Ayisukunyelwe eyokushona kwababeyosoka - ANC
Kuyajabhisa ukwazi ukuthi uphenyo mayelana nokushona kwabafana abangu-27 ababeyosoka akuthathwa njengento ebalulekile, kusho i-ANC.
View Article'Amadoda afana namakhondomu abhedayo'
“Amadoda afana ncamashi namakhondomu. Ngesikhathi wenza ucansi ikhondomu iyaqhuma. Uma uthandana nendoda nayo iyayiphula inhliziyo yakho,” kusho uMapapi Nyaba.
View ArticleKudedelwe umbiko ngolwakwaGupta
Udedeliwe umbiko ophelele ngodaba olungundabamlonyeni lokuhlaliswa kwendiza yakwaGupta, enkambini iWaterkloof Air Force Base.
View ArticleIsikhulu soKlebe kwelokukhwabanisa
Ivele ngaphambi kweNkantolo yesiFunda eNelspruit, inhloko yophiko loKlebe eMpumalanga, njengoba ibhekene namacala enkohlakalo, kusho amaphoyisa.
View ArticleKuboshwe umama nendodana eKZN
Indoda yaKwaZulu-Natal ikanye nomama wayo basejele, kulandela ukulahlwa ngamacala okubamba inkunzi kanye nokuphazamisa ukusebenza komthetho.
View ArticleUgwetshwe kanzima owazama ukubulala
Ugixabezwe ngeminyaka engu-20 ebhadla ejele owesilisa yiNkantolo yesiFunda eMbombela ngemuva kokulahlwa yicala lokuzama ukubulala, kusho umbiko.
View ArticleKuboshwe abalimi ababambe umsolwa
Abalimi abathathu baseLimpopo baboshiwe ngezinsolo zokuzama ukubulala ngemuva kokubamba obesolwa ngokuzingela obhejane ngokungemthetho
View ArticleKuboshwe iphoyisa elidubule abantu
Kuboshwe iphoyisa likamasipala esifundazweni saseMpumalanga, kulandela ukuthi lidubule abantu ababili ebebemi emgwaqeni, ngesikhathi lijaha umuntu.
View ArticleSebezophuma omazisi abasha
Kuzophela ngomazisi abajwayelekile abanombala okuhlaza, bese kusetshenziswa omazisi abasha abayisigqebhezana ezingafaniswa nalezo zezincwadi zokushayela.
View ArticleUNabolisa uzoxhafaza i-laptop ejele
Inkantolo ikhiphe isinqumo sokuthi uFrank Nabolisa, owatholwa enecala lokushushumbisa izidakamiswa, uvumelekile ukuba ne-laptop yakhe ejele.
View ArticleImibuzo engaphenduleki koluka-Anene
INational Prosecuting Authority (NPA) ikholelwa ukuthi uyedwa umuntu othinteka kwelokubulala adlwengule intombazane yaseBredasdorp.
View ArticleSebenzisani imitholampilo - Papo
Abantu abahlala esifundazweni saseGauteng kumele bajwayele ukusebenzisa imitholampilo, kuze kuzokwehla umthwalo obhekene nezibhedlela.
View ArticleIntsha ye-DA iyigxoba eKleinfontein
Amalungu ophiko lwentsha yeDemocratic Alliance abonakale eshoshela ngasemasangweni endawo ehlala abathile bebala elimhlophe eKleinfontein ngaphandle kwaseRayton.
View ArticleKubanjwe izigebengu ebezifunwa uthuli eKZN
Izigebengu ezinhlanu ebezifunwa uthuli KwaZulu-Natal, ngamacala abandakanya awokubulala, zikhalelwe ngamasongo kaSigonyela, kusho amaphoyisa.
View ArticleBekukhetha ukhethi kwelokuchibiyela
Iqembu iNkatha Freedom Party, lidle umhlanganiso okhethweni lokuchibiyela olubanjwe kuMasipala wase-Albert Luthuli (Elukwatini/Carolina), eMpumalanga.
View ArticleAmathemba ngomshini olapha umdlavuza eKZN
Imishini esezingeni eliphezulu esiza ekwelapheni isifo somdlavuza, izoqala ukusebenza esibhedlela saseThekwini i-Addington, kusho uMnyango wezeMpilo esifundazweni.
View ArticleLihlehlile elokubulawa kwesangoma saseMarikana
Ivele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseBizana, indoda esolwa ngokudubula ibulale isangoma esabe sigqihisa abavukuzi baseMarikana, kusho iNPA.
View ArticleAyisukunyelwe eyokushona kwabasokayo - Sanac
Indaba yokushona kwabafana abasuke beyosoka izitshwe isikhathi eside, kusho iSA National Aids Council, ethi kumele uhulumeni, abaholi kanjalo nabazali basukume.
View ArticleUZuma ugcine ephefumulile ngolwakwaGupta
UMengameli Jacob Zuma ukugxekile ukufakwa kwegama lakhe nawamalungu eKhabhinethi ukuze abantu bafeze izimfuno zabo zokwephula imithetho kahulumeni.
View ArticleIzinsolo 'ngamaphoyisa asebenzisana nezigebengu'
Kuyinto ebucayi kakhulu ukuputshuka kombiko othi kunokusebenzisana okukhona phakathi kwamaphoyisa nezigelekeqe eWestern Cape, kusho uMnyango wezamaPhoyisa.
View Article