Quantcast
Channel: isiZulu Ningizimu Afrika
Browsing all 27149 articles
Browse latest View live

Azovela enkantolo amaphoyisa ngelenkohlakalo

Kulindeleke avele eNkantolo yeMantshi yasePitoli amaphoyisa amabili asolakala ngokuhlomula esikhwameni sezobunhloli, kusho umbiko.

View Article


Bubalulekile ubuholi emaqenjini - Vavi

Amaqembu ezombusazwe kumele aqinise indlela ahola ngayo ukuze imibono nemigomo yawo isebenze kangcono, kusho uNobhala Jikelele weCosatu uZwelinzima Vavi.

View Article


Uphenduke ifilimu umngwabo wowashada isinyenyela

Uphenduke ifilimi umngcwabo wendoda ebinonkosikazi ongaziwa emndenini, ngesikhathi etheleka eshintsha izinto efuna isidumbu somyeni wakhe.

View Article

UMalema angase avulele uMaile icala

Lowo owayengumholi we-ANCYL uJulius Malema usanquma ukuthi amthathele noma cha izinyathelo zomthetho lowo onguSihlalo walolu phiko eGauteng, uLebogang Maile.

View Article

Bavelile abatholakala nezinhlamvu

Avele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseLenasia, amadoda amabili asolwa ngokuhwebelana ngezinhlamvu zasembuthweni wamasosha, kusho umbiko.

View Article


Ugwetshiwe owashisa owayeyintombi yakhe

Owesilisa waseKapa ugwetshwe iminyaka engu-10 esejele ngokuzama ukubulala owayeyintombi yakhe nabanye ababili ngokubokhela ngomlilo, kusho umbiko.

View Article

Umama uvumela isoka lilale nendodakazi

Isizulu sithi indlala inamanyala, lokhu kuhlale obala ngesikhathi umama waseNorth West evumela isoka lakhe leminyaka engu-9 ukuthi liye ocansini nendodakazi yakhe.

View Article

Baningi abazogubha iMandela Day - Ucwaningo

Intsha eyisishiyagalolunye kweyishumi eNingizimu Afrika, izokuba yingxenye yeMandela Day, kusho umbiko wocwaningo odedelwe ngabakwaPondering Panda.

View Article


Aya enkantolo amaphoyisa ahlasela indoda

Amaphoyisa amathathu kulindeleke avele ngaphambi kweNkantolo yesiFunda eThekwini, mayelana necala lokushaya, elenzeka ngoDisemba ka-2011.

View Article


Ukhala ngokugconwa ngokukhubazeka kwakhe

Owesilisa usefake isimangalo kuSA Human Rights Commission ngezinsolo zokuthi weyisiwe wahlanjalazwa yisisebenzi saseePretoria Testing Station.

View Article

Basala dengwane ngenxa yemililo eKapa

Abantu abangu-16 basale bengenamakhaya ngesikhathi kuqubuka imililo emalokishini akhele idolobha laseKapa kusho izikhulu zedolobha, ezithi sezelekelele abashelwe.

View Article

Lisecaleni iphoyisa ngelokuduna imoto

Iphoyisa laseKapa kanye nomngani walo bazoquliswa icala ngezinsolo zokuduna imoto yowesilisa othile nokuzama ukumphoqa ukuba abanike imali.

View Article

Ugixabezwe ngodilikajele uJohan Kotzé

Lowo owaziwa ngele"Modimolle Monster" uJohan Kotzé ugwetshwe udilikajele yiNkantolo eNkulu yaseNorth Gauteng, ePitoli, ngamacala abandakanya nelokubulala.

View Article


Asesibhedlela amaphoyisa adle ama-space muffins

Amaphoyisa ayisishiyagalolunye asesiteshini saseMontclair, kudingeke ukuthi angeniswe esibhedlela, kulandela ukudla ama-space muffin, okungama-muffin athakwe nensangu.

View Article

Uboshiwe ogilisa izingane imikhuba yocansi

Umsolwa emacaleni ahlobene nocansi, ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela, kulandela izinsolo ezithi ubethatha izingane zamantombazane zaseDu Noon, ezidayisisa ngomzimba.

View Article


Abafundi bazoculela uMandela

UMnyango wezeMfundo eyisiSekelo usunxuse abafundi ezikoleni zonke zakuleli ukuthi bahlangane baculele owabe enguMengameli wezwe uNelson Mandela.

View Article

UMadiba 'usengcono kakhulu'

UNelson Mandela uvele 'walulama ngendlela engalindelekile' kanti kungenzeka ukuthi agodukiswe kungekudala, kusho indodakazi yakhe uZindzi.

View Article


Zimkhalele otholakale nesidumbu emotweni

Kulindeleke avele eNkantolo yeMantshi yaseGermiston umsebenzi wasemakhazeni owafika nesidumbu esinqunu emahhovisi oMnyango wezaseKhaya.

View Article

Kutholakale isidumbu sowesifazane

Kutholakale isidumbu sowesifazane obalelwa eminyakeni yobudala eko-30 enkundleni yezemidlalo eSwaneville ngaseKrugersdorp, kusho amaphoyisa aseKagiso.

View Article

Lizoqhubeka nokuphila igalelo likaTata - Winnie

INingizimu Afrika izoligcina liphila igalelo likaNelson Mandela ngisho noma engasekho emhlabeni, kusho lowo owabe engunkosikazi kaTata uWinnie Madikizela-Mandela.

View Article
Browsing all 27149 articles
Browse latest View live


<script src="https://jsc.adskeeper.com/r/s/rssing.com.1596347.js" async> </script>