Umgibeli usindise impilo yomshayeli engozini
Umshayeli waseThekwini ushaywe yinsimbi ebusweni engene ngewindi langaphambili lemoto ngesikhathi esemgwaqeni ku-N2 South ngaseChesterville.
View ArticleUmphakathi uthi ukhathele ukudlala i-ANC
Umphakathi waseLefatlheng, eNorth West, uthi ukuswela kwawo amanzi kubonisa khona ukuthi i-ANC ayibakhathalele, ifuna amavoti abo kuphela.
View ArticleKuyinhlamba ukuchithwa kwesicelo sabameli - UDM
Ukuchithwa kwesicelo sabameli babavukuzi abalimala ekudububuleni okwenzeka esitelekeni saseMarikana, kubukeka sanhlamba emthethweni wakuleli, kusho i-UDM.
View ArticleKugwetshwe amaphoyisa ngokufa komuntu
Amaphoyisa amabili aKwaZulu-Natal agwetshwe iminyaka engu-15 umuntu emunye yiNkantolo yesiFunda eRichards Bay, kusho iIndependent Police Investigative Directorate.
View ArticleUbonga umphakathi obethunjiwe
UCaron Whateley, noduke eWestville ngoLwesine ebusuku, uthi ubecashe ehlathini eliseNanda ubusuku bonke ngemuva kokulaxazwa ngabathumbi bakhe.
View ArticleSichithiwe isicelo sikaBreytenbach
Sichithiwe yiNkantolo yezabaSebenzi, isicelo sokubuyiselwa emsebenzini esafakwa ngumshushisi weNational Prosecuting Authority uGlynnis Breytenbach.
View ArticleUshonele ishumi odayisa emgwaqeni
Umthengisi wasemgwaqeni osemncane u-Andile Luthuli, 24, ugwazwe wabulawa ngesikhathi ikhasimende linqaba ukukhokhela i-aphula leshumi.
View ArticleUbuyele esibhedlela owetulo laseMangaung
Oyedwa kubasolwa abane ababhekene necala lokwakha itulo lokubulala abaholi be-African National Congress, angeke akwazi ukubhekana necala.
View ArticleKuboshwe izikhulu zoMnyango
Abasebenzi ababili boMnyango wezaseKhaya bakhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngezinsolo zamacala okweba ePitoli, kusho oKlebe.
View ArticleKubi kophonswe phansi esuka ebhulohweni
Kutholakale indoda ilimele, iphuke umlenze, ilele ngasesitamukokweni ePitoli, kusho abahambisa usizo oluphuthumayo nabathi iphonswe ngothile obexebana nayo.
View ArticleBaboshiwe abantshontshe umqwayiba
Aboshiwe amadoda amabili abanjwe eba umqwayiba ongaba yintengo engaphezu kuka-R900, owebiwe esilaheni ePetrusburg, kusho amaphoyisa aseFree State.
View ArticleLithole ibheyili iphoyisa elisolwa ngokudlwengula
INkantolo kaMantshi wasePaarl, ilidedele ngebheyili ka-R1500 iphoyisa laseKapa elibhekene necala lokudlwegula ingane eneminyaka engu-14 ubudala.
View ArticleUZuma uhambele uMandela esibhedlela
UMengameli uJacob Zuma uhambele esibhedlela iMedi-Clinic Heart Hospital, evakashele loyo owaba nguMengameli wokuqala wentando yiningi uNelson Mandela.
View ArticleUshonele u-R10 obefuna umqwayizi
Ingxabano ebe phakathi kwamabhungu angabazala, abebanga ukuthi azowusebenzisa kanjani u-R10 wawo sokugcina, iphethe ngokuthi kube khona oshonayo phakathi kwabo.
View ArticleKufunwa abagqekeze kwaPick n Pay
Uphiko loKlebe eWelkom seluphume inqina luthungatha izigilamkhuba ezibambe inkunzi isuphamakethe yakwaPick n Pay, zakhala zemuka nesamba semali engaziwa.
View ArticleKuxwayiswa izithandani eKimberly
Amaphoyisa aseNorthern Cape axwayisa izithandani ukuthi zihlale zivule amehlo uma sisendaweni ebizwa ngokuthi kuse 'lover's den', eKimberley.
View ArticleAkashonile oweNUM
Inyunyana yabasebenzi basezimayini iNational Union of Mineworkers (NUM), isishaye ingwijikhwebu yathi iyaphila indoda ehlaselwe emikhukhiwni yaseNkaneng.
View ArticleI-ANC iluyise enkantolo olwaseTlokwe
INkantolo eNkulu yasePitoli izolalela isicelo se-African National Congress sokuthi sithathwe njengesingekho emthethweni isinqumo sokuketulwa kweMeya yeqembu eTlokwe.
View ArticleKuphume isidumbu kubangwa ukudla
Owesilisa, 28, ugwazwe washona ngesikhathi kuqubuka ingxabano kubangwa ukudla eBloemfontein, kusho amaphoyisa aseFree State.
View ArticleKutholakale izidumbu ezimbili ngasefemini
Kutholakale izidumbu ezimbili zabesilisa ngasefemini eseVereeniging, kusho amaphoyisa aseGauteng nathi lezi zidumbu zitholakale zishaya ngesudi yesele.
View Article