Bachazwe 'njengabaphilayo' abasolwa ngelokubulala
Umngani wabasolwa abathathu kwabayisihlanu abasolwa ngokushaya babulale uBrett Williams ubachaze njengabantu abaqhamuka emindenini eqotho nabakhuliswe kahle.
View ArticleIKhomishana idingide ngokubulawa kwesangoma
IKhomishana kaFarlam idingide ngezinsolo ezithi amaphoyisa ayathinteka ekubulawerni kwesangoma esasigqihisa abavukuzi.
View ArticleKushone ababili besha nomjondolo
Kushone amadoda amabili ngesikhathi umjondolo wawo uthungeleka ngomlilo emijondolo yaseSkiet eButterworth, kusho amaphoyisa ase-Eastern Cape.
View ArticleUzohlolwa ingqondo owabulala usana
Owesifazane waseKempton Park usolwa ngokugwaza ngesikelo ephindelela usana lwakhe olusanda kuzalwa, kuphakanyiswe ukuthi ayohlolwa ingqondo.
View ArticleAyisizi ngalutho imibhikisho - Zille
Imibhikisho yokungahanjiswa kwentuthuko eyenziwa ngabahlali, ayisizi ngalutho, kusho uMholi weDemocratic Alliance uHelen Zille, ekhuluma eseSterkspruit, e-Eastern Cape.
View ArticleIyinkinga eyezincwadi ezikoleni - Ucwaningo
Ukushoda kwezincwadi kanye namagumbi okufundela yizona zinkinga ezikhungethe izikole, kusho ucwaningo lwakamuva olwenziwe ngabenkampani iPondering Panda.
View ArticleKubanjwe inkunzi imoto ethwala imali
Amaphoyisa asePitoli athi kubanjwe inkunzi imoto ethwala imali, esehlakalweni ekuthiwa sihlobene naleso esenzeke ePrimrose eGoli.
View ArticleBayavela kwelokubulawa komlandeli eThekwini
Kulindeleke ukuthi abasolwa abane kwabayisihlanu abasolwa ngokushaya babulale umlandeli webhola lombhoxo eThekwini bavele eNkantolo yeMantshi.
View ArticleNgifisa ashone ngokuthula uMandela - Jansen
Iphini likaShansela e-University of the Free State, uSolwazi Jonathan Jansen ukhulume ngempelasonto wathi usefisa ukuthi ashone loyo owabe enguMengameli uNelson Mandela.
View ArticleUzobambezeleka umbiko ngeNkandla - Madonsela
IHhovisi loMvikeli woMphakathi uThuli Madonsela lithi kuzothatha isikhathi ukuthi kuphothulwe uphenyo ngokulungiswa kabusha komuzi kaMengameli uJacob Zuma.
View ArticleZizofakwa endalini izimoto zeSilo
Izimoto zikanokusho abezisetshenziswa yiSilo samaBandla uGoodwill Zwelithini kanye nomdeni waso ngaphambilini zizodayiswa esidlangalaleni.
View ArticleUmhlomulo kozompimpa umbulali waseKing Edward
Amaphoyisa asekhiphe umehlokaboni ka-R15 000, ozonikwa loyo ongaba nolwazi ngomsolwa osebenza esibhedlela eThekwini, osolwa ngokudubula abulale uzakwabo.
View ArticleUmlando kushada izitabane kwaDukuza
Bekuphume nesinedolo ukuzobuka insambatheka yomshado wokuqala ngqa wabantu bobulili obufanayo edolobheni elincane laseStanger kwaDukuza, KwaZulu-Natal.
View ArticleUhlezi lubhojozi umphakathi yizigebengu
Ubusuku obupholile buphendule ubusuku bezimanga ngesikhathi abalisa, bengena esitolo esithengisa ukudla eMount Edgecombe ngempelasonto babamba inkunzi.
View ArticleAzohudula izinyawo amalungu eSadtu
Amalungu eSA Democratic Teachers Union azobe eshaya ngonyawo lonwabu ezweni lonke uma sekuvulwa izikole kuleli sonto, kusho inyunyana.
View ArticleKuyalelwe amakhansela ukuba ehle ezikhundleni
Izikhulu zikaMasipala waseMbizana ziyalelwe ukuba zibeke phansi amatomu zitshelwa ubuholi obuphezulu be-African National Congress, kusho inhlangano esifundazweni.
View ArticleLimthethile icala usolwazi waseMangosuthu
Limthethile icala uSolwazi u-Aaron Ndlovu owabe eyinhloko esikhungweni iMangosuthu University of Technology, nowake wasolwa ngokuzicebisa yena.
View ArticleIzingozi zePhasika zibulale 241 kuleli
Izibalo zokuqala ziveze ukuthi kwashona okungenani abantu abangu-241 ezingozini zomgwaqo ngamaholidi ePhasika, kusho uNgqongqoshe wezokuThutha.
View ArticleLihlehlile elokudlwengula nokubulawa kwengane
Lihlehlile icala likaStrike Paulos Thulare, osolwa ngokudlwengula abulale ingane encane yentombazane, umsolwa uvele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseGa-Rankuwa,
View ArticleKumele kuphephe ezinkundleni - Sibhida-Saphetha
Kumele kuqiniswe kakhulu ezokuphepha ezinkundleni zezemidlalo, kusho uNgqongqoshe woMnyango wezemidlalo KwaZulu-Natal uNtombikayise Sibhida-Saphetha
View Article