngaphambi kwePhalamende ngempelasonto.
View ArticleZimkhalele obezenza udokotela eKapa
Ulale ebaliwe uGabriel Junghänel, 33, nongowokudabuka eGermany obefunwa mayelana nezinsolo zokuzenza udokotela wase ekhwabanisela izibhedlela zaseKapa.
View ArticleAkuphunyelwe obala ngeNkandla - DA
Iqembu eliphikisayo iDemocratic Alliance lifuna amalungu eKhabhinethi aphumele obala ngezinsolo ezithi agxambukela ophenyweni loMvikeli woMphakathi.
View ArticleUzobhekana nawokubulala owengozi yaseKZN
Uzobhekana namacala angu-22 okubulala umshayeli weloli eyashayisa amatekisi amane nemoto encane ePinetown, kwashona abantu abangu-22, kulalele inkantolo.
View ArticleAkayingeni eyokuya ocansini uMulaudzi
Uneminyaka engu-36 ubudala, usaye ocansini kabili vo empilweni yakhe futhi akanankinga nalokho, empeleni kuyamjabulisa njengoba ethi akanaso isikhathi somuntu wesifazane
View ArticleKunqunyiwe ngecala lephoyisa elagwazisa
Lunqunyiwe usuku lokulalelwa kwecala lephoyisa elisolwa ngokuzama ukugwazisa isikhulu enkampanini yamadayimane, kusho amaphoyisa aseNorthern Cape.
View ArticleKuboshwe oshaye wabulala intombi
Iboshiwe indoda yase-East London eneminyaka engu-50 ubudala, esolwa ngokushaya ibulale intombi yayo, kusho amaphoyisa ase-Eastern Cape.
View ArticleUthishanhloko ulahlwe yicala lokubulala
Ugwetshwe iminyaka engu-12 esejele uthishanhloko waseMpumalanga ngokubulala owayemsebenzela engadini ngoba emsola ngokumebela ubucwele nemali emzini wakhe.
View ArticleKutholakale isidumbu esingenakhanda
Kutholakale isidumbu sowesilisa esishumpulwe ikhanda esigangeni esiseKlerksdorp, kusho amaphoyisa aseNorth West.
View ArticleZimkhalele obhadanywe nezidakamizwa eKZN
Indoda etholakale nezidakamizwa zohlobo lwe-heroin ikhalelwe ngamasongo kaSigonyela ePhoenix, eThekwini, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal
View ArticleLiyaqhubeka icala lokushushumbiswa kwabantu
Liyaqhubeka eNkantolo yesiFunda yaseThekwini icala lokushushumbisa abantu elibekwe uDkt Genchen Rugnath, unkosikazi wakhe uRavina nabasolwa abathathu.
View ArticleAbahlali bahambise u-Eskom enkantolo
Abahlali baseMidrand, sebebabele eNkantolo eNkulu ePitoli, ngenhloso yokuphoqa inkampani u-Eskom, ukuthi ihlakaze ingqalasizinda kagesi engaphansi kwamakhaya abo.
View ArticleIngqongqe nendlu imantshi
Ishe yangqongqa imantshi, 56, emzini wayo oseVereeniging ngemuva kokuqubuka komlilo yase ivinjwa ngama-burglar bars ukuba ikwazi ukuphuma ngesamagundane.
View ArticleUJim uthi ngeke bezwe ngoMantashe noNzimande
UNobhala Jikelele weNational Union of Metalworkers of SA (Numsa) u-Irvin Jim ugxeke uGwede Mantashe noBlade Nzimande, ebasola ngokudala uqhekeko kuCosatu.
View ArticleUyavela enkantolo uBethuel Zuma
Isikhulu samaphoyisa ebesizoba ngukhomishana wamaphoyisa omusha esifundazweni saseGauteng, uLieutenant General Bethuel Mondli Zuma, kulindeleke avele enkantolo.
View Article