Ayizinuke amakhwapha i-ANC - Manuel
UNgqongqoshe uTrevor Manuel uthi amalungu e-ANC kumele azinuke amakhwapha azame ukuthola ukuthi kungani kunokungaxhumani ngendlela phakathi kwawo nabantu.
View ArticleUyaqhubeka umbango wamathuna kwaMandela
Abameli bakalowo ongumzukulu kaNelson Mandela, uMandla, bazobuyela eNkantolo eNkulu yaseMthatha ngenhloso yokufuna amathuna amalungu omndeni abuyiselwe eMvezo.
View ArticleIshukumise iKZN i-EFF
"Amandiya kumele azitshele ukuthi azokwabelana umnotho nabantu abamnyama bakulesi sifundazwe saKwaZulu-Natal,” kusho uReggie Ngcobo, oseqenjini i-EFF.
View ArticleUMadiba ukhishelwe umazisi omusha
UMnyango wezaseKhaya ushayele lowo owayengumengameli wokuqala wentando yeningi uNelson Mandela umazisi omusha oyikhadi njengoba egubha iminyaka engu-95 azalwa.
View ArticleKuyakhalwa ngenkosi yodumo lwensangu
Usolwa ngokudelela wonke umuntu, kusukela kubafowabo, kuya kumholi uNelson Mandela, udelela amasiko, udla izidakamizwa, ukhipha izitifiketi zobukhosi.
View ArticleUZuma unike abahlali izindlu
UMengameli uJacob Zuma ukhombise abahlali baseDanville, ePitoli, amakhaya abo amasha, ngesikhathi kwethulwa uhlelo lokwakhiwa kwezindlu ezingezamanani aphansi.
View Article'Seluya ngasemaphethelweni uhambo lukaMandela'
Lowo owayengumengameli wokuqala wentando yeningi kuleli uNelson Mandela useya emaphethelweni ohambo lwakhe lwenkululeko, kusho lowo owake waba ngumengameli uFW De Klerk.
View ArticleIndoda izibulale nezingane eGauteng
Owesilisa uquthuze ngenhlamvu izingane zakhe, ezineminyaka engu-14 no-18 ubudala, walimaza unkosikazi ngaphambi kokubhekisa isibhamu ngakuyena eBrackendowns, e-Alberton.
View ArticleUMazibuko ugubhe iMandela Day nezingane
Umholi weDemocratic Alliance ePhalamende, uLindiwe Mazibuko nozakwabo, bakhumule imiswenko bangena ezingubeni ezejwayelekile bagubha iMandela Day nezingane.
View ArticleKufungiswe undunankulu omusha eLimpopo
Lowo owake waba yinxusa lakuleli e-Ukraine uStanley Mathabatha ufungiswe njengoNdunankulu omusha waseLimpopo ngesikhathi kuhlezi isiShayamthetho.
View ArticleKuthunjwe usana eW Cape
Kuthunjwe usana lwentombazane olunezinyanga ezimbili ubudala eWellington, nokusolakala ukuthi kwenziwe yintombazane eyaziwayo ngumama wengane.
View ArticleWenzisa okwesosha uBasson - Ubufakazi
Owabe engudokotela uNiel Knobel uthule ubufakazi wathi udokotela uWouter Basson wenzisa okwesosha ngesikhathi ephethe uhlelo iChemical and Biological Warfare Programme.
View ArticleI-ANC ikhalise i-UDM
USotswebhu weqembu elibusayo uStone Sizani, udlulise amazwi enduduzo emndenini wePhini lomholi we-United Democratic Movement, uNtopile Kganyago,
View ArticleSichithiwe esabameli babavukuzi - Marikana
INkantolo eNkulu ePitoli isichithile isicelo esifakwe ngabameli babavukuzi abalimala kudlambedlu lwasemayini ye-platinum eMarikana.
View ArticleKubulawe iphoyisa e-Alberton
Kudutshulwe kwabulawa iphoyisa elingumseshi e-Alberton, eningizimu neGoli, kusho lowo okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Lungelo Dlamini.
View ArticleUlandisa inkantolo othi wadlwengulwa nguGcabashe
Esinye isisulu sikaSibusiso “Mgqumeni” Gcabashe sitshele iNkantolo yesiFunda yaseMgungundlovu ukuthi ukudlwengulwa ngumsolwa kwasishiya nesilonda esingunaphakade.
View ArticleKuboshwe abasolwa ngokuzingela obhejane
Kuboshwe abasolwa abane abasolwa ngokuthi bebezama ukuzingela obhejane ngokungemthetho kepha baphazanyiswa yisimo sezulu ebesingesihle oPhongolo, KwaZulu Natal.
View ArticleBaphume phambili kwelokudlwengula
Abesifazane ababili abebesolwa ngokudlwengula amabhungu amabili, 17, angaphilile kahle ekhanda baphume phambili ecaleni eNkantolo yeMantshi yaseProtea.
View Article'Awagqokwanga ngendlela ama-bulletproof eCAR'
Ukuhluleka ukugqoka ngendlela ama-bulletproof, okwenziwa ngamasosha kuleli ayebambe impi eBangui, kungenzeka ukuthi yikho okwaholela ekushoneni kwamasosha.
View ArticleIzinsolo ezethusayo ngamaphoyisa
Kuvele izinsolo ezintsha ezithi amaphoyisa enza amacala ahlanganisa awokubulala, ukudlwengula, ukuhluumeza kanajlo nokuzama ukufihla amakhaza.
View Article