Quantcast
Channel: isiZulu Ningizimu Afrika
Browsing all 27149 articles
Browse latest View live
↧

Bafuna uhulumeni wakuleli abophe u-Obama

Inhlangano yabameli abangamaSulumane eGoli, ifuna uhulumeni waseNingizimu Afrika abophe uMengameli waseMelika, uBarack Obama, uma etheleka kuleli.

View Article


ULamola uchitha uMalema

Owabe eyiPhini lomholi we-ANC Youth League, uRonald Lamola, usenxenxe abantu abasha baseNingizimu Afrika, wathi ucela abangameseki uJulius Malema, oseqala iqembu lakhe.

View Article


Bafuneka ejele abe'Waterkloof Four'

Ababili kwabane abaziwa ngokuthi bayi"Waterkloof Four" ababededelwa ejele ezinyangeni ezingu-18 ezidlule, sebeyalelwe ukuthi babuyele ekhulukuthu.

View Article

ISandu ihambisele uMandela izimbali

Ngase sangweni lasesibhedlela esisePirtoli, la kulele loyo owaba nguMengameli wokuqala wenkululeko, uNelson Mandela, kubonakala izimbali ezinhle kanjalo nekhadi elibhalwe umlayezo.

View Article

Kwebiwe izingulube kuginqika iloli

Iqulu labantu liphuthume layozitapela leba izingulube, ngesikhathi iloli lilala amankeyane ngaseBadplaas eMpumalanga, kwadingeka ukuthi ezinye zazo zibulawe.

View Article


UMnyango ujabulela isinqumo nge'Waterkloof Four'

UMnyango wezamaJele usamukele ngazo zombili isinqumo senkantolo, esithi kumele babuyele ejele ababili abayingxenye yababizwa nge"Waterkloof Four".

View Article

Kushone owesifazane engozini yomgwaqo

Uchazwe kwathiwa unguCharmaine Wijnbeek, waseBurgundy Estate, eRichwood, owesifazane oshone ngesikhathi imoto yakhe ishayisana neveni yamaphoyisa ebithwele iziboshwa.

View Article

Bakobandayo ebebedubulana namaphoyisa

Balele kobandayo ababili ekukholakala ukuthi bebezama ukubamba inkunzi eGoli, bashintshana ngenhlamvu namaphoyisa, kusho umbiko wamaphoyisa esifundazweni saseGauteng.

View Article


Kuxabene ubendle kwi-EFF noLamola

Abazibiza ngabalwela inkululeko kwezomnotho sebechaze uRonald Lamola, owayeyiPhini lomholi we-ANC Youth League, njengomuntu onomqondo omncane.

View Article


Abanguthuthwa ngamabhasi abavotayo - IEC

Ukuthuthwa kwabavoti beyiswa ezikhungweni zokuvota ezingekho ezifundeni zabo kuvamile KwaZulu-Natal, kanti lokho kwenza uhlelo lokhetho lungabi ngoluqotho.

View Article

Kugxekwa ukusaphazwa kwendle eKapa

Ikhabhinethi selikugxekile ukuchithwa kwendle esidlangalaleni, okwenziwe ababhikishi basemikhukhwini yaseWestern Cape, ngesonto eledlule.

View Article

Amaphoyisa ahlasele isiguli ethi yintatheli

Isibhedlela esisePitoli, la kwelashwa khona owabe enguMengameli wezwe uNelson Mandela, siphenya ngezinsolo ezithi amaphoyisa ahlasele isiguli.

View Article

UZuma uvakashele uMandela esibhedlela

UMengameli wezwe uJacob Zuma, uhambele esibhedlela iMedi-Clinic Heart Hospital, evakashele owabe enguMengameli uNelson Mandela, olokhu alaliswa esibhedlela.

View Article


Imina oweba umbhede - Isela

Bese kusele kancane umphakathi umthele induku owesifazane obanjwe nombhede wokwebiwa, obelokhu ephike njalo ukuthi weba lo mbhede, ethi akahlangene nawo.

View Article

Umkhuzi wamaphoyisa ulahlwe awocansi

Owabe enguMkhuzi wamaPhoyisa esiteshini iMelkbos, eWestern Cape, utholakale enecala lokudlwengula owesifazane nokubhucabhuca omunye, ngesikhathi bevalelwe esitokisini.

View Article


Kuteleke abamatekisi eThekwini

Abagibeli bamatekisi eThekwini, baphoqeleke ukuthi basebenzise amabhasi njengoba kuqale isiteleka sabashayeli bamatekisi abasebenzisana nenyunyana iSatwo.

View Article

I-ANC ifuna amalungu ayo ayizephulamthetho

I-ANC eLimpopo, seyamukele i-video, yacelwa ukuthi ikhiphe amalungu ayo abonakala ecekela phansi amawindi ezitolo, okwenzeka ngenyanga ka-Agasti ngo-2011.

View Article


Ahamba phambili amabhishi aseThekwini - Umbiko

ITheku lizobamba iqhaza ohlelweni lwamazwe omhlaba, lokuqikelela ukuthi amabhishi asesimeni esihle, amanzi ahlanzeke ngendlela kanti nababhukudi baphephile.

View Article

Odilikajele kwababulala epulazini

Abalisa ababili bagwetshwe udilikajele, kwathi owesithathu wanikwa iminyaka engu-18 ebhadla ngaphakathi, ngokubulala ngesihluku izithandani esezikhulile.

View Article

Kuzosheshiswa izikhalo zabahlali - SAHRC

IMinyango kahulumeni izoqinisekisa ukuthi izikhalazo zomphakathi ngokulethwa kwezidingo, ikakhulukazi amanzi nokuthuthwa kwendle, kubhekwana nakho ngokushesha.

View Article
Browsing all 27149 articles
Browse latest View live


<script src="https://jsc.adskeeper.com/r/s/rssing.com.1596347.js" async> </script>