Kuminze owesilisa ngaseGreytown
Sigcine sitholakele isidumbu sowesilisa ogwilize eLake Merthley ngaphandle kwaseGreytown, sitholwa yithimba lezokuthungatha nokutakula laseMgungundlovu.
View ArticleUkushaqeka isidumbu sitholakala kamakhelwane
Izakhamuzi zaseMbali zisale zibambe ongezansi kulandela ukutholakala kwesidumbu sowesifazane obikwe ukuthi ulahlekile, silahlwe kwamakhelwane.
View ArticleSisazomzamela uCwele - Ummeli
Abameli balowo owakhala ngaphansi ecaleni lokushushumbisa izidakamizwa uSheryl Cwele, bathi basazama ukuthambisa isigwebo asinikezwe yinkantolo.
View ArticleAkusiwo umhlaba kaZuma ekuzokwakhiwa kuwo
Akusiwo umhlaba kaMengamei uJacob Zuma lona ekuzokwakhiwa khona isithabathaba sezigidi zamarandi esisuse umsindo, futhi kuzokwakha uMnyango wezemiSebenzi yoMphakathi.
View ArticleAbanye ababoshiwe ngelokuthumba
Amaphoyisa aseDurban North abophe abasolwa ababili mayelana nesehlaklo sokuthumba uDorothy Carlyle, owathunjwa ngesikhathi kudunwa imoto yakhe.
View ArticleKubulawe umama eKapa
Kubulawe owesifazane esigamekweni okubonakala ukuthi bekungesokugqekeza eClaremont, eKapa, kusho imibiko yabezindaba.
View ArticleKushe isitimela eBrackenfell
Kucekeleke phansi ikhoshi eyodwa yesitimela ngesikhathi kuqubuka umlilo esitimeleni kujantshi eBrackenfell, kusho isikhungo sezinhlekelele eKapa.
View ArticleKushone umfana, 16, ebholeni
Umndeni waseLimpopo osashaqekile kulindeleke ufike eThekwini ukuzohlonza isidumbu sendodana yawo, 16, eshayeke phansi yashona ngesikhathi kunomcintiswano webhola.
View ArticleUSimelane wabekwa ngokungemthetho
INkantolo yoMthethosisekelo isikhiphe isinqumo sokuthi ukuqokwa kukaMenzi Simelane njengenhloko yezokushushiswa kwamacala omphakathi akukho semthethweni.
View ArticleBaziswe ngama-sms bemiswa emsebenzini
Balinganiselwa ku-1 400 abasebenzi basemayini iGold One’s Cooke, abathunyelelwe imilayezo komakhalekhukhwini betshelwa ukuthi bamisiwe emsebenzini.
View ArticleKubulawe umsebenzi emayini eNkaneng
Kutholakale umsebenzi wasemayini i-Anglo American Platinum (Amplats), ebulewe egqumeni elingasemikhukhwini iNkaneng, ePhotsaneng esifundazweni iNorth West.
View ArticleUhlasele umkakhe nge-acid
Indoda yaseJabulani eSoweto kusolakala ukuthi ibhunyele unkosikazi wayo nge-acid, ngesikhathi ithola ukuthi usefuna ukufaka incwadi yesehlukaniso.
View ArticleAmalungu e-ANC azoqondiswa izigwegwe
I-African National Congress e-Eastern Cape isinikwe igunya lokuqhubeka nohlelo lokuqondisa izigwegwe amalungu ayo aphazamisa umhlangano ngonyaka owedlule.
View ArticleBathi 'umoya omubi' ushise umuzi
Kushe umuzi wakwaNkosi elokishini iMbali, ngesikhathi bememe izihlobo nomakhelwane, bahlaba inkomo beqhuba umsebenzi obizwa ngoku’buyiswa’.
View ArticleSiboshiwe isangoma ebesimba ithuna
Isangoma nomshayeli waso bakhalelwe amasongo kaSigonyela ngezinsolo zokumba ithna emathuneni aseMmabatho, kusho amaphoyisa aseNorth West.
View ArticleKwaba yiphutha ukwamukela umsebenzi - Isikhulu
UMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal uthi incazelo oyitholile ngokusula kwesikhulu sase-Addington Hospital, uKobus Kotze, osanda kuqokwa, uthi wenza iphutha ngalo msebenzi.
View Article"Akuhluke ngalutho ukulungiswa kweNkandla"
Ukwakhiwa kwesithabathaba iZumaville, ezokwakhiwa eNkandla, la kuzalwa khona uMengameli uJacob Zuma, akusiyo into ehlukile kulokho okwejwayelekile okuvame ukwenzeka.
View ArticleAkube nokuthula ezimayini - Modise
UNdunankulu waseNorth West uThandi Modise usecele ukuthi kube nokuthula ezimayini, usho lokhu njengoba kuqhubeka izehlakalo zezimpi emayini i-Anglo American Platinum.
View ArticleAwaqinise isandla amaphoyisa - Intsha
Okungenani u-54% wabantu abasha bakuleli ucabanga ukuthi amaphoyisa kumele aqinise isandla uma ebhekene nabavukuzi abatelekile, kusho ucwaningo.
View ArticleUZuma ubonge othisha
UMengameli Jacob Zuma ubonge othisha ngendima abayidlalayo kwezemfundo nasekuthuthukiseni abantwana njengoba kubungazwa iWorld Teachers' Day.
View Article