Kuqalile ukukhishwa kwephilisi elilodwa le-HIV
Kuqalile ukusatshalaliswa kwephilisi elilodwa, elisebenza ukuthiba igciwane lesandulela ngculaza, liqala ukukhishwa eGa-Rankuwa, ePitoli.
View ArticleUMalema uphindela enkantolo
Labo abanikezwa igunya lokushaqa nokudayisa izimpahla zikaJulius Malema bazofaka isicelo enkantolo sokuthi lo owayengumholi we-ANCYL abekwe icala elisha.
View ArticleZilikhalele iphoyisa ngelokubulala
Iphoyisa laseDobsonville eladubula labulala intombazanyana, 11, ngonyaka odlule eSoweto liboshiwe, kusho i-Independent Police Investigative Directorate.
View ArticleUnogada wesitimela ubonakale eshaya umgibeli
Unogada wakwaMetrorail wathwetshulwa ngamakhamera ngesikhathi ehlasela umgibeli owabanjwa esitimeleni enganalo ithikithi, kusho umbiko wabezindaba.
View ArticleKudlwengulwe umfundi eSignal Hill
Umfundi ongowokudabuka eNorway udlwengulwe eSignal Hill eKapa ngempelasonto, ngesikhathi behlaselwa ngamadoda ahlomile nesoka lakhe, kusho umbiko.
View ArticleUphenyo luveze inkohlakalo e-E Cape
Uphenyo ngamaholo ezikhulu zikaMasipala waseMhlontlo seluveze ukuthi kwaxhashazwa izimali ezingalinganiselwa ezigidini zamarandi, kusho umbiko.
View ArticleZizodluliselwa emindenini izidumbu zamasosha
Zizodluliselwa emindenini izidumbu zamasosha ombutho wakuleli, ashona ngesikhath ikuphahlazeka indiza esiqiwini iKruger National Park, kusho abakwaSANDF.
View ArticleLiphume nobomvu ngoThatcher - Pallo Jordan
Ngesikhathi i-ANC ibhonga emswaneni namanye amazwe ngokushona kukaMargaret Thatcher, lowo oyilungu lesigungu esiphezulu eqenjini, uPallo Jordan ukujabulele ukushona kwakhe.
View ArticleNgiphoxekile ngokusho kweSadtu - Motshekga
Inyunyana yothisha iSadtu, ithi singukuphaphalaza isiphakamiso sokuthi ashiye isikhundla sakhe uNgqongqoshe woMnyango wezeMfundo eyisiSekelo u-Angie Motshekga.
View ArticleKuphambana inkulumo ngolwaseNkandla
UMnyango wezemiSebenzi yoMphakathi ukhulume okuphambene nokubikwe yiHhovisi loMvikeli woMphakathi uThuli Madonsela, ngalokho okuthinta umbiko ngomuzi waseNkandla.
View ArticleAsebuye wonke amasosha akuleli abeseCAR
Wonke amasosha aseNingizimu Afrika ayethunyelwe eCentral African Republic (CAR) asebuyisiwe, kusho okhulumela iSA National Defence Force (SANDF).
View ArticleIvele enkantolo ingane ngecala lokubulala
Umfanyana oneminyaka engu-11 ubudala osolwa ngokubulala omunye uvele eNkantolo yeMantshi yaseHumansdorp, kusho amaphoyisa ase-Eastern Cape.
View ArticleBazovela abasolwa ngokudayisa umhlaba eLenasia
Amadoda amabili asolwa ngokudayisa umhlaba waseLenasia nase-Ennerdale, kulindeleke ukuthi avele ngaphambi kweNkantolo ePhathelene nezeziMali eGoli.
View ArticleUdilikajele kowadlwengula owesifazane
Igwetswe udilikajele indoda elahlwe yicala lokudlwengula nokubamba inkunzi owesifaazane oneminyaka engu-56 ubudala, waseKutloanong, kusho amaphoyisa aseFree State.
View ArticleAsikho emthethweni isiteleka seSadtu - DA
Asikho emthethweni isiteleka sokuhudula izinyawo esithathwe ngamalungu enyunyana iSA Democratic Teachers' Union (Sadtu), kusho iDemocratic Alliance.
View ArticleIHhovisi likaMengameli ligxeka uJansen
IHhovisi likaMengameli selikugxekile ukukhuluma kukaSolwazi uJonathan Jansen, othe ingamanga imibiko ekhishwa ngaloyo owabe enguMengameli weZwe uNelson Mandela.
View ArticleUshe wangqongqa engozini eKapa
Indoda yaseWestern Cape ishe yangqongqa ngesikhathi kutholana phezulu iloli nemoto encane, ngaseRiversdale, kusho umbiko wamaphoyisa.
View ArticleUnikwe iminyaka eyishumi umkhwabanisi
INkantolo iDurban Commercial Crime Court, imgwebe iminyaka eyishumi ebhadla ejele, owesifazane waseThekwini ozivumele yena amacala angu-1 460, okukhwabanisa.
View ArticleKulimale 6 kuvela ingozi efemini
Kulimale abantu abayisithupha ngesikhathi kuba nokuqhuma efemini eseSpartan, eKempton Park, kusho abosizo lokuqala eGoli.
View ArticleAbendlu yobukhosi bathukile ngomshado wezitabane
Indlu yobuKhosi baKwaZulu, isizwakalise ukwethuka ngomshado wezitabani ezingamadoda, owenzeke edolobheni lakwaDukuza ngempelasonto.
View Article