Quantcast
Channel: isiZulu Ningizimu Afrika
Browsing all 27149 articles
Browse latest View live
↧

Kuhoxe abameli kwiKhomishana kaFarlam

Bahoxile kwiKhomishana kaFarlam abameli babavukuzi abalimala esitelekeni esadlula nemiphefumulo emayini iLonmin, eMarikana, kulandela izinkinga ezihlobene nemali.

View Article


Liphume nobomvu ngoDalindyebo - ANC

I-ANC “ingcono kakhulu" ngaphandle kweNkosi yabaThembu uBuyelekhaya Dalindyebo, kusho inhlangano ngemuva kokuthi ajoyine iDemocratic Alliance.

View Article


Ikusasa likaDalindyebo lilele kuZuma

Umndeni wobukhosi babaThembu usalinde ukuzwa ukuthi ngabe uhulumeni uzosihoxisa yini isitifiketi sokuthi iNkosi uBuyelekhaya Dalindyebo athathwe njengenkosi.

View Article

I-ANC ibonge ukuzinikela kukaMathale

I-ANC isibonge uCassel Mathale ngendima ayidlalile njengomholi ngesikhathi eqhoqhobele esokuba nguNdunankulu waseLimpopo, kulandela ukumemezela kwakhe ukuthi usethi khumu.

View Article

Kubhikishe abahlali eSoweto

Babalelwa ngaphezu kuka-300 abahlali baseDube Hostel, eSoweto abangene embhikishweni bekhala ngokungafakelwa ugesi, kusho amaphoyisa aseGauteng.

View Article


Uzobhadla owadlwengula umfana

Indoda yaseWest Rand igwetshwe iminyaka engu-28 ibhadla ejele kulandela ukulahlwa yicala lokubamba inkunzi nokudlwengula umfana oneminyaka engu-13 ubudala.

View Article

UMathale uzohlala esiShayamthetho

Lowo obenguNdunakulu waseLimpopo uCassel Mathale uzophindiselwa esikhundleni sokuba kwisiShayamthetho sesifundazwe, kusho umbiko wezindaba.

View Article

Udokotela uphika ukuthi waba nephutha

Udokotela waKwaZulu-Natal useliphikile icala lokungawenzi ngendlela umsebenzi kulandela izinsolo ezithi wajova isiguli emithanjeni yemizwa, nokwadala umonakalo ongasalapheki.

View Article


Kuzofakaza uMbeki noManuel kolwezikhali

Lowo owayengumengameli uThabo Mbeki uzokwethula ubufakazi bakhe ngaphambi kwekhomishana ephenya ngokuthengwa kwezikhali, i-Arms Procurement Commission, kusho umbiko.

View Article


Ubuhlungu umama onikelele uMnyango ngengane

Umama oxakekile uphoqeleke ukuthi acele aboMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi ukuthi bathathe ingane yakhe ekhubazekile ngoba engeke akwazi ukuyinakekela.

View Article

Umnikazi womhlaba ukhiyele ngaphandle othisha

Baluqale kabi usuku lokuvulwa kwezikole, othisha nabafundi esikoleni samabanga aphansi i-Oakford Primary School, ngesikhathi umnikazi womhlaba ebakhiyela ngaphandle.

View Article

Azobuyiselwa amacala abekwe ikhansela le-NFP

INational Prosecuting Authority ithi lowo oyikhansela leNational Freedom Party uzophinde abekwe icala njengoba esolwa ngokudubula abulale umlandeli we-IFP.

View Article

Kubulawe iphoyisa eMlazi

Iphoyisa lesifazane lidutshulwe labulawa eMlazi esigcemeni sakwa-J ngaseThekwini, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal.

View Article


Kuphikwe eyokuxoshwa kukaModise

Ihhovisi likaNdunankulu waseNorth West uThandi Modise lithi amahlebezi athi uzosuswa esikhundleni sakhe angamampunge angenasisekelo.

View Article

Udilikajele kowabulala isikhulu samatekisi

Bagwetshwe udilikajele abalahlwe yicala lokubulala isikhulu samatekisi KwaZulu-Natal, nokuyisigwebo esamukelwe ngazo zombili ngabomndeni.

View Article


Kuboshwe ebebezinothisa ngabokufika

Kuboshwe amaphoyisa amabili kanye nomlisa mumbe odabuka eTopiya kulandela izinsolo zokugwazisa, kusho umbiko wamaphoyisa asePolokwane.

View Article

I-DA ihlaba ukusetshenziswa kwendiza yamasosha

I-DA iwotha ubomvu ngokusetshenziswa kwendiza yamasosha okwenziwa nguNgqongqoshe wezokuVikela uNosiviwe Mapisa-Nqakula, ngesikhathi ehambele eTlokwe, eNorth West.

View Article


Umndeni uyaliphikela iphoyisa elingumsolwa

Inkantolo kaMantshi wasePaarl, ibigcwele amalungu omndeni ngesikhathi kulalelwe isicelo sebheyili ecaleni lokudlwengula elibhekene nephoyisa.

View Article

Unogada kwelokuphanga kuhlonyiwe

Lowo osolwa ngokuba ngunogada nabesebenzisana naye bakhalelwe ngamasongo kaSigonyela mayelana nesigameko sokuphanga kuhlonyiwe eBramley, eGoli, kusho amaphoyisa.

View Article

Izigebengu zidubule obedlula ngendlela

Kuqhunyiswe isimishini emibili yokukhipha imali kwase kudutshulwa kulinyazwa umuntu ubedlula ngendlela eRustenburg, kusho amaphoyisa aseNorth West.

View Article
Browsing all 27149 articles
Browse latest View live


<script src="https://jsc.adskeeper.com/r/s/rssing.com.1596347.js" async> </script>