Quantcast
Channel: isiZulu Ningizimu Afrika
Browsing all 27149 articles
Browse latest View live

'Eyezinkantolo ihlambalaza isibongo sakwaMandela'

Umhlaziyi wezepolitiki ukholelwa ukuthi umdonsiswano oqhubekayo phakathi kwamadodakazi amabili kaNelson Mandela kanye nobaba wabo, ngemali yakhe, kusayisiqalo nje.

View Article


UZuma uyaveva ngokushona kwababeyosoka

UMengameli uJacob Zuma uzwakalise ukwethuka ngokushona kwabafana abangu-27 abebeyosokwa eMpumalanga, wathi lokhu kumele kusukunyelwe.

View Article


Uphume emsulwa uCarl Pistorius

UCarl Pistorius, ongumfowabo womsubathi obhekene necala lokubulala, u-Oscar Pistorius, uhleka yedwa, kulandela ukuphuma phambili ecaleni lokubulala ngokungenhloso.

View Article

Kuzocwaningwa ubufakazi bukaMkhwanazi

IKhomishana kaFarlam ibhekisisa ubufakazi obethulwa ngowabe enguKhomishana wamaPhoyisa obambile uBrigadier Nhlanhla Mkhwanazi.

View Article

Limthethile obesolwa kwelika-Anene Booysen

Achithiwe amacala abebekwe omunye wabasolwa ngokudlwengula nokubulala intombazane yaseBredasdorp u-Anene Booysen, kusho iNational Prosecuting Authority (NPA).

View Article


Kuzingelwe obhejane abangu 11 eKZN

Okungenani bayishumi nanye obhejane asebezingeliwe esifundazweni saKwaZulu-Natal, esikhathi esiyizinsuku ezingu-20, ezedlule, kusho abeZemvelo KZN Wildlife.

View Article

Kuzoqoshiswana ngolwakwaGupta ePhalamende

IsiShayamthetho sikazwelonke sizobe sinqakisana ngamazwi ePhalamende kulandela undabamlonyeni wokuhlaliswa kwendiza yomndeni wezinjinga eWaterkloof Air Force Base.

View Article

Ubugebengu sebuqhubeka emathunjini eTheku

Abadayisi bezidakamizwa kanye nezinye izigebengu kukholelwa ukuthi basebenzela emapayipini amanzi nezitamkoko ezingubude obungu-4km² eThekwini.

View Article


Kuthwetshulwe uthisha etitinya umfundi

Sebuphinde badlala indawo ebalulekile ubuchwepheshe kulandela ukuthi kuthwesthulwe uthisha wase-Eastern Cape etitinya ngenduku umfundi ka-Grade 10.

View Article


Waziphuthumisa esibhedlela esedutshuliwe

Umlimi waseHluhluwe uzihambise yena ngemoto esibhedlela ngemuva kokuhlaselwa yizigebengu wagcina ngokudutshulwa esifubeni ngesikhathi ebanjwa inkunzi.

View Article

Isenkingeni ‘iMeya yaseZumaville’

Usenkingeni umzala kaMengameli wezwe uJacob Zuma, uSibusiso “Deebo” Mzobe, osanda kushadelwa yintokazi esencane, emshadweni owabe unezimenywa ezilinganiselwa ku-8000.

View Article

UNabolisa ufuna amalungelo athile

Owatholwa enecala nokushushumbisa izidakamizwa, uFrank Nabolisa, ufake amaphepha eNkantolo eNkulu eGoli efakela uNgqongqoshe wezokuHlunyeleliswa kweziMilo.

View Article

Inkantolo izwele umbulali

Ngesikhathi uLungisani Ntuli, 21, ethola ukuthi intombi yakhe inegciwane lesandulela ngculazi futhi yamfihlela, wayecabanga ukuthi sekuphelile ngempilo yakhe.

View Article


Bafake ingane isibhamu emlonyeni bebamba inkunzi

Umndeni waKwaZulu-Natal uthi namanje usathuthumela kulandela ukuthi abaphangi bafake isibhamu emlonyeni womfana wakuleli khaya, oneminyaka engu-13 ubudala.

View Article

Luyaqhubeka uphenyo ngolwabashona beyofesa

Ikhomisha yeRTI ephenya ngokwenzeka ngesikhathi kuqhutshwa uhlelo lokuqasha abantu, ilalele uNjabulo Manqele ubeka ukuthi wamfuna kanjani umngani wakhe.

View Article


Obezimo eziphuthumayo kwelokudlwengula

Abasebenzi ababili bezimo eziphuthumayo eTswane baboshelwe izinsolo zokudlwengula umqwayizi, kusho umbiko wakamuva.

View Article

Zimkhalele osolwa ngokubulala eKZN

Uthathwe wayophoswa ekhulukuthu owesilisa osolwa ngelokubulala oneminyaka engu-23 ubudala eMlazi, ningizimu neTheku, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal.

View Article


Ikhihle isililo imindeni yabavukuzi - Marikana

Imindeni yabavukuzi abadutshulwa ngamaphoyisa emayini yaseMarikana, ngonyaka owedlule, badube iKhomishana kaFarlam, baphuma bahamba.

View Article

Ulandisa ngokubulala owayemkweleta

Owesilisa osebenza ngokulungisa uphahla emizini yabantu utshele inkantolo yaseKapa ukuthi wagwaza owesifazane ngoba wayengafuni ukumkhokhela imali ayemkweleta yona.

View Article

Kutalajwe ugogo osolwa ngokuthumba ibhungu

Utalajwe ngumphakathi ugogo obesolwa ngokunyamalala kukaNkululeko Msane, 28, owanyamalala ekade eyobukela ibhola kwaze kwadingeka ukuthi acingwe ngumphakathi.

View Article
Browsing all 27149 articles
Browse latest View live


<script src="https://jsc.adskeeper.com/r/s/rssing.com.1596347.js" async> </script>