Kuthulekile ngasemzini kaMandela
Bekuthulekile ngasemzini kaNelson Mandela eGoli, njengoba le ngqalabuthu engaphilile kahle kungusuku lwesine isesibhedlela ePitoli kanti abazindaba basaqhinqile.
View ArticleUPhiyega ukhale ngokubulawa kwamaphoyisa
Isibalo samaphoyisa abulawa esemsebenzini siyakhathaza, kusho uKhomishana wamaPhoyisa uRiah Phiyega, etshela iKhomishana kaFarlam.
View ArticleKuqinisekiswe isibhedlela ekulele kuso uMandela
Amaphoyisa akuqinisekisile ukuthi umholi owalwela inkululeko yabantu baseNingizmu Afrika, uNelson Mandela, ulashelwa eMedi-Clinic Heart Hospital ePitoli.
View ArticleKushone amalungu amahlanu omndeni kuwa ibhilidi
Ukuwa kwebhilidi elinezitezi ezine eNdiya, kuholele ekutheni kushone okungenani abantu abangu-10, abahlanganisa abantu abahlanu abangamalungu omndeni owodwa.
View ArticleUZuma uqinisekisa izwe ngoMandela
UMengameli wezwe uJacob Zuma useqinisekise abantu baseNingizimu Afrika wathi iqhawe elalwela inkululeko, uNelson Mandela, uzolulama, wathi uthola unyango olusezingeni.
View ArticleSishoda ngemali - Malema
Owaxoshwa ekuholeni uphiko i-ANC Youth League, uJulius Malema, usegxeke iqembu elibusayo wathi liyehluleka ukukhulisa umnotho wezwe.
View ArticleImeya ekusebenziseni kambi eyabakhokhi bentela
IMeya yakuMasipala waseBuffalo City uZukiswa Ncitha, wasebenzisa imali yabakhokhi bentela, elinganiselwa ku-R800 000, ehambela ezindaweni ezithile.
View ArticleKulimale abafundi engozini eThekwini
Kulimale kambi abafundi ababili, ngesikhathi kwehla ingozi yomgwaqo kuginqika itekisi ebebehamba ngayo eGillitts, ngasePinetown, kusho abahambisa usizo lokuqala.
View ArticleUzogwetshwa owabulala owesifazane
Indoda yaseKapa elahlwe yicala lokubulala owesifazane wakulo leli dolobha, izogwetshwa yinkantolo kulo leli sonto, kanti umama kamufi uthi akanazwelo ngombulali.
View ArticleUFransman akayingeni eyomhlangano ne-SAJBD
USihlalo we-African National Congress eWestern Cape, uMarius Fransman, uhlulekile ukuvela ngaphambi kweSA Jewish Board of Deputies (SAJBD), kulandela ukukhuluma akwenza
View ArticleAbokufika abathobele imithetho - Umphakathi
Abantu bokufika abahlala eNingizimu Afrika kuzomele bafunde ukwenza izinto njengabantu baseNingizimu Afrika, lokhu kuzwakale emhlanganweni womphakathi e-Orange Farm.
View ArticleAmaphoyisa azogada abahlanza amathoyilethe eKapa
Emizameli yokugcina yokuhlinzeka ngezidingo kubantu, iMeya yaseKapa uPatricia de Lille itshale amaphoyisa ukuba avikele abasebenzi bomkhandlu.
View ArticleUzame ukulumisa amaphoyisa ngamabhubesi
Ahlangabezane nezimbila zithutha amaphoyisa abezama ukubopha umninipulazi obanjwe oqotsheni kuleli pulazi elingaphandle kwasePitoli, ethenga udizili owebiwe.
View ArticleAbhekene namacala amasosha akuleli ase-DRC
Angu-93 amacala okungaziphathi kahle abhekene namasosha akuleli laseNingizimu Afrika, ajutshwe eDemocratic Republic of Congo, kusho uMnyango wezobuLungiswa.
View ArticleKutholakale umbungu ngasesontweni
“Kodwa ngumuntu ongenanembeza lokhu okunjani ongalahla ingane eqeda ukuyizala ayilahle eceleni kwendlu kaNkulunkulu?” kukhala omama la kutholakale khona umbungu.
View ArticleUMandla noGraca bahambele uMandela
UGraca Machel, ongunkosikazi kaMengameli wokuqala wentando yeningi, uNelson Mandela, ubonakale engena esibhedlela esisePitoli, la kulaliswe khona umyeni wakhe.
View ArticleUgwetshwe iminyaka engu-105 umshayeli wetekisi
Umshayeli wetekisi waseBraamfischerville, ugwetshwe odilikajele abathathu kanye neminye iminyaka, mayelana necala lokushaya nokudlwengula abantu besifazane abaningi.
View ArticleUyavela osolwa ngokubulala umkakhe
Ikhalelwe ngamasongo kaSigonyela indoda yaseRusetnburg, esolwa ngokugwaza ibulale unkosikazi wayo oneminyaka engu-27 ubudala, kusho amaphoyisa aseNorth West.
View ArticleOwesimame utholakale namacala angu-72 enkohlakalo
IMantshi uJackie Redelinghuys, waseNkantolo yesiFunda eWynberg, ulahle ngecala owesifazane, ekuthiwa ubeqhuba inkohlakalo, emthola enamacala angu-72.
View ArticleBabambe umbhikisho eThekwini
Balinganiselwa ku-200 abantu ababambe umbhikisho emgwaqeni uMgeni no-Alpine Road, eThekwini, kusho amaphoyisa kaMasipala waseThekwini.
View Article